Wozani, Ngilandeleni 2024
Isithasiselo D: Okuphathelene nemiGwamanda yobuPhristi buka-Aroni namaKilasi amaNtombazane—Uhlelo Lomhlangano


“Isithasiselo D: Okuphathelene nemiGwamanda yobuPristi buka-Aroni namaKilasi amaNtombazane—Uhlelo Lomhlangano” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“Isithasiselo D,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandlenii: 2025

Isithasiselo D

Okuphathelene nemiGwamanda yobuPhristi buka-Aroni namaKilasi amaNtombazane–Uhlelo Lomhlangano

Usuku lomhlangano:

Ophethe umhlangano (ilungu lekilasi noma lobumongameli bomgwamanda):

Ukuvula

Iculo (ngokuzikhethela):

Umkhuleko:

Phinda i-Young Women Theme noma i-Aaronic Priesthood Quorum Theme.

Lulekanani ndawonye

Ngokuholwa yilowo ophethe umhlangano, ikilasi noma umgwamanda uchitha imizuzu eyisi–5 kuya kweyi–10 belulekana ndawonye mayelana nezibopho zabo emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa. Leli yithuba lekilasi noma lobumongameli bomgwamanda ukuba belandelele ezintweni okuxoxwe ngazo emhlanganweni wobumongameli noma umhlangano womkhandlu wentsha wewadi.

Ophethe umhlangano angasebenzisa owodwa noma eminingi yalemibuzo:

UkuliPhila ivangeli

  • Ngabe yikuphi esesike sahlangabezana nakho kamuva nje okuqinise ubufakazi bethu bukaJesu Kristu neVangeli Lakhe na?

  • Yikuphi esikwenzayo ukuze sisondele kuMsindisi na? Sizama kanjani ukufana kakhulu Naye?

  • Sikuzwe kanjani ukuholwa iNkosi ezimpilweni zethu?

Ukunakekela labo abasweleyo

  • Ngubani esizwe siqondiswa ukuba simsize noma simsebenzele? Yizona ziphi izabelo esizithole kumbhishobhi ukusiza umuntu osweleyo?

  • Yiziphi izinselele amalungu ekilasi noma omgwamanda abhekene nazo? Singasizana kanjani omunye nomunye ezintweni esibhekene nazo na?

  • Ngabe ukhona yini osanda kungena ewadini noma ukuzibandakanya eBandleni lethu na? Singabasiza kanjani ukuba bazizwe bemukelekile na?

Ukumema wonke umuntu ukuba bamukele ivangeli

  • Singenzani ukuze sisize abanye baluzwe uthando lukaNkulunkulu?

  • Yikuphi okuzokwenziwa esingamema abangani bethu ukuba bazoba nathi kukho na?

  • Yiziphi izinhlelo zokwabelana ngevangeli okuxoxwe ngazo emihlanganweni yomkhandlu wentsha wewadi na? Lingabamba kanjani iqhaza ikilasi noma umgwamanda wethu na?

Ukuhlanganisa imindeni ingunaphakade

  • Yiziphi ezinye izindlela esingaxhumana ngazo kangcono namalungu omndeni, kuhlanganisa ogogo nomkhulu kanye nabazala?

  • Senzani ukuthola amagama okhokho bethu abadinga izimiso zasethempeleni na? Singenzani ukusiza abanye bathole amagama okhokho babo?

  • Singalibamba kanjani iqhaza kakhulu emsebenzini wasethempelini—ngamunye, njengekilasi noma njengomgwamanda na?

Fundani ndawonye

Umholi omdala noma ilungu lomgwamanda noma lekilasi lihola imiyalelo emayelana nesifundo salelisonto encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni. Usebenzisa amasu okufunda encwadini Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandlenii. Umqondo wokufunda onalolu uphawu lwesikole sevangeliphawu uqondaniswe nesikole sevangeli futhi ubaluleke kakhulu entsheni. Kodwa-ke, kungasetshenziswa noma yimaphi amasu okufunda. Lengxenye yomhlangano ivame ukuthatha cishe imizuzu engama–35 kuya kwengama–40.

Ukuvala

Umuntu ophethe lomhlangano:

  • Unika ubufakazi ngemigomo efundisiwe.

  • Uxoxa ngokuthi ikilasi noma umgwamanda yini bazokwenzani ngalokho abakufundile—njengeqembu noma ngabanye.

Umkhuleko: