“NgoDisemba 15–21: ‘Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene neSu loMdali’: Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni 2025 (2025)
“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoDisemba 15–21: “Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene neSu loMdali”
Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke
Ngisho nangaphambi kokuba sizalwe, sasiyingxenye yomndeni—umndeni wabazali bethu basezulwini. Leyo phethini iyaqhubeka emhlabeni. Imindeni lapha, ngokusemandleni ayo, ihloselwe ukunanela iphethini ephelele ezulwini.
Yiqiniso, asikho isiqiniseko sokuthi imindeni yasemhlabeni izolunga noma isebenze kahle. Kodwa njengoba uMongameli uHenry B. Eyring afundisa, imindeni “inikeza abantwana baNkulunkulu ithuba elihle lokwamukelwa ngothando emhlabeni olucishe lufane nalelo esasiluzwa ezulwini—uthando lwabazali” (“Gathering the Family of God,” Liyahona, ngoMeyi 2017, 20). Ngokwazi ukuthi imindeni ayilungile ngokuphelele futhi ihlaselwa isitha, uNkulunkulu wathumela iNdodana Yakhe ayiThandayo ukuzosihlenga futhi iphilise imindeni yethu. Futhi wathumela abaphrofethi bezinsuku zokugcina nesimemezelo sokuvikela nokuqinisa imindeni. Uma silandela abaphrofethi futhi sibeka ithemba kuMsindisi, noma ngabe imindeni yasemhlabeni ayilungile ngokuphelele, likhona ithemba ngemindeni—emhlabeni nasezulwini.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
“Umndeni ubaluleke kakhulu ngokuphathelene nesu loMdali.”
“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” sikhuluma ngemindeni ngokucacile. Kepha futhi sikhuluma ngesu lensindiso likaNkulunkulu. Enye indlela yokufunda isimemezelo ukubhala imishwana impilo eyandulela eyasemhlabeni, impilo yesemhlabeni, kanye nempilo emva kokufa ephepheni bese ubhala ukuthi isimemezelo sifundisani ngalesi sihloko ngasinye. Yikuphi okutholayo uma ufunda isimemezelo ngalendlela? Lokhu kukusiza kanjani ukuthi uqonde ukuthi kungani umshado nomndeni kubalulekile ohlelweni likaNkulunkulu? Lamaqiniso asesimemezelweni akuthinta kanjani ukukhetha kwakho?
Kunabantu abaningi, ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, abangase basabe ukushada noma ukukhulisa abantwana. Uma umngani ethi kuwe, “Angifuni ukushada noma ukuba nomndeni,” ungathini? Mhlawumbe ungabheka isimemezelo ufuna okuthile okungasiza umngane wakho abe nethemba kwisu likaNkulunkulu.
Omunye umbuzo ongase ubuzwe wona—noma ongase uzibuze wona—yilona othi: “Kuthiwani uma isimo somndeni wami singahambisani nalokho okuchazwe esimemezelweni somndeni?” Nazi izindawo ezimbili ongazibheka ukuze uthole iseluleko sesiphrofetho: isigaba “A Mighty Change” kumyalezo weGosa uDieter F. Uchdorf “Jesus Christ Is the Strength of Parents” (Liyahona, ngoMeyi 2023, 55–59) kanye nezigaba ezine zokugcina zomlayezo weGosa D. Todd Christofferson “Why Marriage, Why Family” (Liahona, May 2015, 52).
Ngabe kukhona yini ozwa ugqugquzeleka ukukwenza ngenxa yalokho okufundile na?
-
“Umuntu [ngamunye] uyindodana noma indodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali basezulwini.”
Ngokuvamile sicabanga ngesimemezelo somndeni njengesiqondiso sempilo yomndeni. Kodwa futhi sisifundisa amaqiniso abalulekile mayelana nomndeni wethu wasezulwini kanye nobuthina baphakade. Kubaluleke ngani ukuthi wazi ukuthi sonke siyingxenye yalomndeni? Leli qiniso liwumthelela kanjani kwizinqumo ozenzayo?
-
“Injabulo empilweni yomndeni kunokwenzeka ibe khona uma inesisekelo sezimfundiso zeNkosi uJesu Kristu.”
Cabanga ngesigaba 6 nesesi-7 zesimemezelo somndeni njengendlela “yenjabulo empilweni yomndeni.” Ngesikhathi ufunda lezizigaba, bheka imigomo “yemishado nemindeni enempumelelo.” Ungase ucabange ngezibonelo zalemigomo ozibone emndenini wakho noma kweminye imindeni. Lemigomo isiza kanjani ekwenzeni uJesu Kristu abe yisisekelo sempilo yomndeni?
