“Isithasiselo A: Okuqondene Nabazali—Ukulungiselela Abantwana Bakho Impilo Yabo Yonke beseNdleleni kaNkulunkulu,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“Isithasiselo A,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Isithasiselo A
Okuqondene Nabazali—Ukulungiselela Abantwana Bakho Impilo Yabo Yonke beseNdleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano
Ngoba uyakuthanda, uyakwethemba, futhi uyakwazi ongahle ube yikho, uBaba oseZulwini ukunikeze ithuba lokusiza abantwana bakho bangene futhi baqhubekele phambili endleleni Yakhe yesivumelwano, indlela eya ekuphileni kwaphakade (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:25–28). Lokhu kubandakanya ukubasiza balungiselele ukwenza nokugcina izivumelwano ezingcwele, njengesivumelwano sombhabhadiso nezinye izivumelwano ezenziwa ethempelini. Ngalezi zivumelwano, abantwana bakho bazozibophezela kuMsindisi, uJesu Kristu.
Ziningi izindlela zokulungiselela abantwana bakho ukuba bathathe lolu hambo lwendlela yesivumelwano, futhi uBaba oseZulwini uzokusiza uthole indlela enhle kakhulu yokubasiza. Ngesikhathi ufuna ukuholwa umoya, ukhumbule ukuthi akukhona konke ukufunda okwenzeka ngesikhathi sezifundo ezihleliwe. Empeleni, okunye okwenza ukufunda ekhaya kube namandla kangaka yithuba lokufunda ngesibonelo ezimweni ezincane neziwubala—lezo ezenzeka ngokwemvelo ngesikhathi kuphilwa nje. Njengoba ukulandela indlela yesivumelwano kuyinqubo yokuphikelela, impilo yonke, kanjalo-ke nokufunda ngendlela yesivumelwano. (Bheka incwadi yokufunda ethi “Ikhaya noMndeni,” Teaching in the Savior’s Way [2022], 30–31.)
Lapha ngezansi kukhona amasu angase aholele ekuholweni umoya. Ungathola amanye amasu okufundisa abantwana abalingana nabantwana beNhlangano yabaNtwana esihlokweni esithi “Isithasiselo B: Okuqondene neNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Impilo Yabo Yonke beseNdleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”
UmBhabhadiso nokuQiniswa
UNefi wafundisa ukuthi “isango okufanele [s]ingene ngalo” endleleni yesivumelwano “ngukuphenduka kanye nokubhabhadiswa ngamanzi” (2 Nefi 31:17). Imizamo yakho yokusiza abantwana bakho balungiselele umbhabhadiso nokuqiniswa ingabasiza bame baqine kuleyo ndlela. Lemizamo iqala ngokufundisa ngokholo kuJesu Kristu kanye nokuphenduka. Iphinde ibandakanye nokufundisa ngokuvuselela izivumelwano zethu zombhabhadiso ngokuthatha isidlo esingcwele isonto nesonto.
Nazi ezinye izinsiza ezingakusiza: 2 Nefi 31; , “,” Umthombo woLwazi weVangeli.
-
Njalo uma udlula esimweni esiqinisa ukholo lwakho kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu, xoxela umntwana wakho ngaso. Basize baqonde ukuthi ukholo yinto engakhula ibe namandla impilo yabo yonke. Yiziphi ezinye izinto umntwana wakho angazenza ukuze akhe ukholo olunamandla kuJesu Kristu ngaphambi kokuba abhabhadiswe na?
-
Uma umntwana wakho enza okungalungile, xoxa ngenjabulo mayelana nesipho sokuphenduka. Futhi uma wena wenza okungalungile, abelana naye ngentokozo efikayo ngesikhathi uphenduka. Fakaza ukuthi ngenxa yokuthi uJesu Kristu wezwa ubuhlungu futhi wafela izono zethu, singaphenduka nsuku zonke, sixolelwe, futhi sithole amandla okushintsha. Uma umntwana wakho efuna uxolo, mxolele ngokukhululeka futhi ngentokozo.
