Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 9–15: “Izindaba Ezimnandi Zokuthokoza Okukhulu.” uHelamani 13–16


“ngoSepthemba 9-15: ‘Izindaba Ezimnandi Zokuthokoza Okukhulu.’ Helamani 13–16:” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoSepthemba 9–15. Helamani 13–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
USamuweli umLamani efundisa odongeni.

Samuel the Lamanite on the Wall [USamuweli umLamani Odongeni], ngu-Arnold Friberg

NgoSepthemba 9–15: “Izindaba Ezimnandi Zokuthokoza Okukhulu.”

uHelamani 13–16

Okokuqala uSamuweli umLamani ezama ukwabelana “[nge]zindaba ezimnandi” eZarahemla (uHelamani 13:7), waxoshwa futhi wakhishelwa ngaphandle ngamaNefi ayenezinhliziyo ezilukhuni. Ungase uthi kwakungathi bakhe udonga olungangeneki olwaluzungeze izinhliziyo zabo olwaluvimba ukuba bawemukele umyalezo kaSamuweli. USamuweli wayekuqonda ukubaluleka komyalezo ayewuphethe futhi wakhombisa ukholo ngokulandela umyalelo kaNkulunkulu “ wokuthi kufanele abuyele futhi , futhi aphrofethe” (uHelamani 13:3). NjengoSamuweli, sonke sihlangabezana nezindonga ngesikhathi “[silungisa] indlela yeNkosi” (uHelamani 14:9) sizama ukulandela abaprofethi. Futhi njengaye uSamuweli, nathi sifakaza ngoJesu Kristu, “ozoza nakanjani,” futhi simema bonke ukuba “bakholwe egameni lakhe” (uHelamani 13:6; 14:13). Akuwona wonke umuntu ozolalela, futhi abanye bangase basiphikise ngentshisekelo. Kepha labo abakholelwa kulomyalezo ngokholo kuKristu bathola ukuthi ngempela kuwumyalezo “wezindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu” (uHelamani 16:14).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uHelamani 13

INkosi inika izexwayiso ngabaprofethi Bayo.

Emibhalweni engcwele, abaprofethi ngezinye izikhathi bafaniswa nabalindi phezu kodonga noma embhoshongweni bexwayisa ngengozi (bheka u-Isaya 62:6; uHezekeli 33:1–7). Njengoba ufunda amazwi kaSamuweli kuHelamani 13, cabanga ukuthi ufana kanjani nomlindi wakho. Wathini ngalokho okubonakala kuhambisana nezinsuku zethu? (Bheka ikakhulukazi amavesi 8, 21–22, 26–29, 31 no 38). Isibonelo, wafundisani uSamuweli ngokuphenduka? ngentobeko nengcebo? ngokufuna injabulo “ngokwenza okubi”?

Ungafuna futhi imiyalezo yengqungquthela yakamuva enezexwayiso ezifana nalezi iNkosi ezinikile ngabaprofethi banamuhla. Ngabe uzizwa unentshisekelo yokwenzani ngalezi zexwayiso na?

Bheka isifanekiso. Isifanekiso wuhlelo noma yisibonelo esingasetshenziswa njengomhlahlandlela wokufeza umsebenzi. Emibhalweni engcwele, sithola izifanekiso ezikhombisa ukuthi iNkosi iwufeza kanjani umsebenzi Wayo, njengokuthumela izinceku zayo ukuba zizoxwayisa abantu.

Isithombe
umndeni ubuka ingqungquthela jikelele

Njengoba silalela abaprofethi, bazosikhomba kuJesu Kristu

uHelamani 13–15

Isithombe
seminary icon
INkosi ingimema ukuba ngiphenduke.

Izexwayiso zikaSamuweli ngezahlulelo zikaNkulunkulu ngazo zonke izikhathi zazibandakanya isimemo somusa sokuphenduka. Zibheke lezi zimemo ngesikhathi ufunda kuHelamani 13–15 (bheka ikakhulukazi uHelamani 13:6– 11; 14:15–19; 15:7–8). Ufundani kulamavesi ngokuphenduka na? Abanye abantu babuka ukuphenduka njengesijeziso esinonya—nokuyinto yokugwenywa. Ngokubona kwakho,uSamuweli wayefuna akubuke kanjani ukuphenduka amaNefi?

­ ­ ­ ­ Ngabe uMoya oNgcwele ukutshela ukuthi udinga ukuba ushintsheni na? Cabanga ngokubhala phansi isambulo sakho siqu ositholayo.

Kuhluke kanjani ukuphenduka nokushintsha ukuziphatha kwakho nje? Kungani kubalulekile ukwamukela isimemo sikaNkulunkulu sokuphenduka na? ­

uHelamani 14; 16:13–23

UNkulunkulu wathumela izimpawu nezimangaliso ukufakaza ngokuzalwa nokufa kukaMsindisi.

