Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 2–8: “Ukukhumbula iNkosi.” uHelamani 7–12


“NgoSepthemba 2–8: ‘Ukukhumbula iNkosi.’ uHelamani 7–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“ngoSepthemba 2–8. uHelamani 7–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UNefi ekhuleka embhoshongweni wasengadini

Illustration of Nephi in a garden tower [Umfanekiso kaNefi Esembhoshongweni Wasengadini], nguJerry Thompson

NgoSepthemba 2–8: “Ukukhumbula iNkosi”

uHelamani 7–12

Uyise kaNefi, uHelamani, wayewancengile amadodana akhe ethi “khumbulani, khumbulani.” Wayefuna akhumbule okhokho bawo, akhumbule amazwi abaprofethi, futhi okubaluleke kakhulu, akhumbule “uMkhululi wethu, onguKristu” (bheka kuHelamani 5:5–14). Kuyacaca ukuthi uNefi wayekhumbula, ngoba yiwo lona umyalezo awudlulisa kubantu ngemva kweminyaka “ngokungakhathali” (Helamani 10:4). “Ngabe nimkhohlwe kanjani uNkulunkulu wenu?” kwabuza yena (Helamani 7:20). Yonke imizamo kaNefi––eshumayela, ekhuleka, enza izimangaliso, futhi enxusa uNkulunkulu ngendlala––kwakuyimizamo yokusiza abantu babuyele kuNkulunkulu futhi Bamkhumbule. Ngezindlela eziningi, ukukhohlwa wuNkulunkulu kuyinkinga enkulu kunokungamazi Yena. Ngezindlela eziningi, ukumkhohlwa uNkulunkulu yiyona nkinga enkulu ngisho kunokungamazi, futhi kulula ukumkhohlwa lapho imiqondo yethu iphazanyiswe “[yizinto] eziyize zalomhlaba” futhi ifiphaziswe yisono (uHelanami 7:21; bheka futhi uHelamani 12:2). Kodwa, njengoba ubufundisi bukaNefi busikhombisa, asikaze siphele isikhathi sokukhumbula futhi “[niguqukele] eNkosini uNkulunkulu wenu” (uHelamani 7:17).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uHelamani 7–11

Isithombe
seminary icon
Abaprofethi bembula intando kaNkulunkulu kubantu.

Incwadi kaHelamani 7–11 yindawo ekahle kakhulu yokufunda ngalokho okwenziwa abaprofethi. Ngesikhathi ufunda kulezi zahluko, naka izenzo nemicabango kaNefi, kanye nokwenzelana kwakhe neNkosi. Ngabe bukusiza kanjani ubufundisi bukaNefi ukuba uqonde indima yabaprofethi na? Nazi izibonelo ezimbalwa. Yikuphi okunye okutholayo?

Ngokusekelwe yilokho okufundile,ungamchaza ngokuthi uyini futhi wenzani umprofethi na? Cabanga ngokubhala incazelo emfushane. Bese ubona ukuthi yini ongayengenza encazelweni yakho ngemuva kokufunda okubhaliweyo ngesihloko esithi “Umprofethi” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (uMthombo Wolwazi lweVangeli).

Ngabe uqaphele yini ukuthi uNefi wayenesibindi kangakanani encwadini kaHelamani 7:11–29? Kungani kwezinye izikhathi ubona sengathi abaprofethi badinga ukukhuluma ngesibindi njengoba kwenza uNefi? ­

Ngawowonke lamaqiniso onawo emqondweni wakho zindla ngokuthi iNkosi ikubusise kanjani ngomsebenzi wabaprofethi. Ngabe ukufundiseni kamuva nje ngomprofethi wethu ophilayo na? Yikuphi okwenzayo ukulalela nokulandela isiqondiso seNkosi na?

­

Helamani 9; 10:1, 12–15

Ukholo lwami kuJesu Kristu kufanele lwakhelwe kokungaphezulu kwezibonakaliso nezimangaliso.

Uma izibonakaliso noma izimangaliso bezanele ukuguqula inhliziyo yomuntu, ngabe wonke amaNefi aguqulwa yizibonakaliso ezimangalisayo uNefi azenza encwadini kaHelamani 9. Kodwa lokho akwenzekanga. Qaphela izindlela ezahlukahlukene abantu abasabela ngazo kulezi zimangaliso encwadini kaHelamani 9–10. Isibonelo, ungaqhathanisa izimpendulo zamadoda amahlanu nabehluleli abakhulu abayisihlanu kuHelamani 9:1–20 (bheka futhi encwadini kaHelamani 9:1–20; 10:12–15). Ufundani kulokhu okwenzekayo mayelana nendlela yokwakha ukholo lwakho kuJesu Kristu?

Bheka futhi encwadini ka-3 Nefi 1:22; 2:1–2.

uHelamani 10:1–12

INkosi ibanika amandla abantu abafuna intando Yayo nabazama ukuyigcina imiyalelo Yayo.

Njengoba ufunda kuHelamani 10:1–12, qaphela lokho uNefi akwenza ukuze azuze ukwethenjwa yiNkosi. Wakhombisa kanjani ukuthi wayefuna intando yeNkosi kunokufuna eyakhe na? Ngabe kukufaka ugqozi lokuthi wenzeni adlula kukho uNefi na?

uHelamani 10:2–4

Ukuzindla ngezwi likaNkulunkulu kumema ukwambulelwa.

