Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Agasti 26–Septhemba 1: “Idwala elinguMkhululi Wethu.” UHelamani 1–6


“Ngo-Agasti 26–Septhemba 1: ‘Idwala elinguMkhululi Wethu.’ UHelamani 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Agasti 26–Septhemba 1. UHelamani 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
amagagasi aphahlazeka emadwaleni

Ngo-Agasti 26–Septhemba 1: “Idwala elinguMkhululi Wethu”

UHelamani 1–6

Incwadi kaHelamani ibhala ngokunqoba kanye nezinhlekelele phakathi kwamaNefi namaLamani. Iqala “ngenkinga enkulu phakathi kwabantu bamaNefi” (uHelamani 1:1), futhi ubunzima bulokhu bufika kuwona wonke umbhalo. Lapha sifunda ngezombangazwe, iqembu labaphangi, ukuphikwa kwabaprofethi, nokuzazisa nokungakholwa ezweni lonke. Kodwa futhi sithola izibonelo ezinjengoNefi noLehi kanye “nengxenye yabantu abathobekile,” abangagcinanga ngokusinda kodwa bachuma ngokomoya (uHelamani 3:34). Bakwenza kanjani na? Bahlala kanjani beqinile ngenkathi impucuzeko yabo iqala ukwehla futhi iphela? Ngendlela efanayo nale esetshenziswa unoma ngubani ukuze ahlale eqinile “esivunguvungwini esinamandla” usathane asithumela ukuba “sishaye phezu [kwethu]”—singakha izimpilo zethu “phezu kwedwala elinguMkhululi wethu, onguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, … isisekelo uma abantu bakhela kuso bengenakuwa” (uHelamani 5:12).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UHelamani 1–6

Ukuziqhenya kuyangihlukanisa noMoya namandla kaNkulunkulu.

Ngesikhathi ufunda uHelamani 1–6, kungenzeka ubone isifanekiso endleleni amaNefi aziphatha ngayo. Lapho belungile, uNkulunkulu uyababusisa, futhi bayaphumelela. Ngemva kwesikhathi, babeziqhenya futhi babe babi, benze izinqumo eziholela ekubhujisweni nasekuhluphekeni. Bese beyathotshiswa futhi baphefumulelwe ukuba baphenduke, futhi uNkulunkulu uyababusisa. Lesi sifanekiso siyaziphindaphinda kaningi kangangokuthi abanye basibiza ngokuthi “umjikelezo wokuziqhenya.”

Isithombe
umjikelezo wokuziqhenya

“Umjikelezo wokuziqhenya”

Bheka izibonelo zalomjikelezo njengoba ufunda uHelamani 1–6. Nansi imibuzo ezokusiza uqonde lesifanekiso:

  • Yibuphi ubufakazi bokuziqhenya obubona phakathi kwamaNefi? (bheka, isibonelo, uHelamani 3:33–34; 4:11–13). Ngabe uyabubona ubufakazi obufanayo bokuziqhenya kuwena na?

  • Ngabe yini imiphumela yokuziqhenya nobubi na? (bheka uHelamani 4:23–26). Ngabe yini imiphumela yokuthobeka nokuphenduka na? (bheka uHelamani 3:27–30, 35; 4:14–16).

  • Yiziphi izinto uHelamani ayefuna amadodana akhe azikhumbule na? (bheka uHelamani 5:4–12). Ngabe ukukhumbula lamaqiniso kungakusiza ngaziphi izindlela ugweme ukuzazisa na?

UHelamani 3:24–35

Ukholo kuKristu lugcwalisa umphefumulo wami ngenjabulo.

Esahlukweni uHelamani 3, uMormoni wachaza isikhathi sokujabula lapho iBandla laliphumelela futhi libusiswa kangangokuthi ngisho nabaholi bamangala. Uma ubheka kulokho okufundile emavesini 24–32, ucabanga ukuthi yini eyaholela kuleso simo senjabulo? Akuwona wonke amalungu aqhubeka enjabulweni. Qaphela umehluko phakathi kwabantu abachazwe emavesini 33–35. Ufundani ngesibonelo sabo na?

Bheka ukuthi kusebenza kanjani kuwe. Umprofethi uMormoni wasebenzisa inkulumo ethi “ngalendlela siyabona” ukuze agcizelele amaqiniso abalulekile ngesikhathi efinyeza iNcwadi kaMormoni. Izibonelo, ngabe yini ayefuna siyibone kuHelamani 3:27–30 na? Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, ungase ume ngezikhathi ezithile ukuze uqedele umusho othi “ngalendlela siyabona” mayelana nalokho okufundile.

UHelamani 5:6–7

Ngiyakwazi ukuhlonipha igama loMsindisi.

Ukufunda uHelamani 5:6–7 kungakufaka ugqozi lokuthi ucabange ngamagama onikezwe wona, kanye namagama omndeni. Ngabe asho ukuthini lamagama kuwe? Ungawahlohipha kanjani na? Okubaluleke kakhulu, cabanga ngokuthi kusho ukuthini ukubizwa ngegama loMsindisi (bheka uMoroni 4:3). Ulihlonipha kanjani lelogama elingcwele na?

UHelamani 5:12–52

Isithombe
seminary icon
Uma ngenza uJesu Kristu isisekelo sami, angeke ngiwe.