-
Xoxela umntwana wakho ngombhabhadiso wakho. Veza izithombe uxoxe ngokukhumbulayo. Xoxa ngokuthi wazizwa kanjani, ngokuthi ukugcina izivumelwano zakho zombhabhadiso kukusize kanjani umazi kangcono uJesu Kristu, nokuthi izivumelwano zakho ziqhubeka kanjani nokubusisa impilo yakho. Khuthaza umntwana wakho ukuba abuze imibuzo.
-
Uma kukhona umbhabhadiso emndenini noma ewadini lakho, thatha umntwana wakho ayowubona. Xoxani ngokuthi wena nomntwana wakho niboneni futhi nezwani. Uma kungenzeka, xoxa nalomuntu obhabhadiswayo umbuze imibuzo efana nalena elandelayo: “Usithathe kanjani lesi sinqumo na? Uzilungiselele kanjani na?”
-
Uma ubona umntwana wakho enza okuthile athembise ukukwenza, mncome ngokweqiniso. Cacisa ukuthi ukugcina izithembiso kuyasisiza silungiselele ukugcina izivumelwano esizenzayo uma sibhabhadiswa. Ngabe yini esiyethembisa uNkulunkulu uma sibhabhadiswa na? INkosi isithembisani kulamavesi? (Bheka uMosiya 18:8–10, 13.)
-
Xoxa ngokuthi kukubusise kanjani ukuqiniswa nokuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Isibonelo, usondelane kanjani noBaba oseZulwini noJesu Kristu ngesikhathi usiza abanye nangesikhathi abanye besize wena na? Siza umntwana wakho acabange izindlela zokusiza nokuqinisa abanye njengelungu leBandla. Futhi basize bazizwele ngokwabo futhi baqaphele injabulo eza ngokusiza abanye.
-
Lapho wena nomntwana wakho niba nesehlakalo esingcwele (njengasesontweni, ngesikhathi nifunda imibhalo engcwele, noma ngesikhathi nisiza umuntu), mtshele ngemizwa yangokomoya noma imicabango onayo. Mema umntwana wakho ukuba abelane nawe ngemizwa yakhe. Qaphela izindlela ezahlukene uMoya angakhuluma ngazo nabantu, kubandakanya nendlela Akhuluma nawe ngayo. Siza umntwana wakho abone futhi abelane nawe ngezikhathi lapho okungenzeka ukuthi uzwa ithonya likaMoya oNgcwele.
-
Bukelani ndawonye amavidiyo ambalwa eqoqo loMthapo woLwazi weVangeli enesihloko esithi “Hear Him!” Xoxani ndawonye ngezindlela ezahlukene izinceku zeNkosi ezizwa ngayo izwi Lakhe. Mema umntwana wakho ukuba adwebe isithombe noma enze ividiyo mayelana nokuthi ulizwa kanjani izwi loMsindisi.
-
Yenza isidlo esingcwele sibe isikhathi esingcwele nesinentokozo emndenini wakho. Abelana nomntwana wakho ngendlela ogxila ngayo kuJesu Kristu ngesikhathi sesidlo esingcwele. Siza umntwana wakho enze isu lokubonisa ukuthi isidlo esingcwele singcwele kuye. Isibonelo, ukulalela amazwi emikhuleko esidlo esingcwele kungasikhumbuza izivumelwano zethu zombhabhadiso.