Lapho uzizwa ucindezelekile, ukhathazekile, noma udidekile, ungafunda isifundo esibalulekile ngesibonelo sikaNefi kuHelamani 10:2–4. Wenzani lapho ezwa “ekhathazekile” na? (ivesi 3).

UMongameli uHenry B. Eyring wachaza ethi, “Ngesikhathi sizindla, simema ukwembulelwa nguMoya” (“Serve with the Spirit,” iLiyahona, ngoNovemba 2010, 60). Ungawuqala kanjani umkhuba wokudlinza na?

uHelamani 12

INkosi ifuna ngiYikhumbule.

Ulukhumbula kanjani ulwazi olubalulekile–njengosuku lokuzalwa lwelungu lomndeni noma lolwazi lokuvivinywa na? Kufana kanjani lokhu nomzamo odingekayo ukuze “sikhumbule iNkosi” na? uHelamani 12:5. Kuhluke kanjani?

UHelamani 12 uchaza izinto eziningana ezenza abantu bayikhohlwe iNkosi. Mhlawumbe ungabhala uhlu lwazo futhi uzindle ngokuthi ngabe ziyakuphazamisa yini ukuba ugxile Kuye. Yini ekusiza ukuba umkhumbule uJesu Kristu? Ngabe yikuphi onentshisekelo yokuba ukwenze ngokusekelwe yilokho okufundile na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.

Sebenzisa ukufunda ngezinto ezibonakalayo. UMsindisi wayevame ukuhlobanisa imigomo yevangeli nezinto zansukuzonke abantu ababezazi. Ngesikhathi ufunda noma ufundisa uHelamani 12:1–6, ungaqhathanisa “ukungaqini … kwabantu” nendlela esizizwa ngayo sizama ukuma ngomlenze owodwa. Ngabe singahlala kanjani siqinile ngokomoya na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye noeFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uHelamani 7:20–21

INkosi ifuna ngiYikhumbule.

  • Ukuqala ingxoxo ngokukhumbula iNkosi, ungatshela abantwana bakho mayelana nesikhathi lapho ukhohlwe khona okuthile. Bavumele nabo babelane ngasebehlangene nakho okufanayo. Manjalo ningafunda ndawonye u-Alima 7:20–21 bese ubuza abantwana bakho ukuthi bacabanga ukuthi kuchazani ukukhohlwa nguNkulunkulu. Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba izithombe zezinto ezingasenza sikhohlwe yiNkosi bese zisebenzisa imidwebo yabo ukumboza isithombe sikaJesu. Manjalo bangacabanga ngezinto abangazenza ukuMkhumbula. Njengoba babelana ngemicabango yabo, bangasusa imidwebo ngamunye ngamunye size sembuleke isithombe sikaMsindisi.

uHelamani 8:13–23.

Abaprofethi bafakaza ngoJesu Kristu.

  • Siza abantwana bakho babheke kuHelamani 8:13–23 ukuze bathole amagama abaprofethi ababefundisa ngoJesu Kristu. Mhlawumbe bangadlulisa isithombe sikaJesu Kristu ngaso sonke isikhathi uma belithola. Ngabe ufundise ukuthini umprofethi wethu ophilayo ngoMsindisi na?

  • ­ ­ ­ Ngabe kusiholele kanjani kuJesu Kristu ukulandela umprofethi na?

uHelamani 10:1–4

Ukuzindla ngezwi likaNkulunkulu kumema ukwambulelwa.

  • Ukusiza abantwana bakho baqonde ukuthi kuchaza ukuthini ukuzindla, ningafunda ndawonye isihloko esithi “Zindla” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (kuMthombo Wolwazi lweVangeli). Ngabe yimaphi amanye amagama afana nelithi zindla na? Mhlawumbe ningafunda uHelamani 10:1–3 ndawonye bese nifaka esikhundleni segama elithi zindla lawo amanye amagama. Xoxa nabantwana bakho ngezindlela zokwenza ukuzindla kube yingxenye yokufunda imibhalo yabo engcwele.

uHelamani 10:11–12

Ngizomlalela uBaba oseZulwini.

  • UNefi wamlalela uBaba oseZulwini ngisho nalapho kwakusho ukwenza okuthile okunzima. Isibonelo salokhu, wena nabantwana bakho ningafunda uHelamani 10:2, 11–12. Mhlawumbe abantwana bakho bangalingisa okwenziwa nguNefi––bahambe babheke ohlangothini olulodwa lwegumbi kube sengathi baya ekhaya, bame,bajike bese behamba babheke ngakolunye uhlangothi lwegumbi(kube sengathi bayabuya ukuzofundisa abantu). Ngabe yiziphi ezinye zezinto uBaba waseZulwini afuna sizenze na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

Isithombe
Kutholakala ukuthi uSiyentamu ungumbulali.

Ngesipho sokuprofetha uNefi, waxazulula ukubulawa kukamehluleli omkhulu.

© The Book of Mormon for Young Readers, Seantum––The Murderer Is Discovered [uSiyentamu—UMbulali Utholakele], ngu Briana Shawcroft; akuvunyelwe ukuba ikopishwe

Shicilela