“NgoDisemba 22–28: ‘Isipho Esikhulu seNdodana Engcwele kaNkulunkulu’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoDisemba 22–28: Isipho Esikhulu seNdodana Engcwele kaNkulunkulu
UKhisimusi
UMphrofethi uJoseph Smith wathi, “Imigomo esemqoka yokholo lwethu ngubufakazi kwabaPhostoli nabaPhrofethi, ngoJesu Kristu, ukuthi wafa, wangcwatshwa, futhi wavuka ngosuku lwesithathu, futhi wanyukela ezulwini; futhi konke okunye kokholo lwethu kuxhume kulokho” (Izimfundiso Zomongameli BeBandla: Joseph Smith [2011], 49). Eminyakeni engaphezu kweyi-160 kamuva, lesi sitatimende sagqugquzela ubuMongameli bokuQala kanye noMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili ukuthi bashicilele “UKristu Ophilayo: Ubufakazi Babaphostoli” ekuhlonipheni iminyaka eyizi-2,000 yokuzalwa kukaMsindisi (bona uRussell. M. Nelson, “Ukudweba Amandla KaJesu Kristu Ezimpilweni Zethu,” Liyahona, ngoMeyi 2017, 40).
NjengabaNgcwele bezinsuku zokuGcina, siyajabula ngesibusiso sesambulo esiqhubekayo ngabaPhrofethi bamanje kanye nabaPhostoli. Sibonga amazwi abo ayalayo, axwayisayo, nagqugquzelayo. Kepha ikakhulukazi, sibusisekile ngobufakazi babo obunamandla bukaJesu Kristu—ngesikhathi sikaKhisimusi kanyenonyaka wonke. Lawa amagama amakhulu kunokuba nje amagama ababhali abaqeqeshekile noma abantu abayizikhulumi noma amazwi acashunwe kwimibhalo engcwele. Angamagama “ofakazi abakhethekileyo begama likaKristu emhlabeni wonke” (IMfundiso kanye neziVumelwano 107:23), abakhethiwe, babizwa futhi bagunyazwa nguNkulunkulu.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
“Akekho omunye oke waba nomthelela omngaka.”
Yikuphi ongakusho ukusekela umusho othi “akekho omunye oke waba nomthelela omngaka [kunoJesu Kristu] kubo bonke abaphilile futhi abasazophila emhlabeni”? Bheka izindima kokuthi “UKristu Ophilayo” ezifakaza ngethonya elikhulu likaMsindisi. Ukuthonye kanjani? wena na?
Ake sithi othile ongajwayelene nobuKristu ukubuze ukuthi kungani ugubha uKhisimusi. Ubungaphendula kanjani? Buyekeza “UKristu Ophilayo” unalo mbuzo engqondweni, futhi ucabange ukubhala phansi noma yimiphi imicabango noma imibono eza kuwe.
Bheka nelithi “Isizathu Sokuba Sidinge UMsindisi” (ividiyo), Umthombo woLwazi weVangeli.
“Wavuka ethuneni.”
Kumbhalo othi “uKristu oPhilayo,” abaPhostoli bafakaza ngoVuko loMsindisi, babala izikhathi ezintathu lapho iNkosi yaziveza khona isivukile (bheka isigaba 5). Cabangela ukufunda okunye kokulandisa kwalokhu ziveza ku ngokukaJohane 20; 3 Nefi 11; kanye Joseph Smith—Umlando 1:14–20. Ufundani ngoMsindisi emazwini nasezenzweni Zakhe ngezikhathi eziveza?
“Ubuphristi Bakhe neBandla Lakhe kuBuyiselwe.”
Ngesikhathi ufunda IMfundiso Nezivumelwano kulonyaka, ube nethuba lokufunda kabanzi ngokuthi “ubuphristi neBandla Lakhe kubuyiselwe” kanjani.” Yimaphi amaqiniso noma imigomo ebuyiseliwe ebalulekile kuwe? Cabangela ngokubuyekeza imibhalo engcwele efundisa ngokuBuyiselwa kweVangeli: IMfundiso Nezivumelwano 1:17–23; 13; 20:1–12; 65; 110; 112:30–32; 124:39–42; 128:19–21. Ake uzindle ngendlela amaqiniso evangeli elibuyisiwe akusiza ngayo ukuthi wazi futhi ukhonze uJesu Kristu.
“Ngelinye ilanga Uzobuya emhlabeni.”
Isikhathi saKhisimusi isikhathi sokubheka emuva ngosuku lokuzalwa kukaJesu Kristu nokubheka phambili kulolosuku azobuya ngalo futhi. Yikuphi okufundayo ngokubuya Kwakhe kwisigaba sesibili ngaphambi kwalesi sokugcina embhalweni othi “uKristu oPhilayo”? Kungase kube mnandi futhi ukufunda, ukucula, noma ukulalela amahubo asifundisa ngokuBuya kwesiBili, njengalawa athi “Joy to the World” noma “It Came upon the Midnight Clear” (Hymns, nos. 201, 207).
“Ungukukhanya, ukuphila, nethemba lomhlaba.”
