Ngo-2018
Thola Ukwazi Yena Kanye Nomndeni Wakhe
NgoFebruwari 2018


Imigomo yokufundisa Ngokuvakashelana, Februwari 2018

Thola Ukwazi Yena Kanye Nomndeni Wakhe

Ukufundisa ngokuvakashelana ukwazi futhi uthande udade ngamunye ukuze sizosiza ekuqiniseni ukholo lwakhe futhi simusize.

Ukholo • Umndeni • Insizakalo

URita Jeppeson nothisa wakhe omvakashelayo sebengabangani abakhulu njengoba bevakashelana bexoxisane ngemigomo yevangeli. Kepha ukuvakashelana kwabo kuhambisana nokudlala imidlalo yamagama ndawonye. Yilokho akuthanda kakhulu uRita ngothisha wakhe omvakashelayo ngoba uyazi ukuthi bangabangani futhi ukuvakasha kwakhe akukona okokuthi abhale ukuthi ukwenzile. Ziningi izinto odade abangazenza ngesikhathi bevakashelene, njengokuthatha uhambo ndawonye noma ukususa ukhula engadini ngesikhathi izingane zidlala.

Igosa uJeffrey R. Holland womGwamanda wabaliShumi namBili wathi, “Ziboneni njengezithunywa zeNkosi kwabantwana Bakhe. … Siyethemba ukuba … nizoqala inkathi yokukhathalela amalunga ngeqiniso, futhi ngokwevangeli, yokubhekelelana nokunakekelana, yokulungisa izidingo ngokomoya nangokwemvelo nganoma iyiphi indlela ezoba usizo.”1

INkosi yasebenzisa uMose ukuyala abantwana bakwa-Israyeli ukuba “umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengoba uzithanda wena” (Levitikusi 19:34). Odade esibafundisa ngokuvakashelana bengaba “abafokazi” ngesikhathi siqala umsebenzi wethu, kepha ngesikhathi siqala ukumazi kanye nomndeni wakhe, isifiso sethu soku “thwalisana imithwalo omunye nomunye” nokuba “nezinhliziyo ezihlanganiswe ndawonye ebunyeni kanye nasothandweni omunye komunye” sizokhula (Mosiya 18:8, 21).

UReyno I. Aburto, uMeluleki wesiBili kubuMongameli Jikelele beNhlangano yokuSiza yabesiFazane, ukhumbula ngesikhathi eyilunga elisha leBandla esanda kuhlukanisa umshado. Wathi, “othisha abangivakashelayo beza ekhaya lami, baletha imizwa efudumele yokwamukelwa nothando enhlizwyeni yami.”2

Cabanga Ngalokhu

Emndenini yodade obafundisa ngokuvakashelana, yiziphi izehlakalo okumele uziqaphele futhi uzikhumbule?

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Jeffrey R. Holland, “Emissaries to the Church,” Liahona, Nov. 2016, 62.

  2. Reyna I. Aburto, “What Has Relief Society Been for Me?” Brigham Young University Women’s Conference, May 5, 2017, LDS.org.

Shicilela