KuHelamani 14, uSamuweli wachaza ukuthi iNkosi yanikeza izimpawu zokuzalwa nokufa kukaMsindisi ukuze abantu “bazi … ngokuza kwakhe” futhi “bakholwe egameni lakhe” (Helamani 14:12). Njengoba ufunda uHelamani 14, qaphela izimpawu zokuzalwa kukaMsindisi emavesini 1–8 nezimpawu zokufa kwakhe emavesini 20–28. Ubona ukuthi kungani lezi zimpawu zingaba yizindlela ezifanele zokukhombisa ukuzalwa nokufa kukaMsindisi na?

Ezinye izimpawu zomuntu siqu ezingasusi madlingozi zingakusiza “ukholwe egameni [likaMsindisi].” Wenzeni ukuqinisa ukukholwa kwakho Kuye?

Yisiphi isiqapheliso esinikezwayo mayelana nezimpawu kuHelamani 16:13–23? Ungasigwema kanjani isimo sengqondo sabantu abachazwe kulamavesi?

Bheka futhi u-Alima 30:43–52

uHelamani 15:3

Ukujeziswa okuvela eNkosini kuwuphawu lothando Lwayo.

Amazwi kaSamuweli aqukethe isijeziso esinzima, kodwa uHelamani 15:3 usinika ukubona kokujeziswa okuvela eNkosini. Ukujeziswa okuvela eNkosini kungaba kanjani wuphawu lothando Lwayo na? Yibuphi ubufakazi obubonayo bothando nomusa weNkosi eziprofethweni nasezexwayisweni zikaSamuweli na?

­ Umbone nini uNkulunkulu esebenza ngalezi zindlela empilweni yakho na?

uHelamani 16

Abaprofethi bangikhomba kuJesu Kristu.

KuHelamani 16, ufundani kulabo abazamukela izimfundiso zikaSamuweli? Ufundani kulabo abazenqaba na? Cabanga ukuthi ukulandela abaprofethi abaphilayo kukusize kanjani ukuba usondele kuJesu Kristu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye noeFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uHelamani 13:2–5

UNkulunkulu angakhuluma nami enhliziyweni yami.

  • Ungabafundisa kanjani abantwana bakho ukuthi uNkulunkulu angakhuluma ezinhliziyweni zethu, njengoba enzela uSamuweli na? Mhlawumbe ungabacela ukuthi bakukhombise izindlela ezahlukene zokuxhumana ngaphandle kwamagama (njengokunyakazisa izandla noma ukusho okuthile ngobuso). Lokhu kungaholela engxoxweni emayelana nezindlela ezahlukene uBaba oseZulwini akhuluma ngazo nathi. Njengengxenye yalengxoxo, wena nabantwana bakho ningabuka izithombe zikaSamuweli umLamani (lesi sifundo sinezimbili) bese nifunda uHelamani 13:2–5 ngesikhathi abantwana belalele uNkulunkulu etshela uSamuweli ukuthi athini.

  • Iningi lethu—ikakhulukazi ababntwana—badinga usizo lokufunda ukubona ukuthi uNkulunkulu ukhuluma kanjani futhi nini nathi. Ungaxoxela abantwana bakho ngesikhathi lapho uMoya oNgcwele wakusiza wazi enhliziyweni yakho lokho uNkulunkulu ayefuna ukwenze noma ukusho. Chaza ukuthi wazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wayekhuluma nawe. Mhlawumbe abantwana bakho bangabelana futhi nganoma yikuphi okufanayo asebedlule kukho.

Helamani 14:2–7, 20–25

Abaprofethi Bafundisa ngoJesu Kristu.

  • ­ ­ Wafundisani uSamuweli ngoMsindisi na? Mhlawumbe nawe ungabelana ngalokho abaprofethi bamanje abakufundisayo Ngaye. Alwakha kanjani ukholo lwethu Kuye amazwi abo?

Helamani 16:1–6

Ngibusisiwe lapho ngilandela abaprofethi.

  • Ungakha ukholo lwabantwana bakho kumprofethi ngokubabonisa izibonelo zabantu ababethembekile. Ezinye zalezi zitholakala kuHelamani 16:1, 5. Ngesikhathi ufunda, abantwana zakho bangasukuma uma bezwa into eyenziwa abantu lapho bekholwa amazwi kaSamuweli. Manjalo lapho ufunda amavesi 2 no 6, abantwana bakho bangahlala phansi uma bezwa into eyenziwa ngabantu ngesikhathi bengakholwa. Singabonisa kanjani ukuthi siyawakholwa amazwi omprofethi ophilayo na? Tshela abantwana ukuthi ubusiswe kanjani njengoba ulandela iseluleko seNkosi ngabaprofethi Bayo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

Isithombe
uSamuweli umLamani

Samuel the Lamanite [uSamuweli umLamani], nguLester Yocum

Shicilela