“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2025 (2025)
“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni
Yenzelwe Bani leNsiza Yokufunda na?
Lensiza eyanoma ubani ofuna ukufunda eNcwadini yeMfundiso neziVumelwano—umuntu ngamunye, njengomndeni, kanye nasemakilasini eBandla. Uma ubungakaze uyifunde njalo imibhalo engcwele ngaphambilini, lensiza ingakusiza ukuthi uqale. Uma ubusuvele unayo injwayelo yokuyifunda imibhalo engcwele, lensiza ingakusiza uzuze kakhulu.
Umuntu Ngamunye neMindeni eKhaya
Indawo enhle yokufunda ivangeli isekhaya. Othisha bakho ebandleni bangakweseka, futhi ungathola ukukhuthazwa kwamanye amalungu ewadi. Kodwa ukuze siqhubeke siphile ngokomoya omunye nomunye kithina udinga ukondliwa nsuku zonke “ngezwi elihle likaNkulunkulu” (uMoroni 6:4; bheka futhi uRussell M. Nelson, “Amazwi okuvula,” iLiyahona, ngoNovemba. 2018, 6–8).
Sebenzisa lensiza nganoma iyiphi indlela ezoba wusizo kuwe. Uhlaka lugqamisa amanye amaqiniso aphakade atholakala kwiMfundiso neziVumelwano. Luphinde luphakamise imibono kanye nemisebenzi ezokusiza ukuthi ufunde imibhalo engcwele umuntu ngamunye, namalungu omndeni, noma nabangani. Ngesikhathi ufunda, landela ukuholwa kukaMoya ukuze uthole amaqiniso aphakade abalulekile kuwe. Bheka imilayezo kaNkulunkulu ayibhekise kuwe, futhi ulandele imiyalo oyitholayo.
Othisha nabaFundi eBandleni
Uma ufundisa ikilasi leNhlangano yabaNtwana, ikilasi lentsha noma labadala lesiKole seSabatha, umgwamanda wobuPristi buka-Aroni, noma ikilasi lamaNtombazane, uyakhuthazwa ukuthi usebenzise uhlaka kulensiza njengoba ulungiselela ukufundisa. Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni uhlelo lwezifundo lwekilasi lakho langeSonto. Imibono yokufunda kulensiza yenzelwe ukufunda ekhaya nasebandleni. Njengoba ulungiselela ukufundisa, qala ngokuba nesipiliyoni sakho emibhalweni engcwele. Ukulungiselela kwakho okubaluleke kakhulu kuzokwenzeka njengoba uphenya imibhalo engcwele futhi ufuna imfundiso yoMoya oNgcwele. Ungase ufunde futhi unezidingo zalabo obafundisayo emqondweni wakho. Bheka amaqiniso aphakade evangeli. Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ingakusiza ukuthi ubone amanye amaqiniso futhi ufunde ukuthi imibhalo engcwele ingasetshenziswa kanjani empilweni yakho.
Khumbula ukuthi ukufunda ivangeli, ngezinga eliphezulu kakhulu, kugxile ekufundeni ekhaya futhi kusekelwe iBandla. Ngamanye amazwi, umsebenzi wakho omkhulu ukweseka abantu obafundisayo emizamweni yabo yokufunda nokuphila ivangeli ekhaya. Ungakhathazwa ukuba nezinsiza ezehlukile ezingazinikeza ekilasini. Esikhundleni salokho, banikeze ithuba lokwabelana ngolwazi lwabo, imicabango, kanye nemibuzo ngezindimana zemibhalo engcwele abazifunde ekhaya. Bameme ukuthi bakhulume ngamaqiniso aphakade abawatholile. Lokhu kubaluleke ngaphezu kokuqeda inani elithile lesifundo.
Amakilasi esiKole seSabatha eNtsha nabaDala
Isizathu esiyinhloko esenza sihlangane emakilasini esiKole seSabatha ukuba sisekelane futhi sikhuthazane njengoba silwela ukumazi futhi simlandele uJesu Kristu. Indlela elula yokwenza lokhu ukubuza umbuzo ofana nothi “Ngabe yikuphi uMoya oNgcwele akufundise kona kulelisonto ngenkathi ufunda imibhalo engcwele kanye nencwadi ethi Wozani, Ngilandeleni na?” Izimpendulo zalombuzo zingaholela ezingxoxweni eziphusile ezakha ukholo kuJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe.
Ngemva kwalokho ungase umeme ukuba nibenengxoxo esekelwe amasu okufunda atholakala encwandini ethi Wozani, Ngilandeleni. Isibonelo, umbono wokufunda ungase uphakamise ukucinga kwiMfundiso neziVumelwano 19:15–20, ubheke ukuthi uMsindisi wakuchaza kanjani ukuhlupheka Kwakhe. Ungacela amalungu ekilasi ukuthi abelane ngokuthi azizwe kanjani njengoba efunda incazelo Yakhe futhi akhulume ngokuthi lokhu kuyithinta kanjani indlela abacabanga ngayo Ngaye. Noma ningathatha isikhathi nifunde lamavesi njengekilasi.
