Ngo-2022
Ukunganyakaziseki Ezivunguvungwini
NgoMeyi 2022


“Ukunganyakaziseki Ezivunguvungwini,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoMeyi 2022.

UMyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona yangoMeyi 2022

Ukunganyakaziseki Ezivunguvungwini

Okucashunyiwe

Isithombe
isibani solwandle

Kithina esizikhathazayo ngathi nangalabo esibathandayo, kunethemba kwisethembiso uNkulunkulu asenzile sendawo yokuphepha ezivunguvungwini ezizayo. …

Amazwi eNkosi uBenjamini ayasebenza kithi nasezinsukwini zamanje. …

Wamema abantu bakhe kanye nathi ukuba sakhele phezu kwedwala okuyilo kuphela eliqinisekile lokuphepha, elinguMsindisi. Wakwenza kwacaca ukuthi sikhululekile ukuzikhethela phakathi kokulungile nokungalungile nokuthi ngeke siyigweme imiphumela yezinqumo zethu. …

Imvelo yethu iyashintsha ibe njengeyomntwana omncane, elalela uNkulunkulu futhi enothando olukhulu. Lolo shintsho luzosenza siphumelele ukujabulela izipho eziza ngoMoya oNgcwele. Ukuba nomhlobo onguMoya kuzosiduduza, kusiqondise, futhi kusiqinise.

Uma kufika izivunguvungu empilweni, ungaqina ngoba umi edwaleni lokholo lwakho olukuJesu Kristu. Lolo kholo luzokuholela ekuphendukeni kwansuku zonke kanye nokugcinwa kwesivumelwano okungaguquki. Ngakho-ke uyohlala Umkhumbula. Futhi phakathi kwezivunguvungu zenzondo nobubi, uzozizwa unganyakaziseki futhi unethemba. …

… Njengomntwana omnene futhi onothando, yamukela usizo Lwakhe. Yenza futhi ugcine izivumelwano Azinikezayo eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Zizokuqinisa. UMsindisi uyazazi izivunguvungu kanye nezindawo zokuphepha endleleni eya ekhaya Kuye kanye nakuBaba wethu oseZulwini. Uyayazi indlela. Uyindlela.

Shicilela