-
Iphephabhuku elithi Friend (Umngani) liqukethe izindatshana, izindaba ezilandiswayo, nokwenziwayo kokusiza abantwana balungiselele ukubhabhadiswa nokuqiniswa. Vumela umntwana wakho akhethe okunye azokufunda futhi akujabulele nawe. -
Amandla obuPhristi, iGunya, neziHluthulelo
Ubuphristi yigunya namandla kaNkulunkulu abusisa ngalo abantwana Bakhe. Ubuphristi bukaNkulunkulu busemhlabeni namuhla eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. “Wonke amalungu eBandla agcina izivumelwano zawo—abesifazane, abesilisa, kanye nabantwana—abusiswa ngamandla obuPhristi bukaNkulukulu emakhaya awo ukuze aziqinise wona nemindeni yawo” (bheka incwadi ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 3.6, uMtapo woLwazi weVangeli). Lamandla azosiza amalungu ukuba enze umsebenzi kaNkulunkulu wensindiso nokuphakanyiswa ezimpilweni zawo nasemindenini yawo (bheka incwadi ethi General Handbook, 2.2).
Uma amododa nabesifazane besebenza obizweni lweBandla, bakwenza lokhu ngegunya lobuphristi, beholwa yilabo abaphethe izihluthulelo zobhupristi. Bonke abantwana baBaba oseZulwini—amadodana namadodakazi Akhe—bazobusiseka ngesikhathi bebuqonda kangcono ubuphristi.
Sithola izimiso ngegunya lobuphristi. “Abesilisa abafanelekile abangamalungu eBandla bathola igunya lobuphristi ngokunikezelwa ubuphristi kanye nokugcotshwa emahhovisi obuphristi” (General Handbook, 3.4). Labo abasemahhovisini obuphristi bangagunyazwa ngomunye onezihluthulelo zobuphristi ukwenza izimiso zobuphristi.
Ukufunda kabanzi ngobuphristi, bheka kuRussell M. Nelson, “Spiritual Treasures,” Liyahona, ngoNovemba. 2019, 76–79; Russell M. Nelson, “The Price of Priesthood Power,” Liyahona, ngoMeyi 2016, 66–69; “Priesthood Principles,” chapter 3 in General Handbook.
-
Yenza izimiso zobuphristi zibe yingxenye evamile yempilo yomndeni wakho. Isibonelo, siza umntwana wakho alungiselele ngokomoya isidlo esingcwele isonto nesonto. Khuthaza umntwana wakho ukuba afune izibusiso zobuphristi uma egula noma edinga induduzo noma ukuholwa. Kwenze kube yinjwayelo ukukhomba izindlela iNkosi ebusisa ngayo umndeni wakho ngamandla obuphristi.
-
Ngesikhathi nifunda imibhalo engcwele ndawonye, bheka amathuba okuxoxa ngendlela uNkulunkulu abusisa ngayo abantu ngamandla Akhe. Abelana ngosudlule kukho lapho iNkosi ikubusise ngobuphristi Bakhe. Ukuthola uhlu lwezinye izindlela esibusiseka ngazo ngamandla obuphristi, bheka kwi General Handbook, 3.2, 3.5.
-
Fundisa umntwana wakho ukuthi emuva kombhabhadiso, angathola amandla obuphristi ngokugcina isivumelwano sombhabhadiso. Bhekani ndawonye umlayezo kaMongameli uRussell M. Nelson “Spiritual Treasures” (Liyahona, ngoNovemba. 2019, 76–79). Xoxela umntwana wakho ngokuthi izimiso zobuhpristi ziwalethe kanjani amandla kaNkulunkulu empilweni yakho. Ukuthola uhlu lwezinye izindlela esibusiseka ngazo ngamandla obuphristi, bheka kwi General Handbook, 3.5.
-
Xoxani ngombuzo othi “Ngabe inceku yeNkosi injani na?” Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 121:36–42, nibheke izimpendulo. Nomanini lapho ubona umntwana wakho (noma omunye umuntu) ephila imigomo noma izimpawu ezitholakala kulamavesi, kukhombe lokho.
