Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 27–Februwari 2: “Umsebenzi Wami UyoQhubeka”: IMfundiso neziVumelwano 3–5


“NgoJanuwari 27–Februwari 2: ‘Umsebenzi Wami UyoQhubeka’: IMfundiso neziVumelwano 3–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 3-5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

isisebenzi ensimini

NgoJanuwari 27–Februwari 2: “Umsebenzi Wami UyoQhubeka”

IMfundiso neziVumelwano 3–5

Phakathi neminyaka yakhe yokuqala embalwa njengomprofethi weNkosi, uJoseph Smith wayengakazi yonke into mayelana “nomsebenzi omangalisayo” ayebizelwe ukuwenza. Kodwa into eyodwa isipiliyoni sakhe sasekuqaleni esamfundisa kona ukuthi ukuba enze umsebenzi kaNkulunkulu, iso lakhe kufanele “liqonde inkazimulo kaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 4:1, 5). Isibonelo, uma iNkosi imeluleka ukuba enze into ayengaqiniseki ukuthi ufuna ukuyenza, kwakudingeka alandele isiqondiso seNkosi. Futhi noma wayengaba “nezambulo eziningi, futhi … namandla okwenza imisebenzi eminingi emikhulu,” uma enomuzwa wokuthi lokho ayekufuna kubaluleke ngaphezu kwentando kaNkulunkulu, ‘kufanele awe’ (IMfundiso neziVumelwano 3:4). Kepha uJoseph wafunda okunye nakho okubaluleke kakhulu ngokwenza umsebenzi kaNkulunkulu: “UNkulunkulu unesihawu,” futhi uma uJoseph wayephenduka ngempela, kwakusawuye “[o]sakhethiwe” (vesi 10). Umsebenzi kaNkulunkulu, ekugcineni, umsebenzi wensidiso. Futhi lowo msebenzi “ngeke [w]avinjelwa” (vesi 1).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 3:1–16

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingamethemba uNkulunkulu.

Ekuqaleni kwenkonzo kaJoseph Smith, abangane abalungile kwakunzima ukubathola—ikakhulukazi abangane abanjengoMartin Harris, indoda ehlonishwayo, ephumelelayo eyenza ukuzidela okukhulu ukuze isekele umsebenzi kaJoseph. Ngakho ngesikhathi uMartin ecela imvume yokubonisa umkakhe amakhasi okuqala ayi-116 emibhalo yesandla ehunyushwe ngeNcwadi kaMormoni, uJoseph ngokwemvelo wayefuna ukuhlonipha isicelo sakhe, nakuba iNkosi yayixwayisile ngakho. Ngokudabukisayo, amakhasi alahleka ngesikhathi ephethwe nguMartin, futhi uJoseph kanye noMartin bajeziswa kakhulu yiNkosi

Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 3:1–15, zindla ngalokho iNkosi efuna ukuba ukufunde kulokho okwenzeka kubo. Isibonelo, ufundani:

  • Kumsebenzi kaNkulunkulu? (bheka amavesi 1–3, 16).

  • Kwimiphumela yokwesaba abantu kunokuthembela kuNkulunkulu na? (bheka amavesi 4–8).

  • Kwizibusiso ezilethwa ukuhlala sithembekile? (bheka ivesi 8).

  • Indlela iNkosi emqondisa ngayo futhi yamkhuthaza ngayo uJoseph? (bheka amavesi 9–16).

- Cabanga ngokufunda lezi zibonelo emibhalweni abhekisela kuyo. Yikuphi okufundayo kulokhu kulandisa na? Yiziphi izehlakalo oye waba nazo lapho wethemba khona iNkosi ngesikhathi ubhekene nengcindezi yokwenza okuthile okuhlukile na? Yaba yini imiphumela yezenzo zakho na?

-

IMfundiso neziVumelwano 4

Ngingakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo, amandla, ingqondo nokuqina kwami.

Isigaba 4 sivamise ukufundwa ngabefundisi abashumayelayo. Kodwa, kubalulekile ukwazi ukuthi lesisambulo sanikezwa uJoseph Smith Sr., owayengabizwanga ukuthunywa kodwa owasese “nentshisekelo yokusebenzela uNkulunkulu” (ivesi 3).

Enye yezindlela ongafunda ngayo lesi sigaba ukusicabanga njengencazelo yomsebenzi womuntu ofuna ukwenza umsebenzi weNkosi. Ifunani iNkosi na? Yiziphi izinzuzo azinikezayo na?

Ufundani ngokusebenzela iNkosi kulesi sambulo na?

UMongameli uRussell M. Nelson wabiza ukuqoqwa kuka-Israyeli “inselele enkulu, imbangela enkulu, kanye nomsebenzi omkhulu emhlabeni” (“Hope of Israel” [worldwide youth devotional, Juni 3, 2018], Umtapo woLwazi wevangeli). Yini oyitholayo enkulumeni yakhe ekukhuthaza ukuba uhlanganyele kulo msebenzi?

abefundisi bevangeli bekhuluma nowesifazane ngesikhathi besiza

Wonke umuntu onesifiso sokusebenzela uNkulunkulu ubizelwe emsebenzini.

