Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoDisemba 8–14: “Siyakholwa”: ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili


“NgoDisemba 8–14: ‘Siyakholwa’: ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

ingubo ekhombisa izandla ezingamabala esikhumba ahlukahlukene

Umniningwane ovela Kuwo Wonke Amalungu Ebandla Abesilisa, ngu-Emma Allebes

NgoDisemba 8–14: “Siyakholwa”

ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe 1 no2

Kusukela embonweni wokuQala kaJoseph Smith, uNkulunkulu uqhubekile nokuhola iBandla Lakhe ngesambulo. Kwezinye izimo, leso sambulo sifake izinguquko emigomeni nasemisebenzini yeBandla. Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2 amemezela lolu hlobo lwesambulo—esinye saholela ekupheleni komshado wesithembu, kanti esinye senza izibusiso zobuphristi zitholakale kubantu bazo zonke izinhlanga. Izinguquko ezinjengalezi ziyingxenye yalokho okuchazwayo ukuba “nebandla leqiniso neliphilayo” (IMfundiso neziVumelwano 1:30), nomphrofethi weqiniso nophilayo, eliholwa nguNkulunkulu weqiniso nophilayo.

Kepha iqiniso laphakade aliguquki, nakuba ukuliqonda kwethu kushintsha. Futhi ngezinye izikhathi isambulo sibeka ukukhanya okwengeziwe eqinisweni. ImiBhalo yoKholo ifeza lenhloso yokucacisa. IBandla lisekelwe ngokuqinile eqinisweni laphakade kepha lingakhula futhi lishintshe, “njengokufisa kweNkosi, yenza umusa wayo ngokwezimo zabantwana babantu” (IMfundiso neziVumelwano 46:15). Ngamanye amazwi, “Siyakukholwa konke lokho uNkulunkulu asekwambulile, konke lokho Yena akwembula manje, futhi sikholwa wukuthi Yena usazo kwembula izinto eziningi nezinkulu nezibalulekile ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu” (ImiBhalo yoKholo 1:9).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

ImiBhalo YoKholo

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
ImiBhalo yoKholo iqukethe amaqiniso ayisisekelo sevangeli elibuyisiwe.

Cabanga ngale ndlela yokufunda ImiBhalo yoKholo: Embhalweni ngamunye wokholo, enza “isifundo esincane” ukuchaza lokho okukholelwa kukho. Isifundo sakho esincane singabandakanya umbhalo ongcwele ohlobene, isithombe, ihubo noma iculo labantwana, noma ulwazi lomuntu siqu ngokuphila iqiniso elifundiswa umbhalo wokholo.

Lamaqiniso enza muphi umehluko ebudlelwaneni bakho noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu? Ngabe imiBhalo yoKholo ikuthuthukise kanjani ukufunda kwakho ivangeli noma ikusize ukuthi wabelane ngevangeli nabanye?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “ImiBhalo yoKholo,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org; kuL. Tom Perry, “The Doctrines and Principles Contained in the Articles of Faith,” kwi-Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba. 2013, 46–48; “Chapter 38: The Wentworth Letter,” ku Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2011), 435–47.

ImiBhalo yoKholo 1:9; Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2

IBandla likaJesu Kristu liholwa yisambulo.

“Sikholwa ukuthi [uNkulunkulu] usazo kwembula izinto eziningi nezinkulu nezibalulekile ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu” (ImiBhalo yoKholo 1:9). Unalomgomo engqondweni, buyekeza Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2, ubheka amagama nemisho qinisa ukholo lwakho kwisambulo esiqhubekayo. Ngabe lezi zambulo ziyithinte kanjani impilo yakho? Ngabe iwusize kanjani umsebenzi wombuso kaBaba oseZulwini ukuba uqhubeke?

Ibuphi ubufakazi obubonayo bokuthi iBandla liholwa “ngokuphefumulelwa uNkulunkulu uSomandla” namuhla? (IZwi EliGunyaziwe 1). Mhlawumbe ungabuyekeza owodwa noma eminingi imiyalezo wakamumva wengqungquthela yebandla lonke, nibheka ukuthi iNkosi ilihola kanjani iBandla Layo—kanye nempilo yakho. Umlayezo wakamuva ovela kuMongameli weBandla ungaba yindawo enhle yokuqala.

Yini ongayenza uma wena noma umuntu omthandayo ekuthola kunzima ukuqonda noma ukwamukela lokho iNkosi ekufundisayo ngabaphrofethi Bayo? Kungani ubonga ngomphrofethi?

Bheka futhi u-Amose 3:7; u-2 Nephi 28:30; u-Allen D. Haynie, “A Living Prophet for the Latter Days,” Liyahona, ngoMeyi 2023, 25–28; Topics and Questions, “Prophets,” Gospel Library; “We Thank Thee, O God, for a Prophet,” Hymns, no. 19.

IZwi EliGunyaziwe 1

Umsebenzi kaNkulunkulu kumele uqhubekele phambili.

“Emazwini athathwe eziNkulumweni eziNtathu ezenziwa nguMongameli uWilford Woodruff ngokuphathelene nalesi siMemezelo” (ekugcineni KweZwi EliGunyaziwe 1), umphrofethi wanikeza ziphi izizathu ngokuthi iNkosi imise umkhuba wesithembu? Lokhu kukufundisani ngomsebenzi kaNkulunkulu?

