“NgoDisemba 30–Januwari 5: ‘Ukubuyiselwa OkuThenjisiwe Kuqhubekela Phambili’: Ukubuyiselwa kweVangeli eliPhelele likaJesu Kristu” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“Ukubuyiselwa kweVangeli eliPhelele likaJesu Kristu,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025
NgoDisemba 30–Januwari 5: “Ukubuyiselwa OkuThenjisiwe Kuqhubekela Phambili”
Ukubuyiselwa kweVangeli eliPhelele likaJesu Kristu
Uwukhumbula kanjani unyaka wama-200 womcimbi owashintsha umhlaba na? Lowo ngumbuzo uMongameli wokuQala nomGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili ababezindla ngawo njengoba kusondele u-Ephreli ka-2020, okuhlanganisa iminyaka engama-200 ukusuka kumbono wokuqala kaJoseph Smith. “Besizibuza ukuthi kufanele yini kwakhiwe itshe lesikhumbuzo,” kukhumbula uMongameli uRussell M. Nelson. “Kodwa njengoba sibheka umthelela ohlukile womlando nowomhlaba wonke walowo Mbono wokuQala, sazizwa sihlabeka umxhwele ukwakha itshe lesikhumbuzo hhayi legwadle noma letshe kodwa lamagama … , hhayi ukuba liqoshwe ‘ezibhebheni zamatshe’ kodwa kunalokho liqoshwe etsheni lesikhumbuzo ‘amatafula enyama’ ezinhliziyo zethu [2 kwabaseKorinte 3:3]” (“Hear Him,” Liyahona, ngoMeyi 2020, 90).
Isikhumbuzo samagama abawakhayo sinesihloko esithi “UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele: IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe eMhlabeni.” Akusona nje isikhumbuzo soMbono wokuQala kodwa nakho konke uJesu Kristu akwenzile—nasakwenza—ukusuka ngaleso sikhathi. Ukubuyiselwa kwevangeli Lakhe kwaqala lapho umuntu oyedwa ephendukela kuNkulunkulu futhi emuzwa. Iqhubeka ngendlela efanayo: inhliziyo eyodwa, isipiliyoni esisodwa esingcwele ngesikhathi—kuhlanganise nesakho.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
“UNkulunkulu uyabathanda abantwana Bakhe kuzo zonke izizwe zomhlaba.”
Ngokubona kwakho, kungani isimemezelo sokubuyiselwa singaqala ngamazwi othando lukaNkulunkulu na? Njengoba ufunda lesi simemezelo, bheka ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu “kubantwana Bakhe ezizweni zonke zomhlaba.” Ukubuyiselwa kwevangeli kukusize kanjani ukuthi uzwe uthando Lwakhe na?
Bheka noGerrit W. Gong, “All Nations, Kindreds, and Tongues,” Liyahona, Nov. 2020, 38–41.
Ukubuyiselwa kwaqala ngempendulo yombuzo.
Kungashiwo ukuthi uMsindisi waqala ukuBuyiselwa kwevangeli Lakhe ngokuphendula umbuzo. Yimuphi umlayezo ozwa isimemezelo sokubuyiselwa sinawo kumuntu onemibuzo ngoNkulunkulu, ivangeli, noma “insindiso yomphefumulo wakhe” na? Ungase futhi ufunde uJoseph Smith—uMlando 1:5–20 ukuze ubone ukuthi yini ongayifunda kuJoseph Smith mayelana nokuthola izimpendulo zemibuzo yevangeli.
Bheka futhi Izihloko nemiBuzo, “Seeking Answers (Ukufuna Izimpendulo),” Umtapo woLwazi weVangeli.
UJesu Kristu usebuyisele iBandla Lakhe.
Yini oyaziyo “ngeBandla LikaKristu LeTestamente Elisha,” uMsindisi alibuyisela ngoJoseph Smith na? Cabanga ngokufunda lemibhalo engcwele futhi ubhale ezinye izici zeBandla Lakhe:
Okulandelayo, ungafanisa imibhalo engenhla naleyo engezansi, echaza ukuthi uJesu Kristu wazibuyisela kanjani lezo zici zeBandla Lakhe ngo-Joseph Smith:
Kungani ubonga ngokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu na?
IGosa uJeffrey R. Holland kanye nenkosikazi yakhe bake bazama ukucabanga ukuthi babeyozizwa kanjani ukuphila ngaphambi kokuba iBandla libuyiselwe. “Yini esifisa ukuba nayo?” bezibuza. Funda mayelana nolwazi lwabo ku-“A Perfect Brightness of Hope” (iLiyahona, ngoMeyi 2020, 81–82). UkuBuyiselwa kukusize kanjani ukugcwalisa amathemba akho omoya na?