Ungase ucabange ngobudlelwane emndenini ongafisa ukubuqinisa. Yenza uhlelo, ngosizo loMsindisi, ukuze wenze okuvela enhliziyweni okutholayo.
Bheka futhi kuL. Whitney Clayton, “The Finest Homes,” Liyahona, ngoMeyi 2020, 107–9.
“Sinxusa zonke izakhamuzi … ukuba kugcinwe futhi kuqiniswe umndeni.”
Isigaba sokugcina sesimemezelo somndeni sibala ubizo lokuba wenze. Ngesikhathi ucabanga indlela ozosabela ngayo kulolo bizo, kungase kusize ukufunda isihloko sesimemezelo. Isibonelo, siyini isimemezelo? Lisho ukuthini lelo gama kuwe mayelana nomlayezo walo mbhalo? Yini eyenza ubuMongameli bokuQala kanye noMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili bafanele ukukhipha isimemezelo emhlabeni mayelana nemindeni? Ungase futhi wenze uhlu lwalokho okubheka njengemilayezo eyinhloko yesimemezelo. Ungayithuthukisa kanjani lemilayezo empilweni yakho, ekhaya lakho, kanye nasemphakathini wangakini?
Bheka futhi kuBonnie L. Oscarson, “Defenders of the Family Proclamation,” Liyahona, ngoMeyi 2015, 14–17; “Defenders of the Faith” (video), Gospel Library.
Amasu okuFundisa abaNtwana
Imindeni ibalulekile kwisu likaBaba oseZulwini.
-
Siza abantwana bacabange ngezinto ezibaluleke kakhulu kangangokuthi bangafuna ukutshela wonke umuntu ngazo. Khombisa abantwana bakho ikhophi “Lomndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” bese uyachaza ukuthi abaphrofethi kanye nabaphostoli bayibhala ukuze basitshele ukuthi imindeni ibaluleke kangakanani kuBaba oseZulwini. Kungani imindeni ibaluleka kangaka Kuye? (bheka futhi ividiyo “What Is the Purpose of Family?” [ChurchofJesusChrist.org].
-
Yabelana nabantwana bakho ngokuthile okuvela esimemezelweni onomuzwa wokuthi sonke sidinga ukukwazi. Mema abantwana ukuthi baveze imizwa yabo ngalawo maqiniso. Izimpilo zethu bezizohluka kanjani ukube besingazazi lezi zinto? -
-
Kwisigaba IV somyalezo wakhe “The Plan and the Proclamation” (Liyahona, ngoNovemba. 2017, 30), uMongameli Dallin H. Oaks wachaza ukuthi isimemezelo somndeni sabhalwa kanjani. Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabuyekeza incazelo yakhe ndawonye futhi nikhulume ngokuthi kungani nibonga ukuthi iNkosi yagqugquzela izinceku Zayo ukuthi zisifundise lamaqiniso ngemindeni.
-
Ungase futhi ubonise abantwana bakho izithombe (noma ubacele ukuba badwebe) eziveza amaqiniso atholakala kwisimemezelo somndeni. Lezi kungaba izithombe zethempeli, umndeni ukhuleka noma udlala ndawonye, noma ababili abashadayo. Bese abantwana bakho bangathola imisho kwisimemezelo somndeni ehambisana nezithombe. Isifundisani iNkosi ngalezi zinto esimemezelweni?
“Ngiyindodana noma indodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali basezulwini.”
-
- - Siza abantwana bakho bathole umusho “indodana noma indodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali besezulwini” kwisimemezelo somndeni, bese wethula ubufakazi bakho baleliqiniso.
Imindeni ijabula kakhulu uma ilandela uJesu Kristu.
-
Ukuqala ingxoxo ngokuqinisa umndeni wakho, wena nabantwana bakho ningaxoxa ngalokho esikwenzayo ukuze senze ezinye izinto ziqine—njengamazinyo ethu, imizimba yethu, noma isakhiwo. Ungabe usuqhathanisa lokho nokwakha umndeni oqinile. Siza abantwana bakho bathole izimfanelo ezinjengoKristu eziholela enjabulweni empilweni yomndeni, ezitholakala kwisigaba 7 sesimemezelo somndeni (bheka uhlaka kwikhasi lomsebenzi lakulelisonto).