Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 24–30: “Zonke Izinto Kufanele Zenziwe ngoHlelo” IMfundiso neziVumelwano 27–28


“NgoMashi 24-30: ‘Zonke Izinto Kufanele Zenziwe ngoHlelo,’: IMfundiso neziVumelwano 27–28,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 27–28,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

isithombe sikaJoseph Smith

NgoMashi 24–30: “Zonke Izinto Kufanele Zenziwe ngoHlelo”

IMfundiso neziVumelwano 27–28

Isambulo kwakuseyinto entsha kwabaNgcwele ngesikhathi ukuBuyiselwa kusaqhubeka kwenzeka. Amalungu okuqala eBandla ayazi ukuthi uMprofethi uJoseph Smith wayengalitholela iBandla isambulo. Kodwa-ke abanye bona? Imibuzo enjengalona yabaluleka kakhulu ngesikhathi uHiram Page, omunye woFakazi abayisiShiyagalombili bezingcwephe zegolide, ekholelwa ekutheni wayesetholele iBandla izambulo. Abaningi abaNgcwele abathembekileyo babekholelwa wukuthi lezi zambulo zazivela kuNkulunkulu. INkosi yaphendula ngokufundisa ukuthi eBandleni Layo “Zonke Izinto Kufanele Zenziwe ngoHlelo” (IMfundiso neziVumelwano 28: 13). Lokhu kwakusho ukuthi uyedwa kuphela umuntu “oqokelwe ukwamukela imiyalo nezambulo” zeBandla lonke (iMfundiso neziVumelwano 28:2). Noma kunjalo, abanye babengasithola isambulo esiqondene nabo ngendima yabo emsebenzini weNkosi. Eqinisweni, amazwi eNkosi ku–Oliver Cowdery ayasikhumbuza sonke ukuthi: “kuzokwambulwa kuwe … oyokwenza” (iMfundiso neZivumelwano 28:15).

-

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 27:1–4

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngithatha isidlo esingcwele esikhumbuzweni sikaJesu Kristu.

USally Knight no-Emma Smith babhabhadiswa ngoJuni 1830, kodwa ukuqiniswa kwabo kwaphazanyiswa wuquqaba lwabachwensi. Ngemuva kwezinyanga ezimbili, uSally nomyeni wakhe, uNewel, bavakashela u-Emma noJoseph, futhi kwanqunywa ukuthi manje bazoqiniswa nokuthi iqembu lizodla isidlo esingcwele ndawonye. Kwathi uJoseph esendleleni ukuyothola iwayini lesidlo esingcwele, wamiswa yingelosi.

Funda IMfundiso neziVumelwano 27:1–4 ukuthola ukuthi ingelosi yamfundisani ngesidlo esingcwele. Lamavesi aphakamisani mayelana nendlela uMsindisi Afuna usondele ngayo kwisidlo seNkosi na? Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukusidla “ngeso elibheke udumo [Lwakhe]” na? Zindla ngalokhu—futhi ubheke eminye imininingwane ngesidlo esingcwele—njengoba ufunda NgokukaLuka 22:19–20 kanye no-3 Nefi 18:1–11. -

6:1

The Last Supper

4:24

Jesus Christ Blesses Bread in Remembrance of Him | 3 Nephi 18:1-7

2:28

Jesus Christ Blesses Wine in Remembrance of Him | 3 Nephi 18:8-11

- - Zindla ngokuthi yini ongayenza ukuze uzilungiselele kangcono ukudla izimpawu zeNhlawulo yoMsindisi futhi uziphathe ngenhlonipho noma ngenhloso.

Cabanga ngokucula, ukulalela, noma ukufunda iculo lesidlo asingcwele futhi uqophe imizwa yakho ngokubamba iqhaza kulesi simiso esingcwele.

Sebenzisani umculo. Umculo ongcwele umema uMoya ukuthi ufakaze ngamaqiniso evangeli. Kungakusiza ukuba uqonde futhi uzwe lamaqiniso ngendlela ekhumbulekayo. Umculo futhi usiza ukwenza ukufunda kuhehe.