IMfundiso neziVumelwano 5

NgoMoya oNgcwele, ngingathola ubufakazi ngeNcwadi kaMormoni.

NgoMashi 1829, unkosikazi kaMartin Harris, uLucy, wafaka isimangalo enkantolo sokuthi uJoseph Smith wayekhohlisa abantu ngokwenza sengathi uhumusha izingcwephe zegolide. Ngakho–ke uMartin wacela uJoseph ubufakazi obengeziwe obukhombisa ukuthi izingcwephe zegolide ezangempela. IMfundiso neziVumelwano 5 yisambulo esiphendula isicelo sikaMartin Harris. Yini oyifundayo kulesi sigaba ngalokhu okulandelayo:

IMfundiso neziVumelwano 5:1–10

UJesu Kristu wasinika izwi Lakhe ngoJoseph Smith.

IMfundiso Nezivumelwano 5:1–10 ikufundisani ngendima ebalulekile edlalwe uJoseph Smith kulesikhathi esiphila kuso—nasempilweni yakho na? (Bheka futhi ku–2 Nefi 3:6–24.)

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona nethi For the Strength of Youth(Okwakha Intsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 3:5–10;; 5:21–22

Ngingakhetha okulungile uma abanye bezama ukungenza ngenze okubi.

  • Ukuqala ingxoxo mayelana nokufunda ukuthemba uBaba oseZulwini, ungase uthande ukubukeza indaba yamakhasi ombhalo wesandla alahlekile (bheka Izindaba zeMfundiso eziVumelwano, 18–21). Ungase-ke ulingise nabantwana bakho izimo lapho bangase balingeke ukuba benze okuthile abaziyo ukuthi akulungile. Yimaphi amagama noma imishwana kwiMfundiso neziVumelwano 3:5–8; 5:21–22 angabasiza ngalezi zimo na?

    4:39

    Martin Harris Helps Joseph: Learning to trust the Lord

IMfundiso neziVumelwano 4

INkosi ingimema ukuba ngingene ekuphumuleni Kwayo.

  • Ivesi ngalinye kwiMfundiso neziVumelwano 4 liqukethe amaqiniso ayigugu angasiza abantwana bakho bafunde ngokukhonza uNkulunkulu. Nansi eminye imibono yokubasiza bathole lamaqiniso:

    • Ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 4:1 futhi nibonise izithombe ezikhombisa umsebenzi kaNkulunkulu “omangalisayo” wezinsuku zokugcina (njengabefundisi bevangeli, amathempeli, kanye neNcwadi kaMormoni).

    • Abantwana bakho bangacabanga ngezenzo noma badwebe izithombe ezibonisa umusho othi “mkhonze ngayo yonke inhliziyo, amandla, ingqondo namandla akho” (IMfundiso Nezivumelwano 4:2).

    • Ningabheka ndawonye amathuluzi asetshenziselwa ukusebenza ensimini. Zisisiza kanjani lezi zexwayiso na? Khona-ke abantwana bakho bangathola izinto IMfundiso neziVumelwano 4:5–6 ezifana namathuluzi okwenza umsebenzi kaNkulunkulu.

    • Abantwana abadala bangasesha IMfundiso Nezivumelwano 4 ngokwazo futhi benze uhlu lwezinto abazifundayo ngokuthi kusho ukuthini ukukhonza uNkulunkulu.

    • -

umfana omncane esiza ukutshala isihlahla

Ngingasiza emsebenzini kaNkulunkulu ngokusiza abanye.

Lungisa imisebenzi ukuze samukele abantu abakhubazekile. Ukuzijwayeza okuncane emisebenzini kungaqinisekisa ukuthi wonke umuntu unethuba lokufunda. Isibonelo, uma umsebenzi uphakamisa ukuboniswa kwesithombe, ungacula ingoma esikhundleni sokufaka abantu abanokukhubazeka kokubona.

IMfundiso neziVumelwano 5:1–7, 11, 16, 23–24

Ngingaba ufakazi wokuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso.

  • Ukuze ufundise abantwana bakho ngofakazi, ungabacela ukuba bacabange ukuthi umngane ubatshele ukuthi ubone ikati lihamba ngemilenze yalo yangaphambili. Ingabe babeyokukholwa na? Kuthiwani uma omunye umngane esho into efanayo na? Khuluma ngokuthi uyini “ufakazi” nokuthi kungani ofakazi bebalulekile. Ungakwazi-ke ukusiza abantwana bakho ukuthi bafune IMfundiso nezivumelwano 5:1–3, 7, 11 ukuze nithole izimpendulo zemibuzo efana nalena:

    • Yini uMartin Harris ayefuna ukuyazi na?

    • Ngubani owayengakhonjiswa uJoseph Smith izingcwephe zegolide na?

    • Kungani ukubona izingcwephe kungeke kuqinisekise umuntu ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso na?

    • Yini esingayenza ukuze sibe ngofakazi beNcwadi kaMormoni na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 5:16; uMoroni 10:3–5).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

isithombe sikaJoseph Smith nabazali bakhe bebukeka bekhathazekile

Devastating Weight of 116 Pages [Isisindo Esikhathazayo Samakhasi ayi–116], nguKwani Povi Winder

ikhasi lomsebenzi labantwana