Wozani, Ngilandeleni 2024
Inhloso Yethu Yinguquko


“Inhloso Yethu Yinguquko,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“Inhloso Yethu Yinguquko,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso Nezivumelwano 2025

indoda ifundisa umntwana ukondla imvana

Inhloso Yethu Yinguquko

Inhloso yakho konke ukulifunda nokulifundisa ivangeli wukuba ukuguquka kwethu kujule futhi kusisize sifane noJesu Kristu. Ngenxa yalesi sizathu, uma silifunda ivangeli, asifuni nje kuphela ulwazi olusha; sifuna ukuba “yisidalwa esisha” (2 kwabaseKorinte 5:17). Lokhu kusho ukuthembela kuBaba oseZulwini noJesu Kristu ukuba basisize siguqule izinhliziyo zethu, imibono yethu, izenzo zethu, ngokunjalo nemvelo yethu uqobo.

Kodwa uhlobo lokulifunda ivangeli oluqinisa ukholo lwethu futhi luholele esimangalisweni sokuguquka alwenzeki masinyane. Luqhubekela phambili nokufunda ekilasini lufinyelele enhliziyweni yomuntu nasekhaya. Ludinga imizamo engashintshi, yansuku zonke ngenhloso yokuliqonda nokuliphila ivangeli. Inguquko yeqiniso idinga ithonya likaMoya oNgcwele.

UMoya oNgcwele usiholela eqinisweni futhi ufakaza ngaleloqiniso (bheka NgokukaJohane 16:13). Ukhanyisela izingqondo zethu, asheshise ukuqonda kwethu, futhi athinte izinhliziyo zethu ngokwambulelwa okuvela kuNkulunkulu, ongumthombo walo lonke iqiniso. UMoya oNgcwele uhlanza izinhliziyo zethu. Ufaka ugqozi kithi ukuba sibe nesifiso sokuphila ngeqiniso, futhi uyasihlebela izindlela zokukwenza lokhu. Ngempela, “uMoya oNgcwele … uyaku [si]fundisa konke” (NgokukaJohane 14:26).

Ngenxa yalezi zizathu, emizamweni yethu yokuliphila, ukulifunda, nokulifundisa ivangeli, okokuqala ngaphambi kwakho konke kufanele sifune ubuhlobo noMoya. Lenhloso kufanele ilawule ukukhetha kwethu futhi iqondise imicabango nezenzo zethu. Kufanele sifune konke lokho okumema ithonya loMoya futhi sikwenqabe konke okulixoshayo lelothonya—ngoba siyazi ukuthi uma singafaneleka ukuba khona lapho kukhona kona uMoya oNgcwele, singafaneleka futhi ukuphila ebukhoneni bukaBaba oseZulwini neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.