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano20:77, 79; 59:9; 7–13; Izihloko neMibuzo; “Isidlo esingcwele,” Umtapo wolwazi weVangeli; “Obtaining and Retaining a Remission of Sins through Ordinances[Ukuthola Nokugcina Ukuxolelwa Kwezono Ngezimiso],” kuDavid A. Bednar, “Always Retain a Remission of Your Sins.” iLiyahona, yangoMeyi 2016. 60–62.

15:20

Always Retain a Remission of Your Sins

isinkwa esihleshuliwe

IMfundiso neziVumelwano 27:5–14

INkosi inika izinceku Zayo izikhiye zobupristi ukuze zilawule umsebenzi Wayo.

Yikuphi okwaziyo ngabaprofethi okukhulunywa ngabo kulamavesi na? Ungabheka ulwazi ngabo kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele. Ngabe yiziphi izibusiso esezivulelekile kuwe ngezikhiye lababaprofethi ababeziphethe na?

IMfundiso neziVumelwano 27:15–18

Izikhali zikaNkulunkulu ziyangisiza ngikwazi ukumelana nobubi.

UMongameli uM. Russell Ballard wathi: “Akukho lutho enkulu esingayenza ukuze sizihlomise ngokomoya. Amandla omoya avela ezenzweni eziningi ezincane okuthi zonke zigcine sezenze inqaba esivikelayo kubo bonke ububi” (“Be Strong In The Lord,” kwi–Ensign, yangoJulayi 2004, 8).

Ngesikhathi ufunda ngezikhali zikaNkulunkulu kwiMfundiso neziVumelwano 27:15–18, ungenza ithebula elinjengaleli. Yikuphi okwenzayo ukuze ugqoke isambatho ngasinye sezikhali zikaNkulunkulu na?

Ingxenye yezikhali

Ingxenye yomzimba evikelekile

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Ingxenye yezikhali

Isivikelo sesifuba sokulunga

Ingxenye yomzimba evikelekile

Inhliziyo

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Izifiso zami nengikuthandayo

Ingxenye yezikhali

Isigqoko sensindiso

Ingxenye yomzimba evikelekile

Ikhanda noma ingqondo

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Ingxenye yezikhali

Ingxenye yomzimba evikelekile

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Ingxenye yezikhali

Ingxenye yomzimba evikelekile

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Bheka futhi Kwabase-Efesu 6:11–18; Jorge F. Zeballos, “Building a Life Resistant to the Adversary[Ukwakha Impilo Emelana Nesitha],” iLiyahona, ngoNovemba 2022, 50–52

IMfundiso neziVumelwano 28

UJesu Kristu uqondisa iBandla Lakhe ngabaprofethi Bakhe abaphilayo.

Ake ucabange nje ukuthi bekungabanjani ukuba noma ngubani utholela iBandla lonke imiyalelo nezambulo. Kwathi uma uHiram Page ethi utholele ibandla izambulo, kwaba khona ukudideka phakathi kwamalungu eBandla. KwiMfundiso neziVumelwano 28, iNkosi yembula uhlelo lokutholakala kwezambulo eBandleni Layo. Ngabe yikuphi okufundayo kulesi sigaba ngendima kaMongameli weBandla na? Yikuphi okufundayo kulesi sigaba ngokuthi angakuqondisa kanjani uNkulunkulu na?

­

IMfundiso neziVumelwano 28:8–9

Yayibaluleke ngani imishini kumaLamani na?

