Wozani, Ngilandeleni 2024
Amazwi Okubuyiselwa: UkuHunyushwa kweNcwadi kaMormoni


“Amazwi Okubuyiselwa: UkuHunyushwa kweNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“UkuHunyushwa kweNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

uphawu lamazwi okubuyiselwa

Amazwi Okubuyiselwa

UkuHunyushwa kweNcwadi kaMormoni

Ngo–Ephreli 1829, inyanga okwatholakala ngayo izigaba 6–9 zeMfundiso neziVumelwano, umsebenzi omkhulu kaJoseph Smith kwakuwukuhumusha iNcwadi kaMormoni. Asiyazi yonke imininingwane ngesimangaliso saleyonqubo, kodwa siyazi ukuthi uJoseph Smith wayengumboni, esizwa ngamathuluzi uNkulunkulu awalungiselele: amatshe amabili akhanyayo ayebizwa ngokuthi yi–Urimi neThumimi nelinye itshe okwakuthiwa yitshe lomboni.

Kamuva ngesikhathi ecelwa ukuthi achaze ukuthi lendaba yahunyushwa kanjani, uJoseph wathi “kwakungeyona inhloso ukutshela umhlaba konke ngayo.” Wayevame ukuthi yahunyushwa “ngesipho, nangamandla kaNkulunkulu.”

Lamazwi alandelayo, avela kulabo abangofakazi abazibonela ngamehlo abo konke okwakwenzeka ngesikhathi kuhunyushwa, ayabusekela ubufakazi bukaJoseph.

Ibhokisi lokhuni likaHyrum Smith

Kunenkolelo yokuthi lelibhokisi, okwakungela Hyrum Smith, lalisetshenziswa okwesikhashana ukuzifihla izingcwephe.

u-Emma Smith

U-Emma Smith (U-Emma Hale Smith)

“Ngenkathi umyeni wami ehumusha iNcwadi kaMormoni, ngayibhala ingxenye yayo, ngesikhathi enginika amazwi omusho ngamunye, igama negama, futhi kwakuthi uma efika emagameni abantu noma ezindawo ayengakwazi ukuwabiza, noma amagama amade wayewabizela, futhi ngesikhathi ngisawabhala kwakuthi uma ngenza iphutha ukuwabhala, wayengimisa alungise lelophutha nakuba wayengakwazi ukubona ukuthi ngiwabhala kanjani. Ngisho igama elithi Sara wayengakwazi ukulisho ekuqaleni, kwakufanele ukuthi alibize, mina ngimuphimisele lona.”

“Izingcwephe zazivamise ukuhlala etafuleni kungekho mizamo yokuzicashisa, zigoqwe ngendwangu yetafula encane yelineni engangimnike yona ukuba azigoqe ngayo. Ngake ngazithinta izingcwephe zisahleli kanjalo etafuleni, ngizwa isimo sazo. Zazizwakala sengathi zithambile njengephepha eliwugqinsi, futhi zazenza umsindo wensimbi uma zazicindezelwa emacaleni ngesithupha, njengoba kwesinye isikhathi uye ucindezele ngesithupha amakhasi encwadi eceleni. …

“Engikholwa yikho wukuthi iNcwadi kaMormoni ivela kuNkulunkulu—lokho angikungabazi nakancane. Nganelisekile ukuthi akekho umuntu owayengakwazi ukunika ngomlomo amagama abhalwa ngesandla ngaphandle uma ayeyalwa nguMoya; ngokuba ngesikhathi ngimbhalela, [uJoseph] wayenginika amagama ihora nehora; futhi kwakuthi uma sesibuyela emva kokudla, noma emva kokuphazamiseka, wayevele aqhubeke lapho ayegcine khona, ngaphandle kokubuka umbhalo noma afundelwe lapho kugcinwe khona. Lokhu kwakuyinto ayevame ukuyenza. Kwakungabazeka ukuthi indoda efundile yayingakwazi ukukwenza lokhu; futhi-ke kumuntu owayengafundile kangaka njengaye, lokhu kwakungenakwenzeka.”

umfanekiso ka-Emma Smith esiza uJoseph Smith ngokuhumusha izingcwephe zegolide

u-Oliver Cowdery

Head and shoulders portrait of Oliver Cowdery as a young man. He is wearing a dark suit, white shirt and dark tie.

“Ngayibhala ngelami ipeni yonke iNcwadi kaMormoni (ngaphandle kwamakhasi ambalwa) ngesikhathi ivela ezindebeni zomprofethi, ngesikhathi eyihumusha ngesipho nangamandla kaNkulunkulu, nge-Urimi neThumimi, noma, njengoba zibizwa encwadini, izihumushi ezingcwele. Ngazibona ngawami amehlo, futhi ngaziphatha ngezami izandla, izingcwephe zegolide lezi eyahunyushwa ivela kuzo. Ngazibona futhi nezihumushi.”

AmaNothi

  1. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka kuTopics and Questions, “Book of Mormon Translation,” Gospel Library; uRichard E. uTurley Jr., uRobin S. Jensen, kanye no-Mark Ashurst-McGee, “Joseph the See,” Ensi, Okt. 2015, 48–55).

  2. Minutes, 25–26 October 1831,”Minute Book 2, 13, josephsmithpapers.org.

  3. Kwi “Church History,” Times and Seasons, ngoMashi 1 1842, 707; bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 441.

  4. Ku-Edmund C. Briggs, “A Visit to Nauvoo in 1856,” Journal of History, vol. 9, no. 4 (Okt. 1916), 454; kucashunwe kuRussell M. Nelson, “A Treasured Testament,” Ensign, Julayi 1993, 62.

  5. Kwi “Last Testimony of Sister Emma,” Saints’ Herald, Okt. 1, 1879, 290; okujwayelekile ngokwesimanjemanje.

  6. KwiReuben Miller journal, Oct. 21, 1848, Church History Library, eSalt Lake City; isipelingi, izimpawu zokubhala, nosonhlamvukazi kujwayelekile.