Kwisigaba sokugcina kumbhalo othi “uKristu oPhilayo,” qaphela isimilo nezihloko ezinikezwe uMsindisi. Cabangela ngokuchitha isikhathi ufunda ngezinye zazo. Isibonelo:
Ukukhanya: UJesu Kristu ufana kanjani nokukhanya kuwe? Ungase ucabangele ukudweba isithombe noma ukuthatha isithombe leso, kuwe, esimele ukukhanya Akunika kona. Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuba uyenze ukuze wabelane ngokukhanya Kwakhe? (Bheka futhi NgokukaJohane 8:12; 3 Nefi 18:24; IMfundiso neziVumelwano 50:24.)
Impilo: Kungani ucabanga ukuthi impilo iyigama elihle ukuchaza uJesu Kristu? Ukunika ukuphila ngamuphi umqondo? Impilo yakho ibingahluka kanjani ngaphandle Kwakhe nevangeli Lakhe? (Bheka futhi NgokukaJohane 10:10; 1 abaseKorinte 15:19–23; IMfundiso Nezivumelwano 66:2.)
Ithemba: Wethembani ngenxa kaJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe? Ingabe ukhona omaziyo ozizwa engenathemba ngekusasa? Ake uzindle ukuthi ungabelana kanjani nalowo muntu ngethemba olizwa kuJesu Kristu. (Bheka futhi KwabaseRoma 8:24–25; u-Etere 12:4; uMoroni 7:41.)
Bheka futhi Izihloko Nemibuzo, “UJesu Kristu,” Umthombo woLwazi weVangeli.
“UNkulunkulu makabongwe ngesipho [sakhe] esingenakuqhathaniswa.”
Kokuthi ”UKristu Ophilayo,” abaPhostoli babiza uMsindisi “njengesipho” esivela kuBaba wethu oseZulwini. Ngokusekelwe kulokho okutholayo kokuthi “UKristu Ophilayo,” ungawuqedela kanjani lo musho: “NgoJesu Kristu, uNkulunkulu unginika izipho ze…” Ake uzindle ngokuthi ungenzani ukuze uthole lezi zipho ngokugcwele.
Ukufunda umbhalo othi “UKristu Ophilayo” kuthinte kanjani ukholo lwakho nothando kuMsindisi?
Bheka futhi uRussell M. Nelson, “Izipho Ezine UJesu Kristu Azinikela Kuwe” (Inkonzo KaKhisimusi YobuMongameli Bokuqala, Dec. 2, 2018), UMthombo woLwazi weVangeli; “Izingcaphuno ezivela ‘kuKristu Ophilayo: Ubufakazi Babaphostoli’” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.
Amasu okuFundisa abaNtwana
“Nginganikeza ubufakazi [bami]” ukuze ngigubhe ukuzalwa kukaJesu.
-
Cabangela indlela ongathulela ngayo izingane zakho ku “UKristu Ophilayo.” Mhlawumbe ungabasiza bakhombe egameni uKristu esihlokweni kanye nasekusayineni bobuMongameli Bokuqala kanye neShumi Nambili. Ungase uchaze ukuthi lobu ubufakazi babo ngoJesu Kristu ababefuna ukwabelana ngabo nezwe.
-
Unganikeza ingane ngayinye umusho kokuthi “UKristu Ophilayo” bese ubacela ukuthi bathole noma badwebe isithombe salowo mushwana. Ngemva kwalokho ungabasiza ukuthi bathole umusho kokuthi “UKristu Ophilayo.” Bese ningahlanganisa lawo magama nezithombe nenze incwadi.
-
Yabelanani omunye nomunye ukuthi nizuze kanjani ubufakazi benu ngoJesu Kristu. Mhlawumbe ungadlulisa isithombe soMsindisi bese nishintshana ngokwabelana ngokuthile okwaziyo Ngaye (okuhlanganisa namaqiniso afundiswa ku “UKristu Ophilayo”).
“Wahamba enza okuhle.”
-
Njengoba wena kanye nabantwana Bakho nifunda isigaba sesibili esithi “UKristu Ophilayo,” xoxa nabo ngezinye zezinto uJesu azenza. Ungase futhi ubheke izithombe ezivela empilweni Yakhe (bona ikhasi lomsebenzi laleli sonto kanye Nencwadi Yobuciko BeVangeli). Mema abantwana bakho ukuthi bakhulume ngalokho uMsindisi akwenzayo ezithombeni. Singabasiza kanjani abanye njengoba Enza? Amavidiyo athi “Light the World” akuMtapo woLwazi weVangeli angakunikeza imibono.
“Ungukukhanya, ukuphila, nethemba lomhlaba.”
-
Siza abantwana bakho bathole izingoma zikaKhisimuzi ezikhuluma ngokukhanya, impilo, kanye nethemba ukuzalwa koMsindisi okwaletha emhlabeni, njengokuthi “O Little Town of Bethlehem” (Amahubo, no. 208). Culani amahubo ndawonye, futhi uvumele abantwana bakho babelana ngendlela uJesu alethe ukukhanya, ukuphila, kanye nethemba ezimpilweni zabo.
“UNkulunkulu makabongwe ngesipho esikhulu seNdodana Yakhe Engcwele.”
-
Yiziphi izipho esizitholile ngenxa kaJesu Kristu? Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabheka lezi zipho ku “UKristu Ophilayo” noma engomeni efana nokuthi “He Sent His Son” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 34–35). Ngemva kwalokho bangagoqa okuthile okumelela lezo zipho. Ungaphakamisa ukuthi abantwana bakho bavule izipho ngoSuku lukaKhisimusi ukuze zibasize bakhumbule uMsindisi kanye nezipho Zakhe kithi.