Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoFebruwari 3–9: “Lona nguMoya weSambulo” IMfundiso neziVumelwano 6–9


“NgoFebruwari 3–9: ‘Lona nguMoya weSambulo’: IMfundiso neziVumelwano 6–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 6–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

Umfanekiso ka-Oliver Cowdery ebhala ngepeni le-quill

NgoFebruwari 3–9: “Lona nguMoya weSambulo”

IMfundiso neziVumelwano 6–9

Ngentwasabusika yangonyaka ka–1828, uthisha weskole owayesemncane igama lakhe kwakungu–Oliver Cowdery wathola umsebenzi wokufundisa endaweni yaseManchester eNew York, wase ehlala nomndeni kaLucy noJoseph Smith oMdala. U-Oliver wayesezwile ngendodana yabo uJoseph, nezimangaliso ayesebhekene nazo, futhi u-Oliver owayezibheka njengomfuni weqiniso, wayefuna ukwazi kabanzi. AbakwaSmith bamxoxela ngezigameko zokuvakashelwa yizingelosi, umbhalo wasendulo, nangesipho sokuhumusha ngamandla kaNkulunkulu. U-Oliver wayemangale. Ngabe kuyiqiniso lokhu na? ULucy noJoseph omdala bamnika iseluleko esithinta noma ngubani ofuna iqiniso: khuleka ucele eNkosini.

Wenza njalo u–Oliver, futhi iNkosi yamphendula, imnika ukuthula nokuqiniseka engqondweni yakhe (IMfundiso neziVumelwano 6:23). Isambulo, u-Oliver asithola, akusona nje esabaprofethi abafana noJoseph Smith. Esanoma ngubani osifisayo nosifuna ngokuzimisela. Kwakukuningi okwakusamele akufunde u-Oliver, kodwa wayesazi okwanele ukuthi athathe isinyathelo esilandelayo. Wayazi ukuthi iNkosi yayenza okuthize okubalulekile ngoJoseph Smith, kanti naye u-Oliver wayefuna ukuba yingxenye yalokho.

­

25:0

Days of Harmony

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 6; 8–9

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UBaba oseZulwini ukhuluma nami “ngoMoya oNgcwele.”

Ngentwasahlobo yangonyaka ka–1829, u–Oliver wazinikela ukuba ngumbhali kaJoseph Smith ngesikhathi eqhubeka nokuhumusha iNcwadi kaMormoni. Lokhu ayekubona kwamenza wajabula, wase ezibuza ukuthi kazi naye wayengabusiswa yini ngesipho sokuhumusha. Umzamo wakhe wokuqala, nokho, awuhambanga kahle.

Uma uke wazabalaza ukuthola noma ukuqonda isambulo, mhlawumbe ungazwelana nalokhu okwenzeka ku-Oliver—futhi ufunde kuso. Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 6, 8, no 9, qaphela lokho iNkosi eyakufundisa u-Oliver mayelana nesambulo somuntu siqu. Isibonelo:

Lokho u-Oliver abhekana nakho kungakwenza “uphonse ingqondo yakho” kulezo zikhathi lapho wezwe ukuthi iNkosi ikhuluma nawe (IMfundiso neziVumelwano 6:22). Ngabe uke wayibhala phansi imicabango yakho noma imizwa yakho ngalezi zehlakalo na? Uma kunjalo, cabanga ngokufunda okubhalile. Bheka nakhu okulandelayo, bese ubhala phansi okutholayo: Cabanga ukuthi ungaqhubeka kanjani ukuthola amandla kulokhu owabhekana nakho. -

­ -

Bheka futhi Kwizihloko Nemibuzo,isihloko esithi “Isambulo Somuntu Siqu,” Umtapo Wolwazi lweVangeli “Oliver Cowdery’s Gift,” ku Revelations in Context, 15–19.

IMfundiso neziVumelwano 6:18–21, 29–37

Bheka kuKristu ngayo yonke imicabango yakho.

INkosi yayazi ukuthi uJoseph Smith uzobhekana “nezimo ezinzima” eminyakeni ezayo (IMfundiso neziVumelwano 06:18). Uyazi ukuthi ikusasa lakho linaziphi izilingo. Yini oyitholayo eselulekweni Sakhe kuJoseph kanye no-Oliver esitholakala kwiMfundiso neziVumelwano 6:18–21, 29–37 ekusiza ukuthi umethembe na?

Uzwa ukuthi kusho ukuthini “ukubheka [kuKristu] ngayo yonke imicabango” na? (ivesi 36). Ungakwenza kanjani lokhu ngokungaguquguquki—ngezikhathi ezimnandi ‘nezimo ezinzima’ na? Cabanga ngalesi seluleko esivela kuMongameli uRussell M. Nelson: “Kunzima ngokwengqondo ukulwela ukubheka Kuye kuyo yonke imicabango. Kodwa uma senza kanjalo, ukungabaza kwethu nokwesaba kuyabaleka” (“Drawing the Power of Jesus Christ into Our Lives,” iLiyahona, 41).