-
Uma wena noma umntwana wakho esebenzisa izihluthulelo ukuvula umnyango noma ukudumisa imoto, sebenzisa lelothuba uqhathanise lezo zihluthulelo nezihluthulelo eziphethwe abaholi bobuphristi. (Ukuthola incazelo ngezihluthulelo zobuphristi, bheka kwi General Handbook, 3.4.1). Izihluthulelo zobuphristi “zisivulela” noma “zisiqalelani”? Bheka futhi kuGary E. Stevenson, “Where Are the Keys and Authority of the Priesthood?,” Liyahona, ngoMeyi 2016, 29–32; “Where Are the Keys?” (video), Umtapo woLwazi weVangeli.
-
Lapho uhlukaniselwa ubizo, mema umntwana wakho ukuba abe khona, uma kungenzeka. Vumela umntwana wakho akubone ufeza ubizo lwakho. Ungase futhi ubheke nezindlela ezifanele angakusiza ngazo. Chaza ukuthi uwezwa kanjani amandla eNkosi obizweni lwakho.
Ukubhabhadiselwa nokuQiniselwa oKhokho
Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe. Endlini yeNkosi, senza izivumelwano ezingcwele noBaba oseZulwini ngesikhathi sibamba iqhaza kwizimiso ezingcwele, zonke ezikhomba kuJesu Kristu. UBaba oseZulwini wenze indlela yokuba bonke abantwana Bakhe benze izivumelwano futhi babambe iqhaza kwizimiso, ngisho nalabo abangazange bazithole kulempilo. Ekuqaleni konyaka lapho umntwana wakho ezoba neminyaka eyi-12, usengabhabhadiselwa futhi aqiniselwe okhokho abangasekho (bheka futhi 1 AbaseKorinte 15:29).
-
Iya endlini yeNkosi njalo lapho isimo sakho sivuma. Xoxa nomntwana wakho ngokuthi kungani uya khona nangokuthi ithempeli likusiza kanjani uzizwe usondelene noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.
-
Buyekezani futhi nixoxe ngemibuzo yemvume yokungena ethempelini ndawonye. Ungawathola kumakhasi 36–37 e-For the Strength of Youth(Okwakha iNtsha): A Guide for Making Choices (2022). Xoxa nomntwana wakho ngokuthi kwenzekalani ngesikhathi sengxoxo yemvume yokungena ethempelini. Abelana naye ngokuthi kungani ukuba nemvume yokungena ethempelini kubalulekile kuwe.
-
Fundani ndawonye uMalakhi 4:6. Xoxani ngokuthi izinhliziyo zenu zingaphendulelwa kanjani kokhokho benu. Fundani kabanzi ngokhokho benu ngokuhlola umlando womndeni wenu ndawonye ku FamilySearch.org. Bhekani okhokho abadinga ukubhabhadiswa nokuqiniswa. Owasewadini osebenza ngamathempeli nemilando yomndeni anganisiza.
-
Bhekani ndawonye ezinye izinsiza kwiqoqo elithi “Temple” kwingxenye yabantwana yoMtapo woLwazi weVangeli. (Bheka futhi “Preparing Your Child for Temple Baptisms and Confirmations” kwi ChurchofJesusChrist.org.)
Ukuthola isiBusiso soMphatriyakhe
Isibusiso soMphatriyakhe singaba ngumthombo wokuqondiswa, induduzo nokuholwa nogomoya. Siqukethe iseluleko somuntu siqu esivela kuBaba oseZulwini futhi siyasisiza siqonde inhloso yethu yaphakade nokuthi singobani. Siza umntwana wakho alungiselele ukuthola isibusiso somphatriyakhe ngokumfundisa ukubaluleka nobungcwele besibusiso somphatriyakhe.
Ukufunda kabanzi, bheka iTopics and Questions(Izihloko nemiBuzo), “Patriarchal Blessings,” Umthombo woLwazi weVangeli; Julie B. Beck, “You Have a Noble Birthright,” Liyahona, ngoMeyi 2006, 106–8.