-
“UkuBuyiselwa okwakuthenjisiwe kuyaqhubeka.”
Wake wazicabanga njengengxenye yokuBuyiselwa kwevangeli na? Cabanga ngalamazwi avela kuMongameli Dieter F. Uchtdorf: “Ngesinye isikhathi sicabanga ngokuBuyiselwa kwevangeli njengento ephelele, esivele isemuva kwethu. … Eqinisweni, ukubuyiselwa kuyinqubo eqhubekayo; siphila kuyo manje” (“Are You Sleeping through the Restoration?,” iLiyahona, ngoMeyi 2014, 59).
Njengoba ulungiselela ukufunda ukuthi ivangeli labuyiselwa kanjani ngeminyaka yawo 1800, ungaqala ngokucabangisisa ukuthi labuyiselwa kanjani empilweni yakho. Funda isimemezelo sokuBuyiselwa unemibuzo efana nalena engqondweni: Ngaze kanjani ukuthi lokhu kuyiqiniso na? Ngibamba iqhaza kanjani ekuBuyisweni namuhla na?
“Amazulu avulekile.”
Isho ukuthini kuwe inkulumo ethi “amazulu avulekile” na? Yibuphi ubufakazi obubonayo—kwisimemezelo sokuBuyiselwa, eBandleni namuhla, emibhalweni engcwele, kanye nasempilweni yakho—ukuthi ngempela amazulu avuliwe na?
- -
Bheka noQuentin L. Cook, “The Blessing of Continuing Revelation to Prophets and Personal Revelation to Guide Our Lives,” iLiyahona, ngoMeyi 2020, 96–100.
Amasu okuFundisa AbaNtwana
“Simemezela ngokuzithoba.”
-
Njengoba ufunda izingxenye zesimemezelo sokuBuyiselwa nabantwana bakho (noma ubukele ividiyo kaMongameli uNelson eyifunda), zisize zithole imisho eqala ngemishwana efana nokuthi “siyamemezela,” noma “ siyafakaza.” Yimaphi amaqiniso abaprofethi nabaphostoli bethu abawamemezelayo na? Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningabelana ngobufakazi benu ngamanye alamaqiniso afanayo.
“UJoseph Smith … waba nemibuzo.”
-
Kungabamnandi kubantwana bakho ukuhlola eminye yemibuzo uJoseph Smith ayenayo eyaholela ekuBuyiselweni kwevangeli loMsindisi. Basize ukuthi bathole izibonelo ezithile ku-Joseph Smith—uMlando 1:10, 29, 68. Sibusiswe kanjani namuhla ngoba uNkulunkulu wayiphendula imibuzo kaJoseph Smith na?
-
Ungase futhi unike abantwana bakho ithuba lokukhuluma ngemibuzo abanayo. Sifundani kuJoseph Smith mayelana nendlela yokuthola izimpendulo na? (bheka uJoseph Smith—uMlando 1:8–17).
“Izithunywa zasezulwini zeza ukuzofundisa uJoseph.”
-
Zazingobani “izithunywa zasezulwini [ezafika] zizofundisa uJoseph” na? Abantwana bakho bangase bakujabulele ukufuna izithombe zazo Gospel Art Book (Encwadini Yobuciko Bevangeli) (bheka izinombolo. 91, 93, 94, 95). Ngabe isithunywa ngasinye sasiza kanjani “ukumisa kabusha iBandla likaJesu Kristu” na? Imibhalo engcwele ephakanyisiwe ekhasini lomsebenzi laleli sonto ingasiza abantwana bakho ukuba baphendule lombuzo.
UJesu Kristu usebuyisele iBandla Lakhe.
-
Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba baqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthi iBandla loMsindisii libuyiselwe na? Mhlawumbe babengakha umbhoshongo olula ngamabhulokhi noma izinkomishi futhi “buyisela,” noma bawakhe kabusha. Noma, uma abantwana bakho kuke kwadingeka ukuthi bathathele enye into indawo ngoba ilahlekile noma yonakele, ungaqhathanisa lokho noMsindisi ebuyisela iBandla Lakhe. Basize bathole izinto ezithile ezishiwo kwisimemezelo sokuBuyiselwa uMsindisi azibuyisele.
“Amazulu avulekile.”
-
Ukuze ubonise ukuthi isho ukuthini inkulumo ethi “amazulu avulekile,” mhlawumbe ungase wabelane ngomlayezo nabantwana bakho, okokuqala ngemuva komnyango ovaliwe bese ngomnyango ovuliwe. Bavumele bashintshane ngokwabelana ngomlayezo nabo. Yimiphi imilayezo uJesu Kristu asiphathele yona na? Yiziphi izehlakalo eziye zasisiza sazi ukuthi amazulu asevulekele na?