“NgoFebruwari 24–Mashi 2, ‘Ukubaluleka KwaBantu Kukhulu’: IMfundiso neziVumelwano 18,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 18,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoFebruwari 24–Mashi 2: “Ukubaluleka KwaBantu Kukhulu”
IMfundiso neziVumelwano 18
Kunezindlela eziningi ezahlukene zokuzama ukulinganisa ukubaluleka komuntu. Ithalente, imfundo, ingcebo, nokubukeka kwethu konke kungathinta indlela esizihlolana ngayo nabanye—kanye nesizihlola ngayo thinai. Kodwa emehlweni kaNkulunkulu, ukubaluleka kwethu kuyindaba elula kakhulu, futhi ishiwo ngokucacile IMfundiso neziVumelwano 18: “Khumbula ukubaluleka kwabantu kukhulu emehlweni kaNkulunkulu” (ivesi 10). Leli qiniso elilula lichaza okuningi ngalokho uNkulunkulu akwenzayo nokuthi kungani Ekwenza. Kungani Eyala uJoseph Smith no-Oliver Cowdery ukuthi bamise iBandla likaJesu Kristu ngosuku lwethu na? (bheka amavesi 1–5). Ngoba ukubaluleka kwabantu kukhulu. Kungani “eyalela bonke abantu yonke indawo ukuba baphenduke” futhi athumele abaPhostoli ukuba bayoshumayela ukuphenduka na? (ivesi 9). Ngoba ukubaluleka kwabantu kukhulu. Futhi kungani uJesu Kristu abhekana “[no]kufa enyameni” “nobuhlungu babantu bonke” na? (ivesi 11). Ngoba ukubaluleka kwabantu kukhulu. Uma ngisho oyedwa walababantu bekhetha ukwamukela isipho soMsindisi, uyajabula, ngokuba “kukhulu kungakanani ukujabula kwakhe ngomuntu ophendukayo” (ivesi 13).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 18:1–5
“[Y]akha ibandla lami.”
Esigabeni 18, iNkosi yanikeza u-Oliver Cowdery imiyalelo ukuze asize ukubeka isisekelo seBandla likaJesu Kristu. Yini oyiqaphelayo ngesiqondiso Asinika sona—ikakhulukazi amavesi 1–5 na? Ungase ucabange ngokuthi lesi seluleko sikusebenzela kanjani njengoba ‘wakha’ ukholo lwakho kuKristu. Isibonelo:
-
Yini “ofis[a] ukuyazi” ngeNkosi na? (ivesi 1).
-
Kusho ukuthini kuwe ‘[uku]thembela ezintweni ezibhaliweyo’ na? (ivesi 3). UMoya “[ukw]ambulele” kanjani ukuthi lezi zinto ziyiqiniso na? (ivesi 2; bheka IMfundiso Nezivumelwano 6:22–24).
-
Uyakha kanjani impilo yakho “phezu kwesisekelo sevangeli [loMsindisi] nedwala [Lakhe]” na? (ivesi 5).
IMfundiso neziVumelwano 18:10–13
“Ukubaluleka kwabantu kukhulu emehlweni kaNkulunkulu.”
Sikubona kanjani ukubaluleka kokuthile na? Isibonelo, kungani into eyodwa emakethe ibiza kakhulu kunenye na? Njengoba ufunda isigaba 18 kulelisonto, ikakhulukazi amavesi 10–13, ungaqhathanisa indlela abantu abavame ukunquma ngayo ukubaluleka nalokho okwenza umuntu abe yigugu emehlweni kaNkulunkulu. Cabangela ukufaka igama lakho esikhundleni samagama athi “umuntu,” “abantu,” nelithi “bonke abantu.” Lamavesi angamsiza kanjani umuntu ongabaza ukubaluleka kwakhe na?
Nazi ezinye iziqephu ezifundisa ngokubaluleka komuntu: NgokukaLuka 15:1–10; NgokukaJohane 3:16–17; 2 uNefi 26:24–28; uMose 1:39. Ngokusekelwe kulezi zindinyana, ungayifingqa kanjani indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngawe na? Ungase futhi ubheke umlayezo kaMongameli Dieter F. Uchtdorf “Ubalulekile Kuyena” (iLiyahona, Nov. 2011, 19–22) ukuze uthole amagama nemishwana ekusiza ukuthi wazi mayelana nendaba yakho. ubalulekile kuNkulunkulu.
UNkulunkulu ukukhombisa kanjani ukuthi ubaluleke kakhulu Kuye na? Lolu lwazi luyithinta kanjani indlela ozizwa ngayo ngoMsindisi na?
