“NgoMashi 17-23: ‘Funa Izinto zoMhlaba Ongcono’: IMfundiso neziVumelwano 23–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 23–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoMashi 17–23: “Funa Izinto zoMhlaba Ongcono”
IMfundiso neziVumelwano 23–26
Kubantu abaningi, ukubhabhadiswa kuyisikhathi esinenhlonipho, esinokuthula. Umbhabhadiso ka-Emma Smith nabanye, waphazanyiswa isixuku esasibahleka usulu, sabasongela, futhi sabaphoqa ukuba babaleke. Emva kwalokho, kwathi uJoseph esezowaqinisa amalungu amasha, waboshwa ngoba kuthiwa wona umphakathi ngokushumayela ngeNcwadi kaMormoni. Kukho konke lokhu kuphikiswa, u-Emma wayengathola kanjani isiqinisekiso sokuthi wayenza okulungile? Endaweni efanayo esingayithola khona sonke—ngesambulo esivela eNkosini. Wakhuluma no-Emma ‘ngezinto [zezwe] elingcono’—umbuso Wakhe—nendawo yakhe kuwo. Wamtshela ukuthi angesabi, “aphakamise inhliziyo [yakhe] futhi ajabule,” futhi “abambelele ezivumelwaneni [ayezenzile].” Futhi lamazwi enkuthazo nezeluleko “ayizwi Lakhe kubo bonke” (IMfundiso neziVumelwano 25:9–10, 13, 16).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UMsindisi angangiphakamisa “angikhiphe ezinhluphekweni [zami].”
Isambulo kwiMfundiso neziVumelwano 24 sanikezwa “ukuqinisa, ukukhuthaza, nokufundisa” uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery ngesikhathi sokulingwa (isihloko sesigaba; bheka futhi Saints, 1:94–96). Bheka amagama kwiMfundiso neziVumelwano 24 ozwa ngathi ayengabaqinisa futhi abakhuthaze.
Lemibhalo engcwele elandelayo iphakamisani kuwe mayelana nendlela uMsindisi akusiza ngayo ezinseleleni zakho na?
IMfundiso neziVumelwano 24:1–3
Nginendima ebalulekile okufanele ngiyidlale embusweni kaNkulunkulu.
Njengoba u-Emma Smith ebukele ukuBuyiselwa kwenzeka ngomyeni wakhe, uJoseph Smith, kungenzeka ukuthi wazibuza ukuthi yini indima yakhe. Bheka izimpendulo uNkulunkulu azinikezile kwiMfundiso neziVumelwano 25. Ngabe kukhona yini okuthile okutholayo kulesi sigaba ozwa engathi “kuyizwi Lakhe [kuwe]” na? (evesini 16)
-
IMfundiso neziVumelwano 25:5, 14
“Hlala unomoya wobumnene.”
Ngabe umusho othi “hlala unomoya wobumnene.” usho ukuthini kuwe na? Cabanga ukubheka isigaba 25 ubheke amagama nemisho ekusiza uqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba mnene. UJesu Kristu uyisibonelo kanjani sobumnene kuwena na? (bheka NgokukaMathewu 11:28–30). Cabanga ngezinto ongazenza “ngomoya wobumnene” empilweni yakho.
IMfundiso neziVumelwano 25:10, 13
“Beka eceleni izinto zalomhlaba, futhi ufune izinto zomhlaba ongcono.”
Njengoba uzindla ngezeluleko zeNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 25:10, kungasiza ukwenza uhlu “lwezinto zalomhlaba” Afuna ukuthi “uzibeke eceleni.” Bese wenza uhlu “lwezinto [zezwe] elingcono” Afuna uzifune. Ungase ukhethe okungenani into eyodwa ohlwini lokuqala ozoyibeka eceleni kanye nento eyodwa ohlwini lwesibili ozoyifuna.
UMongameli uRussell M. Nelson unikeze iseluleko kanye nezithembiso mayelana “[nokubeka] eceleni izinto eziningi zalomhlaba.” Yibheke ekhasini 77 lomlayezo wakhe othi “Spiritual Treasures” (Liyhona, ngoNovemba 2019). Ngabe usilandela kanjani iseluleko sakhe na?
