Ngo-2022
Uthando LukaNkulunkulu Ohlelweni lukaBaba
NgoMeyi 2022


“Uthando LukaNkulunkulu Olusohlelweni lukaBaba,” iLiyahona ngoMeyi 2022.

UMyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona yangoMeyi 2022

Uthando LukaNkulunkulu Ohlelweni lukaBaba

Okucashuniwe

Isithombe
izintaba ezikhuphuka emafwini

EBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina elibuyiselwe, sinokuqonda okwehlukile ngesu likaBaba wethu oseZulwini. Lokhu kusinika indlela eyehlukile yokubuka inhloso yempilo yasemhlabeni, isahlulelo sikaNkulunkulu esilandela leyo nhloso, kanye nesidalelwe kona okukhazimulayo kwabo bonke abantwana bakaNkulunkulu. …

… Imfundiso eyambuliwe yeBandla likaJesu Kristu elibuyiselwe ifundisa ukuthi bonke abantwana baNkulunkulu—ngaphandle kwabambalwa kakhulu—bayogcina bephelele embusweni wenkazimulo. …

… Omkhulu kunayo yonke imibuso ukuphakanyiswa embusweni wesilestiyali, lapho singafana khona noBaba wethu kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu. …

… Umsebenzi weBandla elibuyiselwe wukusiza bonke abantwana baNkulunkulu baphumelele kulokho uNkulunkulu akufisayo abadalelwe kona. …

Okubalulekile kithi yisambulo sikaNkulunkulu sokuthi ukuphakanyiswa kungazuzwa kuphela ngokwethembeka ezivumelwaneni zomshado waphakade phakathi kowesilisa nowesifazane. Leyo mfundiso evela kuNkulunkulu iyisizathu sokuba sifundise ukuthi “ubulili buyisimilo esibalulekile kakhulu somuntu ngamunye empilweni eyandulela eyase emhlabeni, neyase mhlabeni nezayo ngokunjalo nenhloso” [“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org]. …

… Siyaqinisekisa ukuthi isimemezelo somndeni, esisekelwe yimfundiso engenakuguqulwa, sichaza uhlobo lobudlelwane bomndeni lapho ukukhula kwethu okubalulekile okuyingxenye yaphakade kungenzeka khona. …

… Kufanele sifune ukwabelana nabanye ngalamaqiniso aphakade. Kodwa ngenxa yothando esinalo lwabo bonke omakhelwane bethu, siyazemukela izinqumo zabo ngaso sonke isikhathi. Njengoba umprofethi weNcwadi kaMormoni afundisa wathi, kufanele siphikelele phambili, “sinothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke” [2 Nefi 31:20].

Shicilela