-
IMfundiso neziVumelwano 18:11–16
INkosi iyajabula uma siphenduka.
Qaphela ukuthi amagama afana nokuthi phenduka kanye nokuphenduka asetshenziswa kaningi kangakanani kuyo yonke IMfundiso neziVumelwano 18. Zindla ngalokho okufundayo kulamagama isikhathi ngasinye lapho esetshenziswa. Cabanga ikakhulukazi amavesi 11–16. Lamavesi ayithinta kanjani indlela ozizwa ngayo ngokuphenduka—ukuphenduka kwakho nomsebenzi wokumema abanye abantu ukuthi baphenduke futhi bathuthuke na? Nansi indlela eyodwa yokubhala okufundayo: bhala izindlela ezimbalwa ongaqedela umusho othi “Ukuphenduka uku .”
Bheka no-Alima 36:18–21.
IMfundiso neziVumelwano 18:14–16
Injabulo ivela ekusizeni abanye beze kuKristu.
Njengoba ufunda amavesi 14–16, zindla ngokuthi kusho ukuthini “ukushumayela ngokuphenduka”—nokuthi kungani kuletha injabulo enjalo. Yiziphi ezinye izindlela ozitholile zokusiza abanye beze kuMsindisi futhi bathole intethelelo na? Abanye abantu bakwenzele kanjani lokho na?
Bheka futhi noCraig C. Christensen, “There Can Be Nothing So Exquisite and Sweet as Was My Joy,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 45–47.
IMfundiso neziVumelwano 18:34–36
Ngiyalizwa izwi leNkosi emibhalweni engcwele.
Uma kukhona okubuzayo ukuthi linjani izwi leNkosi, ungaphendula uthini? Ake ucabange ngalombuzo ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 18:34–36. Yikuphi okufundile ngezwi leNkosi ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano na? Yikuphi ongakwenza ukuze ulizwe kangconywana izwi Lakhe na?
-
Amasu okuFundisa AbaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 18:10–13
Omunye nomunye wethu ubaluleke kakhulu kuNkulunkulu.
-
Ilungu lomndeni ngalinye lingafunda IMfundiso neziVumelwano 18:10–13 bese kuthi esikhundleni samagama “umuntu,” “abantu,” “bonke abantu” ufake igama lakhe. Ungakhuluma-ke ngokuthi lamavesi asisiza kanjani ukuthi siqonde ukuthi uBaba oseZulwini uzizwa kanjani omunye nomunye wethu.
-
Ungase ubuze abantwana bakho ngezinto abantu abazibheka njengezibalulekile. Noma ungase ubabonise okuthile okuyigugu kuwe. Siziphatha kanjani izinto eziyigugu kithi na? Bese beshintshana ngokubuka esibukweni. Njengoba benza, tshela umntwana ngamunye ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu futhi ubaluleke kakhulu. Singababonisa kanjani abanye ukuthi “ukubaluleka [kwabo] kukhulu” emehlweni ethu na?
-
Ukugcizelela ukuthi bonke abantu babaluleke kakhulu kuBaba oseZulwini, abantwana bakho bangabheka isithombe esisekupheleni kwaloluhlaka ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 18:10–13. -
IMfundiso neziVumelwano 18:13–16
Ukwabelana ngevangeli kungilethela injabulo.
-
Ukufaka abantwana bakho ugqozi lokuthi babelane ngevangeli likaJesu Kristu, ningaxoxa ndawonye mayelana nezigigaba lapho nithole okuthile obufuna ukwabelana ngakho nabangane noma umndeni wakho. Kungani ubufuna ukwabelana ngakho, futhi ukwabelana ngakho kukwenze wazizwa kanjani na? Bese ungafunda IMfundiso neziVumelwano 18:13, 16. Yini eletha intokozo eNkosini na? Uthi yini ezosilethela injabulo na? Wena nabantwana bakho ningaxoxa nganoma yikuphi enidlule kukho nabelana ngentokozo yevangeli kaMsindisi.
-
-
IMfundiso neziVumelwano 18:34–36
Ngiyalizwa izwi leNkosi emibhalweni engcwele.
-
Abantwana bakho bangajabulela umdlalo lapho bezama khona ukukhomba amazwi abantu abahlukene, njengamalungu omndeni, abangani, noma abaholi beBandla. Siwazi kanjani amazwi omunye nomunye na? Silizwa kanjani izwi leNkosi na? Ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 18:34–36 ukuze nixoxe ngalombuzo. Ningakwazi futhi ukwabelana omunye nomunye ukuthi ulizwe kanjani izwi leNkosi emibhalweni engcwele.