Kusho ukuthini kuwe “ukwakha isisekelo sakho” “edwaleni elinguMkhululi wethu” na? (UHelamani 5:12). Ukuthole kanjani ukuphepha ezivunguvungwini zempilo kuJesu Kristu na? Njengoba ufunda uHelamani 5:12–52, qaphela ukuthi uNefi kanye noLehi babusiswa kanjani ngokwakha ukholo lwabo edwaleni loMhlengi wabo.

Abanye abantu bakuthola kusiza ukubona ngeso lengqondo lokho abakufundayo. Ukuveza uHelamani 5:12, ungakha isakhiwo esincane ezinhlobeni ezahlukene zezisekelo. Ungadala “isiphepho esikhulu” ngokufafaza amanzi kuso futhi usebenzise isiphephetha-moya ukuze udale umoya. Ngabe lokhu kukunika luphi ulwazi mayelana nokwakha isisekelo sakho kuJesu Kristu? ­ ­

Ivesi 50 likhuluma “ngobukhulu bobufakazi” amaLamani abuthola. Ukufunda uHelamani 5:12–52 kungaletha engqondweni yakho ubufakazi uNkulunkulu akunike bona. Isibonelo, mhlawumbe “ukunyenyeza” okuvela kuMoya kuqinise ukholo lwakho kuMsindisi (uHelamani 5:30; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 88:66). Noma mhlawumbe uke waba sebumnyameni futhi wakhala kuNkulunkulu ngokukholwa okukhulu (bheka uHelamani 5:40–47). Ngabe yiziphi ezinye izehlakalo ezikusize ukuthi wakhe isisekelo sakho kuJesu Kristu na?

­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye noeFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

UHelamani 3:24, 33–34; 4:11–15

UBaba oseZulwini ufuna ngithobeke.

  • Cabanga ukumema abantwana bakho ukuthi badwebe inguqulo yabo “yomjikelezo wokuziqhenya,” ngokusekelwe umdwebo ongenhla. Bese, njengoba nifunda ndawonye uHelamani 3:24, 33–34 kanye no4:11–15, bangakhomba izingxenye zomjikelezo ezichazwayo kulamavesi. Singakhetha kanjani ukuzithoba—futhi sihlale sinjalo?

UHelamani 5:12

Ngizokwakha isisekelo sami kuJesu Kristu.

  • Cabanga ngokusebenzisa isithombe sethempeli ukuqala ingxoxo yokuthi kungani izakhiwo zidinga izisekelo eziqinile. Noma ungabheka isisekelo sendlu yakho noma isakhiwo seBandla. Ukuze ugcizelele ukuqina kwesisekelo esiqinile, abantwana bakho bangazama ukunyakazisa idwala ngokuliphephetha. Njengoba nifunda ndawonye uHelamani 5:12, buza abantwana bakho ukuthi kungani uJesu Kristu “eyisisekelo esiqinile” sezimpilo zethu. Singazakha kanjani izimpilo zethu Kuye? (bheka uHelamani 3:27–29, 35 kanye ImiBhalo yoKholo 1:4).

  • Mema abantwana bakho bakhe umbhoshongo ngokusebenzisa amabhulokhi noma ezinye izinto eziyizinhlobo ezahlukene zezisekelo (njengamabhola kakotini noma itshe eliyisicaba). Ngabe isisekelo esiqinile sifana kanjani noJesu Kristu na? Bangakwazi ukwengeza ibhulokhi esakhiweni ngombono ngamunye ababelana ngawo ngalokho abangakwenza ukuze bamlandele.

UHelamani 5:21–52

UMoya oNgcwele uyanyenyeza ngezwi elipholile, nelincane.

  • Izwi elichazwe kuHelamani 5:29–30, 45–47 lisifundisa indlela eyodwa uMoya oNgcwele okhuluma ngayo nathi. ­ Uma ukhuluma ngezwi abantu abalizwa, khuluma ngezwi elithambile. Iphinde lendaba izikhathi ezimbalwa, bese umema abantwana ukuthi bahlebe nawe. Basize bacabange ngezinye izindlela uMoya oNgcwele ongakhuluma ngazo nathi. ­, .

UHelamani 5:20–52

Ukuphenduka kufaka ukukhanya esikhundleni sobumnyama obungokomoya.

  • Ukugcizelela lokho uHelamani 5:20–41 akufundisayo ngobumnyama nokukhanya, zama ukufunda noma ukufingqa lamavesi ebumnyameni, usebenzisa ukukhanya kwethoshi kuphela. Abantwana bakho bangalalela bathole lokho abantu okwakudingeka ukuthi bakwenze ukuze ubumnyama bususwe. Bese ukhanyisa izibani, futhi nifunde amavesi 42–48 ndawonye. Ngabe lamavesi asifundisani ngokuphenduka na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

Isithombe
UNefi noLehi ejele

Ngisho nasetilongweni, uNefi kanye noLehi babevikelwe ngamandla kaNkulunkulu.

©The Book of Mormon for Young Readers, Nephi and Lehi Encircled by a Pillar of Fire [UNefi noLehi Bazungezwe yiNsika yoMlilo], nguBriana Shawcroft; akuvunyelwa ukukopishwa

Shicilela