-
Xoxela umntwana wakho ngesikhathi owathola ngaso isibusiso sakho somphatriyakhe. Ungabelana naye ngezinto ezifana nokuthi wakulungiselela kanjani ukusithola, sikusize kanjani ukuba usondelane noNkulunkulu, nokuthi usisebenzisa kanjani lesi sibusiso empilweni yakho. Ungase uphinde umeme umntwana ukuba axoxe namanye amalungu omndeni asethole izibusiso zabo zomphatriyakhe.
-
Buyekezani ndawonye umlayezo weGosa uRandall K. Bennett’s “Your Patriarchal Blessing—Inspired Direction from Heavenly Father” kanye nomyalezo weGosa uKazuhiko Yamashita’s “When to Receive Your Patriarchal Blessing” (Liyahona, ngoMeyi 2023, 42–43, 88–90). Yabelanani ndawonye ukuthi yikuphi enikufundayo kulemilayezo ngokuthi kungani uBaba oseZulwini efuna sithole isibusiso somphatriyakhe. Ukufunda ngenqubo yokuthola isibusiso somphatriyakhe, bheka kwi General Handbook, 18.17.
-
Uma unokhokho abathola izibusiso zobuphatriyakhe, kungase kukhuthaze ukufunda ezinye zazo nomntwana wakho. Ukucela izibusiso zokhokho abangasekho, ngena ku ChurchofJesusChrist.org, cofoza ku Tools ekhoneni eliphezulu ngakwesokudla, bese ukhetha Patriarchal Blessing.
-
Ngemva kokuba umntwana wakho esethole isibusiso somphatriyakhe, mema amalungu omndeni abekhona ukuba abhale phansi imizwa yabo futhi abelane ngayo nomntwana wakho.
Ukuthola ukweMbathiswa
UNkulunkulu ufuna ukumbathisa, noma ukubusisa, bonke abantwana Bakhe “[ng]amandla avela phezulu” (IMfundiso neziVumelwano 95:8). Siya ethempelini ukuyokwamukeliswa isipho sethu kanye kuphela, kepha izivumelwano esizenza noNkulunkulu namandla angokomoya Asinika wona njengengxeye yesipho kungasibusisa zonke izinsuku zokuphila kwethu.
-
Bonisa isithombe sethempeli ekhaya lakho. Xoxela umntwana wakho ngemizwa oyizwayo ethempelini. Zijwayeze ukuxoxa ngothando onalo lweNkosi neNdlu Yakhe kanye nezivumelwano ozenzile khona. Bheka amathuba okuba umntwana wakho afunde ngamanye amasiko nezinkolo.
-
Hlolani ndawonye ku temples.ChurchofJesusChrist.org. - Vumela umntwana wakho abuze noma yimiphi imibuzo anayo ngethempeli. -
-
Ngesikhathi wena nomntwana wakho nibamba iqhaza ezimisweni noma nizibonela ukwenziwa kwazo (njengesidlo esingcwele noma isibusiso sokwelashwa), thathani isikhashana nixoxe ngezimpawu eziyingxenye yalesi simiso. Ngabe lezi zimpawu zimeleni na? Ngabe zifakaza kanjani ngoJesu Kristu na? Lokhu kungasiza umntwana wakho alungiselele ukucabanga ngokuthi izimpawu zasethempelini zimeleni, eziphinde zifakaze ngoJesu Kristu.
-
Siza umntwana wakho abone ukuthi usigcina kanjani isivumelwano sombhabhadiso esichazwe kuMosiya 18:8–10, 13. Phinda umsize umntwana wakho abone ukuthi iNkosi imbusisa kanjani. Khulisa ukuzethemba komntwana wakho ngokuthi uzokwazi ukugcina izivumelwano.
