“NgoFebruwari 17–23: ‘Phezu Kwenu ZiNceku eziSebenza Nami’: IMfundiso neziVumelwano 12–17; uJoseph Smith—uMlando 1:66–75,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 12–17; uJoseph Smith—uMlando 1:66–75,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025
NgoFebruwari 17–23: “Phezu Kwenu ZiNceku eziSebenza Nami”
IMfundiso neziVumelwano 12–17; uJoseph Smith—uMlando 1:66–75
Iningi labantu emhlabeni jikelele cishe abakaze bezwe ngendawo okuthiwa yiHarmony, ePennsylvania. INkosi ivame ukukhetha izindawo ezingaziwa lapho okwenzeka khona izehlakalo ezibalulekile embusweni Wakhe. Endaweni enezihlahla maduzane naseHarmony ngomhlaka–15 kuMeyi 1829, uJohane uMbhabhadisi wavela kuJoseph Smith no–Oliver Cowdery. Wabeka izandla zakhe emakhanda abo wabanika ubupristi buka-Aroni, ebabiza “zinceku ezikanye nami” (IMfundiso neziVumelwano 13:1).
UJohane uMbhabhadisi wayeyinceku kaNkulunkulu ethenjwayo eyabhabhadisa uMsindisi futhi yalungisa indlela yokuza Kwakhe (bheka NgokukaMathewu 3:1–6, 13–17). Kulaba bafana ababili abaseminyakeni engamashumi amabili ubudala, kumelwe ukuba kwakubathobisa, mhlawumbe ngisho nokukhungathekisa, ukubizwa izinceku ezikanye noJohane. Ngaleso sikhathi, uJoseph no–Oliver babengaziwa, njengayo indawo yase Harmony. Kodwa ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu selokhu njalo kwahlala kumayelana nokuthi simsebenzela kanjani kunokuthi ngubani obonayo. Noma umnikelo wakho ubonakala umncane noma ungabonakali ngezinye izikhathi, nawe futhi uyinceku kanye nabanye “emsebenzini omkhulu nomangalisayo” weNkosi (IMfundiso neziVumelwano 14:1).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 12; 14
Ngingasiza “emsebenzini omkhulu nomangalisayo” kaNkulunkulu.
UJoseph Knight noDavid Whitmer bobabili babefuna ukwazi ukuthi bangasiza kanjani emsebenzini weNkosi. Njengoba ufunda impendulo yeNkosi kubo (IMfundiso neziVumelwano 12; 14), cabanga ngokuthi kusho ukuthini kuwe “ukuveza futhi umise injongo yeSiyoni” (12:6; bheka no-14:6). Yiziphi izimiso kanye nezimfanelo ezifana nezikaKristu ozithola kulezi zigaba ezingakusiza wenze lokhu na?
Bheka futhi “The Knight and Whitmer Families,” kokuthi Revelations in Context, 20–24.
UJesu Kristu wathumela uJohane uMbhabhadisi ukuba abuyisele ubuPristi buka-Aroni.
UJohane uMbhabhadisi wabiza uJoseph Smith no-Oliver Cowdery “ngezinceku ezisebenza na[ye].” Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba yinceku kanye noJohane uMbhabhadisi? (bheka NgokukaMathewu 3:13–17; NgokukaLuka 1:13–17; 3:2–20).
Njengoba ufunda lokho uJohane uMbhabhadisi akusho ngobupristi buka-Aroni isigaba 13, zindla ngendlela izikhiye zalobubupristi ezisiza ngayo ekufezeni ukuthunywa kukaJohane wokulungisa indlela yeNkosi. Isibonelo:
-
Kuyini “ukukhonza kwezingelosi” na? (bheka 2 uNefi 32:2–3; uMoroni 7:29–32.
-
Liyini “ivangeli lokuphenduka”? (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:26–27.
Izimiso zobuPristi buka-Aroni (njengokubhabhadiswa nesidlo esingcwele) zisiza kanjani ekulungiseleleni indlela yokwamukela uMsindisi empilweni yakho na?
Ziyini izikhiye zobupristi na?
IGosa uDale G. Renlund nonkosikazi walo, uRuth, banikeza lencazelo mayelana nezikhiye zobupristi:
“Igama elithi ubupristi izikhiye lisetshenziswa ngezindlela ezimbili ezahlukene. Esokuqala sisho ilungelo elithile noma ilungelo elinikezwe bonke abathola ubuPristi buka-Aroni noma bukaMelkisedeki. … Isibonelo, abaphethe ubuPristi buka-Aroni bathola izikhiye zokusetshenzelwa yizingelosi kanye nezikhiye zevangeli lokulungiselela lokuphenduka kanye nokubhabhadiswa ngokucwiliswa ukuze kuthethelelwe izono (bheka IMfundiso neziVumelwano 13:1; 84:26–27). Abaphathi bobuPristi bukaMelkisedeki bathola ukhiye wezimfihlakalo zombuso, ukhiye wolwazi lukaNkulunkulu, nezikhiye zazo zonke izibusiso zomoya zeBandla (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:19; 107:18). …
“Indlela yesibili igama elithi izikhiye zobupristi elisetshenziswa ngayo isho ubuholi. Abaholi bobupristi bathola izikhiye zobupristi ezengeziwe, ilungelo lokwengamela ingxenye yenhlangano yeBandla noma umgwamanda. Mayelana nalokhu, izikhiye zobupristi ziyigunya namandla okuqondisa, ukuhola, kanye nokuphatha eBandleni” (The Melchizedek Priesthood: Understanding the Doctrine, Living the Principles [2018], 26).
