Wozani, Ngilandeleni 2024
Amazwi Okubuyiselwa: OFakazi beNcwadi kaMormoni


“Amazwi Okubuyiselwa: OFakazi beNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“OFakazi beNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

uphawu lamazwi okubuyiselwa

Amazwi Okubuyiselwa

Ofakazi beNcwadi kaMormoni

Ingelosi uMoroni yakhombisa uJoseph Smith, u-Oliver Cowdery, uDavid Whitmer noMartin Harris izingcwephe zegolide ehlathini ngasekhaya lakwaWhitmer eFayette, eNew York. Abazali baJoseph babevakashele ekhaya lakwaWhitmer ngaleso sikhathi. ULucy Mack Smith, unina kaJoseph, wachaza ngomthelela lesi senzo esimangalisayo esabanawo kofakazi:

“Kwakuphakathi kwehora lesithathu nelesine. Nkk. Whitmer noMnu. Mina noSmith sasihlezi ekamelweni. Ngangihleli eceleni kombhede. Ngesikhathi uJoseph engena, waziphosa phansi eceleni kwami. ‘Baba! Mama!’ kusho yena. ‘Anazi ukuthi ngijabule kanjani. INkosi isidale ukuthi izingcwephe zikhonjiswe abanye abathathu ngaphandle kwami, nabo ababone ingelosi futhi abazofakaza ngeqiniso lalokho engikushilo. Ngoba bayazazela ngokwabo ukuthi angihambi ngikhohlisa abantu. Futhi ngizizwa ngathi ngikhululwe umthwalo, owawucishe ube ngaphezulu kwamandla ami. Kodwa manje kuzofanele nabo bathwale ingxenye, futhi kuyangithokozisa emphefumulweni ukuthi angisengedwa vo emhlabeni.’ Kwase kwangena uMartin Harris. Wabukeka ethokoze kakhulu. Wayesefakaza ngalokho akubonile nakuzwile, nabanye ngokunjalo, u-Oliver noDavid. Ubufakazi babo babufana nalabo obubhaliwe kwiNcwadi kaMormoni. …

“UMartin Harris wabukeka engakwazi ukubeka imizwa yakhe ngamazwi. Wathi, ‘manje sengibone ingelosi evela eZulwini efakaze ngeqiniso lakho konke engikuzwile ngombhalo, namehlo ami ayibonile. Ngizibonile nezingcwephe futhi ngaziphatha ngezandla zami futhi ngingafakaza ngalokho kumhlaba wonke. Kepha ngizitholele ubufakazi amazwi angeke abuchaza, ulimi angeke lubuchaze, futhi ngiyambusisa uNkulunkulu ngomphefumulo wami wonke ukuthi uzikhothamisile ukwenza mina, yebo mina, ufakazi wobukhulu bomsebenzi wakhe nezinhlelo zakhe mayelana nabantwana babantu.’ U-Oliver noDavid nabo bahlanganyela naye ekudumiseni uNkulunkulu ngokulunga nomusa wakhe. Sabuyela ekhaya [ePalmyra, eNew York,] ngosuku olulandelayo sithokozile, sijabulile.”

U-Oliver Cowdery, uDavid Whitmer, kanye noMartin Harris

U-Oliver Cowdery, uDavid Whitmer, kanye noMartin Harris

ULucy Mack Smith naye wayekhona ngesikhathi oFakazi abayisiShiyagalombili bebuya emva kokuzibonela:

A painting depicting Lucy Mack Smith, mother of Joseph Smith.

“Emuva kokuba labofakazi bebuyele endlini, ingelosi futhi yavakashela uJoseph; ngaleso sikhathi uJoseph wayinikeza izingcwephe. Ngalobo busuku saba nomhlangano, lapho bonke ofakazi bethula ubufakazi ngamaqiniso njengoba eshiwo ngenhla; futhi wonke umndeni wethu, ngisho uDon Carlos [Smith] owayeneminyaka eyishumi nane ubudala, wafakaza ngeqiniso lezikhathi zokugcina—ukuthi zase ziqalile.”

izithombe eziqoshiwe zikaJoseph Smith kanye noFakazi abayisiShiyagalombili

izithombe eziqoshiwe zikaJoseph Smith kanye noFakazi abayisiShiyagalombili

Ngaphezu koFakazi abaThathu kanye noFakazi abayisiShiyagalombili, uMary Whitmer, unina kaDavid Whitmer, naye wabusiswa ngokuba ngufakazi wezingcwephe zegolide. Ingelosi uMoroni yamkhombisa ngendlela yokubonga iminikelo ayenza ngesikhathi uJoseph, u-Emma no-Oliver behlala ekhaya lakhe. “Uthembeke kakhulu futhi ukhuthele emsebenzini wakho,” uMoroni emtshela. “Ngakho-ke kufanele, ukuba wamukele ubufakazi ukuze ukholo lwakho luqiniswe.”

Amanothi

  1. Lucy Mack Smith, History, 1844–1845, incwadi 8, 11 ukuya ku- 9, 1, josephsmithpapers.org; ukubhalwa kwamagama kwenziwe kwafana nesimanje.

  2. Lucy Mack Smith, History, 1845, 156–57, josephsmithpapers.org.

  3. Kwi Saints, 1:70–71.