-
Xoxa ngokukhululeka nangokuvamile ngendlela izivumelwano zasethempelini ezihola ngayo ukwenza kwakho nangendlela ezikusondeza ngayo kuJesu Kristu. Ungasebenzisa iGeneral Handbook, 27.2, ukubuyekeza izivumelwano esizenzayo ethempelini. Uma usukutholile ukwembathiswa, tshela abantwana bakho ngokuthi isembatho sasethempelini sikusiza kanjani ukuthi ukhumbule izivumelwano zakho noJesu Kristu (bheka “Sacred Temple Clothing” [ividiyo], Umthombo woLwazi weVangeli).
Ukufeza Umsebenzi Wokuthunywa
IGosa u David A. Bednar lafundisa ukuthi: “Into ebalulekile kakhulu ongayenza ukulungiselela ubizo lokuyosebenza ukuba ngumfundisi wevangeli ngaphambi kokuba uhambe uye emsebenzini wokuthunywa. … Okubalulekile akukhona ukufeza umsebenzi wokuthunywa; kodwa okubalulekile ukuba ngumfundisi wevangeli nokusebenza impilo yethu yonke ngenhliziyo, amandla, umqondo, nomfutho wonke. Ulungiselela umsebenzi wokufundisa ivangeli wempilo yonke” (“Becoming a Missionary,” Liyahona, ngoNovemba 2005, 45–46). Konke azodlula kukho umntwana wakho ngesikhathi eba ngumfundisi wevangeli kuzombusisa ingunaphakade, hhayi ukuthi uzobusiseka isikhashana leso azobe esebenza ngaso njengomfundisi wevangeli kuphela.
Ukufunda kabanzi, bheka kuRussell M. Nelson, “Preaching the Gospel of Peace,” Liyahona, ngoMeyi 2022, 6–7; M. Russell Ballard, “Missionary Service Blessed My Life Forever,” Liyahona, ngoMeyi 2022, 8–10; “Missionary Preparation: Adjusting to Missionary Life,” Umthombo woLwazi weVangeli.
-
Yiba yisibonelo sendlela yokwabelana ngevangeli ngendlela ejwayelekile. Hlala uqaphele amathuba okwabelana nabanye ngemizwa yakho ngoBaba oseZulwini kanye noMsindisi nezibusiso ozitholayo njengelungu leBandla Lakhe. Mema abanye ukuba bahlanganyele nomndeni wakho kukho konke okwenziwayo eBandleni nasemndenini wakho.
-
Bheka amathuba okuba umndeni wakho uxhumane nabefundisi bevangeli. Bameme ukuba bafundise abangani bakho, noma ubavumele ukuba bafundisele abantu ekhaya lakho. Buza abefundisi bevangeli ngakho konke abadlula kukho nokuthi ukusebenza njengabefundisi bevangeli kubasiza kanjani ukuthi basondelane noJesu Kristu. Phinda ubuze ukuthi yini abayenzile (noma abafisa ukuthi ngabe bayenza) ukulungiselela ukuba abefundisi bevangeli.
-
Uma uke wafeza umsebenzi wokuthunywa, xoxa ngakho konke owadlula kukho ngokukhululeka. Noma mema abangani noma amalungu omndeni ake afeza umsebenzi wokuthunywa ukuba baxoxe ngohambo lwabo. Ungahle futhi ukhulume ngezindlela owabelane ngazo ngevangeli nabanye empilweni yakho yonke. Siza umntwana wakho acabange ngezindlela angabelana ngazo ngevangeli.
-
Nikeza umntwana wakho ithuba lokufundisa umndeni wakho ngemigomo yevangeli. Umntwana wakho angahle futhi azijwayeze ukwabelana ngenkolo yakhe nabanye. Isibonelo, ningaxoxa ngemibuzo efana nethi “Singamazisa kanjani umuntu ongakaze ezwe ngeNcwadi kaMormoni na?” noma “Singasichaza kanjani isidingo sikaMsindisi kumuntu ongayena umKristu na?”