ImiGwamanda yobuPristi buka-Aroni, namaKilasi amaNtombazane
Uma imigwamanda yobuPristi buka-Aroni kanye namaKilasi amaNtombazane ehlangana ngamaSonto, inhloso yawo ithi ukuhluka kuneyesiKole seSabatha. Ngaphezu kokusiza omunye nomunye ukuba afunde ivangeli likaJesu Kristu, lamaqembu aphinde ahlangane ukuze abonisane mayelana nokufeza umsebenzi wensindiso nokuphakanyiswa (bheka incwadi ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 1.2),bakwenze lokhu beqondiswa ubumongameli beqembu noma ikhoramu.
Ngalesi sizathu, umhlangano ngamunye womgwamanda noma wekilasi kufanele uqale ngelungu lomgwamanda noma likamongameli wekilasi ehola ingxoxo ngemizamo yabo. Isibonelo, bangabonisana ndawonye ngemizamo yabo yokuphila ivangeli, ukusebenzela abantu abaswele, ukwabelana ngevangeli, noma ukuhlanganyela emsebenzini wethempeli kanye nowomlando womndeni.
Emva kwalesi sikhathi sokululekana ndawonye, umfundisi uhola ikilasi noma umgwamanda ekufundeni ivangeli ndawonye. Abaholi abadala noma amalungu ekilasi noma omgwamanda bangacelwa ukuba bafundise. Ubumongameli bekilasi noma bomgwamanda, ngokubonisana nabaholi abadala, benza lezi zabelo.
Abantu ababelwe ukufundisa bafanele balungiselele ngokusebenzisa iziphakamiso zokufunda ohlakeni lwamasonto onke encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni. Ohlakeni ngalunye, lesi sithonjana sikhombisa umsebenzi obaluleke kakhulu entsheni futhi ohambisana nalokho abakufunda ohlelweni lokufunda ivangeli. Nokho, noma yiziphi iziphakamiso ezitholakala ohlakeni zingasetshenziswa njengomsebenzi wokufunda kwentsha.
Ukuze uthole isifanekiso sohlelo lwemihlangano yomgwamanda neyekilasi, bheka isithasiselo D.
INhlangano yabaNtwana
Ukulungiselela kwakho ukufundisa INhlangano yabaNtwana kuqala lapho wena ufunda imibhalo engcwele mathupha kanye nanomndeni wakho. Njengoba wenza njalo, yamukela imibono yomoya kanye nokungafika kuwe okuvela kuMoya oNgcwele mayelana nabantwana ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana. Thandaza. UMoya ungakukhuthaza ngemibono yokubasiza bafunde ivangeli likaJesu Kristu.
Njengoba ulungiselela ukufundisa, ungathola ugqozi olwengeziwe ngokuhlola imibono yokufundisa kulensiza. Uhlaka ngalunye encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni lunesihloko esithi “Imibono Yokufundisa Abantwana.” Cabanga ngalemibono njengeziphakamiso zokuvusa ukuholwa ngumoya kwakho. Uyabazi abantwana ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana—futhi uzobazi kangcono nakakhulu njengoba usebenzisana nabo ekilasini. UNkulunkulu naye uyabazi, futhi uzokukhuthaza ngezindlela ezinhle kakhulu zokubafundisa nokubabusisa.
Abantwana ekilasini lakho kungenzeka ukuthi bayenzile eminye yemisebenzi yasencwadini ethi Wozani, Ngilandeleni kanye nemindeni yabo. Kulungile lokho. Ukuphindaphinda kuhle. Cabanga ngokumema abantwana ukuthi babelane ngalokho abakufunde ekhaya. Kufanele futhi uhlele izindlela zokuthi abantwana babambe iqhaza ngisho noma bengafundi ekhaya. Abantwana bafunda amaqiniso evangeli ngempumelelo kakhulu uma lamaqiniso efundiswa ngokuphindaphindiwe ngemisebenzi ehlukene. Uma uthola ukuthi okuthile okungenziwa kokufunda kuyasebenza ebantwaneni, cabanga ukukuphinda, ikakhulukazi uma ufundisa abantwana abancane.
Kulezo zinyanga ezinamaSonto amahlanu, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba bafake endaweni yohlelo lwencwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni lwangeSonto lwesihlanu imisebenzi yokufunda omunye noma eyengeziwe “Isithasiselo B: EyeNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Ukuphila Njalo Endleleni Yesivumelwano YaNkulunkulu.”