Izimiso zenza ngikwazi ukuthola amandla kaNkulunkulu.
Wake wazibuza ukuthi kwakungaba njani ukuba noJoseph Smith no-Oliver Cowdery ezehlakalweni ezinkulu zokuBuyiselwa na? Njengoba ufunda uJoseph Smith—uMlando 1:66–75, kuhlanganise nombhalo ekugcineni ivesi 71, ungase uqonde okungenani okunye kwalokho ababekuzwa. Yini ekuhlaba umxhwele ngamazwi abo? Qaphela, ikakhulukazi, izibusiso abazithola ngenxa yokuthi bathola ubupristi futhi babhabhadiswa. Yiziphi izibusiso uMsindisi akunikeze zona ngezimiso zobupristi na?
Ukuze ufunde kabanzi, cabanga ukwenza ithebula elinezihloko ezithi Izimiso nezithi Izibusiso. Ngemva kwalokho ungase uhlole imibhalo efana nale ukuze wenze uhlu lwezimiso kanye nezibusiso ezivela kuzo: NgokukaJohane 14:26; IzEnzo 2:38; IMfundiso neziVumelwano 84:19–22; 131:1–4; uJoseph Smith—uMlando 1:73–74. Yiziphi ezinye izibonelo ongazifaka kuloluhlu na? Izimiso ozitholile zilethe kanjani amandla oMsindisi empilweni yakho na?
-
Ukuletha imiphefumulo kuKristu kubaluleke kakhulu.
Wake wazibuza yini, njengoba kwenza uJohn noPeter Whitmer, yikuphi “[oku]ngaba kubaluleke kakhulu” empilweni yakho na? (IMfundiso neziVumelwano 15:4; 16:4). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 15–16, zindla ngokuthi kungani ukuletha abantu kuKristu kubaluleke kangaka. Wenzani ukuze “ulethe imiphefumulo” kuKristu na?
-
UNkulunkulu usebenzisa ofakazi ukumisa izwi Lakhe.
Yini ufakazi na? Kungani iNkosi isebenzisa ofakazi emsebenzini Wayo na? (bheka 2 kwabaseKorinte 13:1). Cabanga ngalemibuzo ngesikhathi ufunda amazwi uNkulunkulu awanike oFakazi abaThathu IMfundiso neziVumelwano 17. (Bheka futhi “Ubufakazi Bofakazi abaThathu” eNcwadini kaMormoni.) Ofakazi basiza kanjani ekufezeni “izinhloso zokulunga” zikaNkulunkulu na? (kuvesi 4).
Ungafakaza ngani na?
-
Amasu okuFundisa AbaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 13; uJoseph Smith—uMlando 1:68–74
UJohane uMbhabhadisi wayephethe ubuPristi buka-Aroni.
-
Umsebenzi wobuciko kuloluhlaka ungasiza abantwana bakho ukuba babone ngeso lengqondo ukubuyiselwa kobuPristi buka-Aroni. Bangakujabulela ukudweba isithombe somcimbi ngokusekelwe kulokho okufunda nabo kuJoseph Smith—uMlando 1:68–74?
-
Ungase futhi ubonise isithombe sikaJohane uMbhabhadisi ngesikhathi nifunda ndawonye NgokukaMathewu 3:13–17; uJoseph Smith—uMlando 1:68–70. Kungani kwakubalulekile ukuthi iNkosi ithumele uJohane uMbhabhadisi ukuthi anikeze uJoseph Smith igunya lobupristi lokubhabhadisa na?
UBaba oseZulwini uyangibusisa ngobuPristi buka-Aroni.
-
Ukwazisa ingxoxo mayelana nezikhiye ezishiwo kwiMfundiso neziVumelwano 13, wena nabantwana bakho ningabheka iqoqo lezikhiye futhi nikhulume ngalokho okhiye abasivumela ukuthi sikwenze. Mhlawumbe ungabasiza bathole igama elithi izikhiye esigabeni 13. Yimaphi amanye amagama noma imishwana kwiMfundiso neziVumelwano 13 echaza izibusiso zobuPristi buka-Aroni na? Abantwana bakho bangakwazi futhi ukubona izindlela uBaba oseZulwini asibusisa ngazo ngobupristi kuvidiyo ethi “Blessings of the Priesthood (Izibusiso zobuPhristi)” (Umtapo woLwazi weVangeli).
IMfundiso neziVumelwano 15:4–6; 16:4–6
Ukusiza abanye ukuba beze kuJesu Kristu “kubaluleke kakhulu.”
-
UJohn noPeter Whitmer babefuna ukwazi ukuthi yikuphi “okubaluleke kakhulu” ezimpilweni zabo (IMfundiso neziVumelwano 15:4; 16:4). Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngezinto ezibaluleke kakhulu kini. Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 15:6 noma 16:6, cela abantwana bakho ukuthi baphakamise izandla zabo lapho bezwa lokho iNkosi ethe “kubaluleke kakhulu.”
-
Kusho ukuthini “ukuletha imiphefumulo [kuJesu Kristu]” na? Siza abantwana bakho benze uhlu lwemibono, njengokuba abangane babanye, ukwabelana ngemibhalo engcwele nomngane, noma ukuthandazela umuntu oswele. - Noma bangadweba ezabo izithombe. Bameme ukuthi bakhethe okuthile ohlwini lwabo abazokwenza. -
Ngingaba ufakazi weNcwadi kaMormoni.
-
- Ngemva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 17:5–6, tshela abantwana bakho ukuthi wazi kanjani ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso. Singaba kanjani ofakazi beNcwadi kaMormoni na?
4:58