-
Siza umntwana wakho ajwayele ukukhuluma nabantu. Ngabe yiziphi izindlela ezinhle zokuqala ingxoxo na? Khuthaza umntwana wakho ukuthi afunde ukulalela ukuthi abanye bathini, akuqonde okusezinhliziyweni zabo, futhi abelane ngamaqiniso evangeli angabusisa izimpilo zabo.
-
Bheka amathuba okuba umntwana wakho afunde ngamanye amasiko nezinkolo. Basize babone futhi bahloniphe imigomo emihle neyiqiniso ezinkolweni zabanye.
Ukuthola iSimiso sokuBopha
Ethempelini, umyeni nomkakhe bangashada ingunaphakade. Lokhu kwenziwa ngesimiso esibizwa ngokuthi “ukubopha.” Noma lesi simiso sisekude nendodakazi noma nendodana yakho, izinto ezincane nezingelutho, enijwayele ukuzenza ndawonye ngaleyo minyaka zingabasiza balungiselele lesi sibusiso esihle kangaka.
-
Fundani ndawonye “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” kuMthapo woLwazi weVangeli. Ngabe lesi simemezelo sifundisani ngenjabulo yasemndenini nangomshado onempumelelo na? Ninomntwana wakho, khethani umgomo owodwa kuleyo ebaliwe kulesi simemezelo enizowufunda. Ningabheka imibhalo engcwele ehambisana nalowo mgomo kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele. Ningase futhi nenze izinjongo zokuwuphila lowo mgomo ngokuphelele emndenini wenu. Ngesikhathi niphokophelela ukufeza leyo njongo yenu, xoxani ndawonye ngethonya elikhona ngenxa yokuphila lowo mgomo empilweni yomndeni.
-
- Uma ufika esihlokweni sesibili esithi “A Society of Disposables,” ungase ubheke izinto ekhaya lakho ezilahlwayo nezinye ezingalahlwa. Khulumani ngokuthi niziphatha kanjani ngokwehlukile izinto uma nifuna zihlale isikhathi eside. Kuphakamisa ukuthini lokhu ngokuthi kumele siwuphathe kanjani umshado nobudlelwano bomndeni? Yini enye esiyifundayo emlayezweni kaMongameli u-Uchtdorf mayelana nokuthi uMsindisi angasisiza kanjani sakhe imishado kanye nemindeni eqinile?
-
Khuluma nomntwana wakho ngezinto wena noshade naye enizifundayo ngokuba nomshado waphakade ogxile kuKristu nezindlela enizama ukuzithuthukisa ngazo. Uma wena noshade naye seniboshiwe ethempelini, khombisa umntwana ngesibonelo indlela enizama ngayo ukugcina izivumelwano eziphakathi kwenu neziphakathi kwenu neNkosi. Xoxela umntwana wakho ngendlela enizama ngayo ukwenza uBaba oseZulwini noJesu Kristu babe yisizinda sobudlelwane benu nokuthi Bona banisiza kanjani, “In Partnership with the Lord,” Liyahona, ngoNovemba. 2022, 42–45).
-
Uma kufanele kuthathwe izinqumo emndenini, bambani imikhandlu yomndeni kanye nezingxoxo. Qinisekisa ukuthi yonke imibono yamalungu omndeni iyalalelwa futhi ithathwa njengebalulekile. Sebenzisa lezi zingxoxo njengethuba lokwenza isibonelo sokuxhumana okunempilo nesihe kubudlelwane bomndeni, ngisho lapho ningaboni ngaso linye. (Bheka kuM. Russell Ballard, “Family Councils,” Liyahona, ngoMeyi 2016, 63–65.)
-
Uma kunokuphikisana noma ingxabano emndenini, khombisa isineke nozwelo. Siza umntwana wakho abone ukuthi ukuxazulula ingxabano ngezindlela ezinjengezikaKristu kungamsiza kanjani ukuthi alungiselele umshado onenjabulo. Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 121:41–42, futhi nixoxe ngokuthi imigomo etholakala kulamavesi ingaphilwa kanjani emshadweni.