“NgoJanuwari 20–26: ‘IziNhliziyo zabaNtwana ZiyoPhendukela koYise’: IMfundiso neziVumelwano 2; uJoseph Smith—uMlando 1:27–65,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 2; uJoseph Smith—uMlando 1:27–65,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoJanuwari 20–26: “IziNhliziyo zabaNtwana ZiyoPhendukela koYise”
IMfundiso neziVumelwano 2; uJoseph Smith—uMlando 1:27–65
Kwase kuyiminyaka emithathu uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, babonakala kuJoseph Smith ehlathini, futhi uJoseph wayengakatholi ezinye izambulo kusukela ngaleso sikhathi. Waqala ukuzibuza ukuthi iNkosi yayimthukuthelele yini. Njengathi sonke, wayewenzile amaphutha, futhi wazizwa enecala. Nakuba kunjalo uNkulunkulu wayesenomsebenzi ayefuna amenzele wona. Futhi lowo msebenzi uJoseph ayebizelwe wona uhlangene nalokho uNkulunkulu akucela kithi. UJoseph wayezoveza Incwadi kaMormoni; siyamenywa ukuba sabelane ngomlayezo wayo. UJoseph wayezothola izikhiye zobupristi ukuze aphendule izinhliziyo zabantwana koyise; manje sesingathola izimiso zokhokho bethu emathempelini. UJoseph watshelwa ngeziprofetho ezazizogcwaliseka ngokushesha; sibizelwe ukusiza ekugcwaliseni lezi ziprofetho. Njengoba sibamba iqhaza emsebenzini kaNkulunkulu, singalindela ukubhekana nobunzima ngisho nokuphikiswa, njengoba kwaba njalo nakuMprofethi. Kodwa futhi singaba nokholo lokuthi iNkosi izosenza amathuluzi ezandleni Zayo, njengoba yenza kuJoseph.
-
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UNkulunkulu unomsebenzi afuna ngiwenze.
Kuyinto eyodwa ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wayenomsebenzi uJoseph Smith ayefanele awenze—singabheka emuva ekuphileni kwakhe futhi sibone ngokucacile lokho akufezile. Kodwa ngabe uke wacabanga ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi wakho nawe na? Njengoba ufunda uJoseph Smith—uMlando 1:27–33, cabanga ngokuthi lowo msebenzi ungaba yimuphi. Isiza kanjani ekuBuyiselweni okuqhubekayo kwevangeli loMsindisi na?
IGosa uGary E. Stevenson wafundisa: “Njengoba siza kuKristu futhi sisize abanye benze okufanayo, sibamba iqhaza emsebenzini kaNkulunkulu wensindiso kanye nokuphakanyiswa, ogxile emisebenzini ebekwe nguNkulunkulu. … Lezi zibopho zilula, ziyakhuthaza, ziyagqugquzela futhi ziyenzeka. Nazi:
-
Ukuphila ivangeli likaJesu Kristu
-
Ukunakekela labo abasweleyo
-
Ukumema wonke umuntu ukuba amukele ivangeli
-
Ukuhlanganisa imindeni ingunaphakade” (“Simply Beautiful—Beautifully Simple,” iLiyahona, Nov. 2021, 47).
Zindla ngezinto oye waba nazo ngokubamba iqhaza kulowo nalowo msebenzi obekwe nguNkulunkulu. Yini uMsindisi afuna uyenze ngokulandelayo na? - -
Ngezinye izikhathi ungase uzizwe sengathi iNkosi ayikwazi ukukusebenzisa ngenxa yamaphutha owenzile. Ufundani ngalokho uJoseph Smith adlula kukho kuJoseph Smith—uMlando 1:28–29 na? Ungakwazi kanjani “ukuma kwakho phambi [kukaNkulunkulu]” na?
Bheka futhi “Youth Responsibility in the Work of Salvation” (video), ChurchofJesusChrist.org; “The Work of Salvation and Exaltation,” General Handbook, 1.2.
Ngokubuyisela ivangeli Lakhe, uMsindisi wagcwalisa iziprofetho zasemandulo.
Ngenkathi uMoroni ebonakala kuJoseph Smith, wacaphuna iziprofetho ezimbalwa zeTestamente Elidala neTestamente Elisha, njengalezi u-Isaya 11; IzEnzo 3:22–23; kanye noJoweli 2:28–32. Njengoba ufunda uJoseph Smith—uMlando 1:34–47, cabanga ngokuthi kungani lezi ziprofetho zazibalulekile kuJoseph ukuba azazi. Kubaluleke ngani ukuba wena uzazi na?
