“Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya naseBandleni
Njengoba ufunda ivangeli loMsindisi ekhaya nasebandleni, cabanga ngalemibuzo elandelayo:
-
Ungawumema kanjani uMoya ukuba ube khona lapho ufunda na?
-
Ungagxila kanjani kuMsindisi ekufundeni kwakho na?
-
Ungazisebenzisa kanjani ngokunenzuzo izikhathi zokufunda zansuku zonke na?
-
Ungawakhuthaza kanjani amalungu omndeni kanye nekilasi ukuthi bazifundele imibhalo engcwele futhi babelane ngalokho abakufundayo na?
Nazi izindlela ezilula zokukhulisa ukufunda kwakho izwi likaNkulunkulu emibhalweni engcwele.
Khulekela intshisekelo
Imibhalo engcwele iyizwi likaNkulunkulu, ngakho-ke cela Yena ukuba akusize uyiqonde.
Funa amaqiniso ngoJesu Kristu
Zonke izinto zifakaza ngoKristu (bheka ku-2 Nefi 11:4; uMose 6:63), ngakho-ke cabanga ngokuqaphela noma ngokudwebela lawo mavesi afakaza ngoMsindisi, ujulise uthando lwakho Ngaye, futhi ufundise indlela yokumlandela. Kwesinye isikhathi amaqiniso ngoMsindisi kanye nevangeli Lakhe ashiwo ngqo, futhi kwesinye isikhathi ashiwo ngesibonelo noma ngendaba. Zibuze, “Yimaphi amaqiniso aphakade afundiswa kulamavesi na? Lamaqiniso angifundisani ngoMsindisi na?”
Lalela uMoya
Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ibonakala ingahlangene nalokho okufundayo. Lemizwa kungenzeka kube yizona izinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde.
Bhala imicabango yakho
Ziningi izindlela zokubhala imizwa efika kuwe ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ungase uthole ukuthi amagama nemisho ethile emibhalweni ikuhlaba umxhwele; ungayimaka futhi uyibhale imicabango yakho njengenothi emibhalweni yakho engcwele. Ungazigcinela futhi incwajana ozobhala kuyo ulwazi olusithekile, imizwa yakho, nemicabango efikayo kuwe.
Yabelana nabanye ngalokho okufundayo
Ukuxoxa ngokuqondisisa esifundweni sakho somuntu siqu kuyindlela enhle yokufundisa abanye, futhi kusiza ekuqiniseni ukuqonda kwakho lokho okufundile. Yabelana ngalokho okufundayo namalungu omndeni nabangane (mathupha noma ngokwedijithali), futhi ubameme ukuba benze okufanayo.
Hlobanisa imibhalo nempilo yakho
Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso ofunda ngazo ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungase uzibuze, “Yikuphi engidlule kukho okufanayo nalokhu engikufundayo na?”
Buza imibuzo ngesikhathi ufunda
Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika engqondweni yakho. Lemibuzo kungenzeka ihambisane nalokho okufundayo noma nempilo yakho nje yonke. Dlinza ngalemibuzo futhi ufune izimpendulo ngesikhathi usaqhubeka nokufunda.
Sebenzisa izinsiza zokufunda imibhalo engcwele
Ukuze uthole ukuqonda okwengeziwe ngamavesi owafundile, sebenzisa imibhalo yaphansi, I-Topical Guide, Isichazamazwi SeBhayibheli, Isiqondiso SemiBhalo, nezinye izinsiza zokufunda.
Cabanga ngomongo wemibhalo engcwele
Ungathola ulwazi olufihlakele olunenzuzo ngendinyana yombhalo ongcwele uma ucabanga ngomongo wendaba kulowombhalo ongcwele, kuhlanganisa nesimo indaba evela kuso. Isibonelo, ukwazi ngemvelaphi nezinkolelo zabantu uNkulunkulu ayekhuluma nabo kungakusiza ube nokuqonda ngenhloso yamazwi Akhe kubo. Ungafunda ngabo encwadini ethi Saints (Abangcwele), Revelations in Context (Izambulo Kumongo), izihloko zesigaba kwiMfundiso neziVumelwano, nezinye izinsiza.
Funda amazwi abaprofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina
Funda ukuthi bafundisani abaprofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele.
Phila ngalokho okufundayo
Ukufunda imibhalo engcwele akufanele nje kusifake ugqozi kuphela kepha kufanele kusiholele ekutheni siguqule indlela esiphila ngayo. Lalela lokho uMoya okukhuthaza ukuba ukwenze ngesikhathi ufunda, bese wenza lokho okhuthazwa ngakho.
Sebenzisani umculo
Amahubo aphakanyisiwe nezingoma zabantwana zitholakala kuyo yonke incwadiethi Wozani, Ngilandeleni. Sebenzisa umculo ongcwele ukumema uMoya futhi ujulise ukholo lwakho kanye nobufakazi bamaqiniso evangeli.
Bamba imibhalo engcwele ngekhanda
Khetha indinyana yombhalo ebalulekile kuwe, emndenini wakho, noma ekilasini lakho, futhi uyibambe ngekhanda ngokuyiphinda nsuku zonke noma ngokudlala umdlalo wokubamba ngekhanda.
Yabelana ngezifundo zento ethile
Thola izinto ezithile ezihambisana nezahluko namavesi eniwafundayo njengomndeni. Cabanga ukuthi into ngayinye ihlobana kanjani nezimfundiso ezisemibhalweni.
Dweba, thola, noma thatha isithombe
Funda amavesi ambalwa, bese udweba okuthile okuhlobene nalokho okufundayo. Noma ungabheka isithombe kwi Gospel Art Book (Encwadini Yobuciko Bevangeli) noma kwenye indawo KuMthombo woLwazi weVangeli. Ungase futhi uthathe isithombe esibonisa lokho okufundile.
Lingisa indaba
Ngemva kokufunda ngendaba ethile, mema umndeni noma ikilasi ukuba iyilingise. Ngemva kwalokho, xoxani ngokuthi indaba ihlobana kanjani nezinto ohlangabezana nazo.
Yiba ovumelana nezimo ekhaya
Uma unamalungu omndeni angazimisele ukubamba iqhaza esifundweni semibhalo engcwele somndeni, bheka ezinye izindlela zokuxhumana nawo. Isibonelo, ungakwazi ukwabelana ngeqiniso laphakade ngokwemvelo ezingxoxweni zakho noma wabelane ngombhalo ongcwele onengqondo ngendlela engabonakali ishumayeza noma iqinile na? Ukufunda imibhalo engcwele akudingi ukuthi kuhlezi kufana kuyo yonke imindeni. Abanye abantwana bangakuthanda ukuzifundela imibhalo engcwele bebodwa. Wohlezi unomkhuleko futhi ulandele ugqozi olufakwa wuMoya kuwe.