-

umfanekiso wesandla soMsindisi, esibazi sesipikili entendeni yesandla Sakhe esivulekile

Umniningwane ovela kuBehold My Hand[Bheka Isandla Sami], nguJeffrey Ward

IMfundiso neziVumelwano 6:29–37

“Ungesabi Ukwenza Okuhle.”

Kungani ngezinye izikhathi “sesaba … ukwenza okuhle”? (ivesi 33). Ngabe yikuphi okutholayo kwiMfundiso neziVumelwano 6:29–37 lokho okukunikeza isibindi sokwenza okuhle na? -

IMfundiso neziVumelwano 6–7; 9:3; 7–14

“Ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyoba njalo nakuwe.”

Qaphela ukuthi kukangaki amagama anjengo “fisa” noma “izifiso” evela kwizigaba 6 no 7. Yikuphi okufundayo kulezi zigaba ngokubaluleka kwezifiso zakho kuNkulunkulu? Zibuze lombuzo weNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 7:1: “Yini oyilangazelelayo na?”

Esinye sezifiso zika–Oliver Cowdery ezilungileyo—ukuhumusha njengoba uJoseph Smith ayehumusha—asifezekanga. Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 9:3, 7–14, yimiphi imibono oyitholalyo engakusiza uma kwenzeka zingafezeki izifiso zakho ezilungileyo na?

Bheka futhi kwiMfundiso neziVumelwano 11:8,; Dallin H. Oaks, “Desire,” kwi–Ensign, noma iLiyahona, ngoMeyi 2011, 42–45.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

isigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 6:5, 15–16, 22–23; 8:2; 9:7–9

UBaba oseZulwini ukhuluma nami ngoMoya oNgcwele.

  • Amaqiniso u-Oliver Cowdery awafunda mayelana nesambulo somuntu siqu angasiza abantwana bakho njengoba bekhulisa ikhono labo lokubona uMoya oNgcwele. - Yabelanani omunye nomunye ngezingxenye enizithandayo kulendaba. Njengoba wenza, gcizelela izinto iNkosi ezifundise u-Oliver mayelana nokuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ufunde amavesi abalulekile, njenge Mfundiso neziVumelwano 6:23 noma 9:7–9.

    3:11

    The Lord Sends Oliver Cowdery: Learning about how God speaks to us

    umfanekiso ka-Oliver Cowdery ebhala, noJoseph Smith ebukele

    U-Oliver Cowdery wafunda ngesambulo ngesikhathi esiza uJoseph Smith ukuthi ahumushe iNcwadi kaMormoni.

  • Ungakwazi futhi ukumema abantwana bakho ukuthi bathinte amakhanda abo kanye nezifuba zabo ngesikhathi ufunda amagama “ingqondo” kanye “nenhliziyo” kwiMfundiso neziVumelwano 8:2. Tshela abantwana bakho, kulokho osuke wabhekana nakho , ukuthi kunjani uma uMoya oNgcwele ukhuluma nengqondo yakho kanye nenhliziyo yakho. Basize bathole izimpendulo zombuzo othi “UMoya oNgcwele ukhuluma kanjani nathi?” kulamavesi: IMfundiso neziVumelwano 6:15–16, 22–23; 8:2; 9:7–9.

Sebenzisa izindaba. Izindaba zisiza abantwana ukuthi baqonde imigomo yevangeli ngoba bebonisa abanye abantu abayiphilayo lemigomo. Ngesikhathi ufundisa, thola izindlela zokufaka izindaba—ezivela emibhalweni engcwele, emlandweni weBandla, noma eziphuma empilweni yakho—ezikhombisa imigomo emibhalweni engcwele.

IMfundiso neziVumelwano 6:34

Ngenxa kaJesu Kristu, “angiyukwesaba.”

  • INkosi yatshela uJoseph kanye no-Oliver, “Ningesabi, mhlambi omncane”(IMfundiso neziVumelwano 6:34). Mhlawumbe ungamema abantwana bakho ukuba baphinde lowomusho nawe izikhathi eziningana. Bangase futhi bakujabulele ukuzenza umhlambi wezimvu ezithukile. Yini izimvu ezingase ziyesabe? Bese-ke wena kanye nabantwana bakho ningabuka isithombe soMsindisi njengomelusi (kukhona oyedwa ekupheleni kwaloluhlaka) futhi nikhulume ngokuthi Usiqaphela kanjani njengomelusi eqaphela izimvu Zakhe.

  • - -

IMfundiso neziVumelwano 6:36

Ngingabheka kuKristu ngayo yonke imicabango yami.

  • Emva kokufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 6:36, wena kanye nabantwana bakho ningenza imidwebo ezonisiza nikhumbule “ukubheka [kuJesu Kristu] ngayo yonke imicabango.” Yabelanani ngemidwebo yenu, futhi usize abantwana bakho bacabange ngezindawo abangayibeka kuyo ukuze bahlale beyibona.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

UKristu nomhlambi wezimvu

UJehova UnguMelusi Wami, nguYongsung Kim

ikhasi lomsebenzi labantwana