-
-
UNkulunkulu uzongilungiselela ukusebenza embusweni Wakhe.
UJoseph wayeneminyaka eyi-17 kuphela ngesikhathi eqala ukubona izingcwephe zegolide. Nokho, abazange banikezwe ukunakekela kwakhe, kwaze kwaba ngemva kweminyaka emine. Funda uJoseph Smith—uMlando 1:48–60, ubheke okwenzeka empilweni kaJoseph ngaleso sikhathi. Ucabanga ukuthi lezi zehlakalo zamulungiselela kanjani umsebenzi uNkulunkulu ayembizele ukuba awenze na? Yiziphi izehlakalo oye waba nazo ezikulungiselele ukusebenzela uNkulunkulu nabanye na? Yini okwamanje obhekene nayo engakusiza ukuba ulungiselele ukusiza kwesikhathi esizayo na?
INkosi yathumela u-Eliya ukuba aphendule inhliziyo yami kokhokho bami.
Ngabe akufundisani amagama akulesi sigaba athi “tshala”, “izinhliziyo,” kanye “nokuphendukela” kusifundisani ngokuthunywa kuka–Eliya nangezibusiso zezikhiye zobupristi azibuyisela na? Inhliziyo yakho ngabe uyizwe iphendukela kanjani kokhokho bakho na? Ake ucabange ngezinye izindlela ezingenza uzwe leyo mizwa njalo. Ukufunela okhokho bakho kanye nokubenzela izimiso ethempelini yindlela eyodwa (bheka kuFamilySearch.org). Yiziphi ezinye ongazicabanga?
Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 110:13–16
Amasu okuFundisa AbaNtwana
Ngingaphenduka futhi ngithethelelwe.
-
Sonke ngezinye izikhathi sizizwa “[sine]cala ngobuthakathaka nokungalungi [kwethu],” njengoba kwenza uJoseph Smith. Wena kanye nabantwana bakho ningafunda uJoseph Smith—uMlando 1:29 ndawonye, nibheke ukuthi uJoseph wenzani ngesikhathi ezizwa ngaleyo ndlela. Yini esingayifunda esibonelweni sakhe engasisiza lapho senza amaphutha na? Kungani kubalulekile ukwazi ukuthi uJoseph wabizwa nguNkulunkulu nakuba wayengaphelele na?
UBaba oseZulwini wabiza uJoseph Smith ukuthi amsize enze umsebenzi Wakhe.
-
Abantwana bakho bangase bajabulele ukuzenza uJoseph Smith njengoba ulandisa indaba yokuhambela kukaMoroni ku-Joseph Smith—uMlando 1:27–54 Isibonelo, bangasonga izandla sengathi bayakhuleka noma benze sengathi baqwala iGquma iKumora, njalonjalo. Ngemva kwalokho ungabacela ukuthi bakhulume ngalokho uNkulunkulu abizela uJoseph Smith ukuthi akwenze nokuthi sibusiswe kanjani ngenxa yalokho. Isibonelo, sibusiswe kanjani ngenxa yokuthi uJoseph Smith wahumusha iNcwadi kaMormoni na? Umsebenzi wakhe usisize kanjani ukuthi sisondele kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu na?
UBaba oseZulwini ufuna imindeni iboshelwe nawonyeethempelini.
-
Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningajabulela ukubuka ezinye izithombe zomndeni wakho, mhlawumbe kuhlanganise nesithombe somndeni wakho ethempelini (noma bheka Incwadi Yobuciko Bevangeli, no. 120). Ningabe senifunda IMfundiso Nezivumelwano 22 bese nabelana ngemicabango yenu mayelana nokuthi kungani sinamathempeli nokuthi kungani uBaba oseZulwini efuna imindeni ibe ndawonye ingunaphakade. - -
Ukufunda ngokhokho bami kungangilethela injabulo.
-
Abantwana bangajabula futhi bezwe injabulo ekufundeni ngomlando womndeni. Ukuze ubasize, ungabelana ngezindaba noma izithombe zamadlozi akho. Khuluma nabantwana bakho ngokuthi yayinjani impilo yokhokho babo ngesikhathi besebancane. Abantwana bakho bangajabulela neminye imisebenzi yomlando womndeni kuFamilySearch.org/discovery.