Ngesikhathi ufunda ivesi 13, cabanga ngezivumelwano ozenze noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Ngabe kusho ukuthini “ukubambelela” kulezi zivumelwano na? Izivumelwano zakho zikusiza kanjani ukuthi “ubeke eceleni izinto zalelizwe, futhi ufune izinto ezingcono” na?
Nansi eminye imibhalo engakusiza ukuba uqonde phakathi “kwezinto zalelizwe” “nezinto zelingcono”: NgokukaMathewu 6:19, 21, 25–34; NgokukaLuka 10:39–42; 2 Nefi 9:51.
-”
IMfundiso neziVumelwano 25:11–12
INkosi iyathokoza “ngeculo lenhliziyo;” lami.
Imaphi amanye “amaculo enhliziyo”—amaculo aveza imizwa yakho ngoBaba oseZulwini noma ngoJesu Kristu na? Cabanga ukucula noma ukulalela ambalwa awo. Yini ngalamaculo enza ukuthi akhetheke kuwe na?
Ungase futhi ucabange ukuthi lamahubo afana kanjani nomthandazo. Umculo ongcwele nomthandazo kufana ngani na? Izingoma zakho ezingcwele ‘ziphendulwe kanjani ngesibusiso na’?
-
“Zonke izinto ziyokwenziwa nangokuvumelana kwabo bonke ebandleni”
Inkulumo ethi “ukuvuma kwabo bonke” kulevesi ibhekisa esenzweni sokuphakamisa izandla ukukhombisa ukuthi sisekela futhi siseka umuntu othola ubizo noma ukugcotshwa kobupristi. Ungasichazela kanjani isivakashi emhlanganweni weBandla ukuthi kusho ukuthini uma sisekela umuntu na? Yiziphi izimpendulo ozithola kumlayezo kaMongameli kaHenry B. Eyring othi “The Power of Sustaining Faith” na? (iLiyahona,, yangoMeyi 2019, 58-60).
Amasu okuFundisa AbaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 24:1, 8
UMsindisi angangiphakamisa “angikhiphe ezinhluphekweni [zami].”
-
- Bese wena nabantwana bakho ningathola lokho iNkosi ekushilo kuJoseph mayelana nokuhlupheka kwakhe kwiMfundiso neziVumelwano 24:1, 8. Ningabelana futhi omunye nomunye ukuthi iNkosi ikusiza kanjani ngezikhathi ezinzima
-
- Ngabe sifundiswani kwiMfundiso neziVumelwano 24:8 ngokubekezela na? UMsindisi usazisa kanjani ukuthi “unathi” ngesikhathi sezinhlupheko zethu na?
IMfundiso neziVumelwano 25:11–12
UJesu uyalithanda “iculo lenhliziyo.”
-
Ngemuva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 25:12., ningatshelana umuntu nomuntu ngehubo olithandayo noma iculo leBandla—“iculo lakho lenhliziyo”—futhi nilicule ndawonye. Yabelanani omunye nomunye ukuthi kungani niwathanda lamaculo. Kungani iNkosi ijabula uma sicula lamaculo na? Ngabe ukucula kwethu kufana kanjani “nomkhuleko Kuye]” na?
IMfundiso neziVumelwano 25:13, 15
Izivumelwano zami noBaba oseZulwini ziletha injabulo.
-
Ukuze baqonde ukuthi kusho ukuthini “ukubambelela kwizivumelano” (IMfundiso neziVumelwano 25:13), abantwana bakho bangashintshana ngokubambelela entweni baqinise ngokusemandleni abo. Bese wena kanye nabantwana bakho ningaxoxa ngokuthi “ningabambelela” kanjani ezivumelalweni zenu. Uma kudingeka, buyekeza nabantwana bakho izivumelwano esizenzayo (bheka uMosiya 18:8–10; IMfundiso neziVumelwano 20:37; kanye nekhasi lemisebenzi lakulelisonto).
-
Ukunikeza abantwana bakho umongo weMfundiso neziVumelwano 25:13, ungaveza ukuthi le yinto iNkosi eyayitshela u-Emma Smith ngemva nje kokubhabhadiswa kwakhe. Kungani lesi kungaba iseluleko esihle kumuntu osanda kubhabhadiswa na?