Enye yezinhloso zeNcwadi kaMormoni wukuthi “amaLamani afinyelele ekwazini oyise, futhi ukuthi azi ngezethembiso zeNkosi” (IMfundiso neziVumelwano 3:20). Lokhu kwakuhambisana nezethembiso iNkosi eyazenza kubaprofethi abaningi eNcwadini kaMormoni (isibonelo, bheka 1 uNefi 13:34–41; u-Enoshe 1:11–18; u-Helamani 15:12–13). Amalungi okuqala eBandla ayecabangela amaNdiya aseMelika ukuba izizukulwana zabantu okukhulunywa ngabo eNcwadini kaMormoni. (Okwaziwa yileliBandla ngokusemthethweni wukuthi amaLamani “angabanye bokhokho bamaNdiya aseMelika” [Isandulelo seNcwadi kaMomoni].)

- Lokhu kuthunywa ngabe kukufundisani wena ngeNkosi nomsebenzi Wayo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 27:1–2

Isidlo esingcwele siyangisiza ukuba ngimukhumbule uJesu Kristu.

  • Abantwana bangazibuza ukuthi kungani sisebenzisa amanzi esidlweni esingcwele lapho uJesu asebenzisa iwayini (bheka NgokukaLuka 22:19–20; u-3 Nefi 18:1–11). Ningafunda IMfundiso neziVumelwano 27: 1–2 ndawonye bese nixoxa ngokuthi kusho ukuthini ukuthatha isidlo esingcwele “ngeso elibheke udumo [lukaNkulunkulu]” (ivesi 2). Yini esingayenza ukuze sigxile kuMsindisi ngesikhathi sithatha isidlo esingcwele na?

  • Mhlawumbe ukuba nezithombe, amavesi emibhalo engcwele, noma amagama ezingoma ngoMsindisi kungasiza abantwana bakho ukuthi baMkhumbule uma bethatha isidlo esingcwele. Bangase bajabulele ukwenza incwajana enezinye zalezi zithombe, amavesi, namazwi. Bangazidwebela ezabo izithombe noma bathole ezinye kwiphephabhuku iFriend[Umngani].

UKristu ehlephula isinkwa

Imininingwane evela kwi kwiSidlo Sakusihlwa Sokugcina, nguSimon Dewey

IMfundiso neziVumelwano 27:15–18

Izikhali zikaNkulunkulu ziyangivikela

  • Ungakhombisa abantwana bakho isithombe sezikhali njengalesi esikulolu hlaka noma esisekhasini lemisebenzi ohlakeni lwabase-Efesu kwincwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi yeNhlangano yabaNtwana: ITestamente Elisha 2023. Njengoba nifunda IMfundiso neziVumelwano 27: 15–18, basize bathole izingxenye zesikhali esithombeni. Isikhali sikaNkulunkulu zingasisiza kanjani “ukumelana nosuku olubi” na? (ivesi 15).

IMfundiso neziVumelwano 28:2, 6–7

Umprofethi uthola isambulo seBandla; Ngingathola isambulo ngempilo yami.

  • Uma anabantwana abambalwa, ungase ubameme ukuthi badlale “landela umholi,” kodwa cela abantwana ababili noma ngaphezulu ukuba babe umholi ngesikhathi esisodwa. Kwenzekalani uma kunabaholi abangaphezu koyedwa na? - UBaba waseZulwini wakulungisa kanjani ukudideka kwamalungu okuqala eBandla na? Ulihola kanjani iBandla namuhla na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 28:2). Yabelana ngobufakazi bakho bokuthi umprofethi wamanje ubizwe yiNkosi ukuthi ahole iBandla Lakhe osukwini lwethu.

    1:21

    Chapter 14: The Prophet and Revelations for the Church: September 1830

  • Nakuba isambulo seBandla siyohlale sinikezwa ngomprofethi, sonke singaholwa nguMoya oNgcwele. Ungasiza abantwana bakho ukuthi bafune eminye yemibhalo engcwele elandelayo futhi wenze uhlu lwezindlela uMoya oNgcwele ongasihola ngazo: IMfundiso neziVumelwano 28:1, 4, 15; NgokukaJohane 14:26; uMoroni 8:26; 10:4–5. Yabelanani omunye nomunye ngokuthi niholwe kanjani uMoya oNgcwele.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).