Ukuthola olunye ulwazi ngemvelaphi YeZwi EliGunyaziwe 1, bheka “The Messenger and the Manifesto” (Revelations in Context, 323–31) ne “Plural Marriage and Families in Early Utah” (Gospel Topics, topics.ChurchofJesusChrist.org).

UMongameli uWilford Woodruff

uWilford Woodruff. nguH. E. Peterson

IZwi EliGunyaziwe 2

Ngingathembela eNkosini, ngisho noma ngingaqondisisi ngokuphelele.

Asazi ukuthi kungani ukugcotshwa kobuphristi kanye nezimiso zethempeli kwakungatholakali kumalungu eBandla ozalo lwase-Afrika isikhathi esithile. Ngisho nalapho bebhekene nemibuzo enzima engaphenduleki mayelana naleyo nqubomgomo, abaningi abaNgcwele beziNsuku zokuGcina Abamnyama bathembela eNkosini (bheka IzAga 3:5) futhi bahlala bethembekile Kuye kukho konke ukuphila kwabo. Ukufunda ngokholo lwabo nolwazi lwabo kungaba ugqozi kuwe. Nazi ezinye zezindaba zabo, ongazithola lapha history.ChurchofJesusChrist.org:

Ngesikhathi ufunda Izwi EliGunyaziwe 2, yini oyifundayo ngenqubo yeNkosi yokuhola imigomo yeBandla Lakhe? Zindla ngokuthi ufunde kanjani ukuthembela eNkosini ngisho nangezikhathi lapho ungenakho ukuqonda okuphelele.

Bheka futhi 2 Nefi 26:33; “Witnessing the Faithfulness,” ku Revelations in Context, 332–41; Topics and Questions, “Race and the Priesthood,” Umthombo woLwazi weVangeli; Ahmad Corbitt, “A Personal Essay on Race and the Priesthood,” parts 1–4, history.ChurchofJesusChrist.org; BeOne.ChurchofJesusChrist.org.

Kulingile ukuthi “Angazi”. Nakuba kufanele uzame konke okusemandleni akho ukusiza abantu obafundisayo ukuthi baphendule imibuzo yabo ngevangeli, iNkosi ayilindele ukuthi wazi konke. Uma ungazi ukuthi ungayiphendula kanjani into, vuma. Bese ukhomba abafundi emfundisweni eyembuliwe, futhi unikeze ubufakazi obuqotho balokho okwaziyo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa abaNtwana

ImiBhalo YoKholo

Ngiyakholelwa evangelini likaJesu Kristu.

  • Cabangela ukuthola nokucula amahubo esonto noma amaculo abantwana angasiza abantwana bakho baqonde owodwa noma iningi lemiBhalo eNgcwele. Mhlawumbe bangakusiza ekukhetheni amahubo namaculo. Siza abantwana Bakho babone ukuthi izingoma zihlobana kanjani nemiBhalo yoKholo.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningasebenza ndawonye ukubhala imibuzo abantu abangaba nayo ngevangeli likaJesu Kristu noma iBandla Lakhe. Ningase nisebenze ndawonye ukuphendula leyo mibuzo ngokusebenzisa ImiBhalo yoKholo. Singayaphi futhi uma sinemibuzo ngevangeli?

ImiBhalo yoKholo 1:9; Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2

INkosi ihola iBandla Layo ngomphrofethi Wayo.

  • Ukusiza abantwana bakho baqonde umbhalo wokholo wesishiyagalolunye, mhlawumbe ungabanika iqoqo lemibhalo engcwele kanye nesithombe somphrofethi ophilayo (noma iphephebhuku lakamuva lwengqungquthela ILiyahona). Bacele ukuba baphakamise imibhalo ngesikhathi ufunda amazwi athi “konke uNkulunkulu asekwambulile” kanye nesithombe noma iphephabhuku ngesikhathi ufunda “lokho Yena akwembula manje” (ImiBhalo yoKholo 1:9). Kungani sibadinga bobabili abaphrofethi basendulo nabanamuhla?

  • Abantwana bakho bangafunda ukuthi amazwi abaphrofethi asihola kanjani ngokulandela imiyalelo yokwenza okuthile, njengokudla noma ithoyizi. Lokhu ungakuqhathanisa nemiyalelo uJesu Kristu asinika yona ngomphrofethi. Yiziphi ezinye zezinto iNkosi esifundise zona ngomphrofethi Wayo ophilayo namuhla?

abantwana bebuka igqungquthela yebandla lonke

UNkulunkulu ubiza abaphrofethi ukuthi bahole iBandla Lakhe.

Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2.

Abaprofethi bayasisiza ukuba sazi intando kaBaba oseZulwini.

  • Mhlawumbe ukubona indlela imibhalo yasendulo ehlobana ngayo nesambulo sanamuhla kungasiza abantwana bakho baqonde AmaZwi Agunyaziwe. Ungabacela bafunde IzEnzo 10:34–35 no Jakobe 2:27–30 futhi ubameme ukuba banqume ukuthi yimuphi umbhalo ohlobene namaZwi Agunyaziwe 1 (okwaholela ekupheleni komshado wesithembu) futhi nokuhlobene namaZwi Agunyaziwe 2 (eyamemezela ukuthi ukugcotshwa kobuphristi kanye nezimiso zethempeli kuyatholakala kubantu bazo zonke izinhlanga). Yethula ubufakazi bakho ukuthi iNkosi yembula intando Yayo kubaphrofethi basendulo kanye nabanamuhla.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani) .