Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 31–Ephreli 6: “uJesu Kristu UzoHlanganisa Abantu Bakhe” IMfundiso neziVumelwano 29


NgoMashi 31– Ngo-Ephreli 6: ‘uJesu Kristu UzoHlanganisa Abantu Bakhe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 29,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

UJesu Kristu uzungezwe amakholwa

IMfundiso neziVumelwano 6: “uJesu Kristu UzoHlanganisa Abantu Bakhe

IMfundiso neziVumelwano 29

Noma iBandla likaJesu Kristu lalihlelwe ngo-1830, amaqiniso amaningi evangeli ayesazokwembulwa, futhi amalungu eBandla ambalwa ayenemibuzo. Ayefunde iziprofetho eNcwadini kaMormoni ngokuqoqwa kwa-Israyeli kanye nokwakhiwa kweSiyoni (bheka u-3 Nefi 21). Lokhu kwakuzokwenzeka kanjani na? Izambulo uHiram Paige ayethi uzitholile zaziqagela ngalesisihloko, okwenza amalungu afune ukwazi kabanzi (bheka IMfundiso neziVumelwano 28). Abanye abantu babezibuza ngoKuwa kuka–Adamu no–Eva kanye nokufa komoya. INkosi yayamukela lemibuzo ngo-1830, futhi iyayemukela imibuzo yethu namuhla. “Noma yini eniyoyicela ngokukholwa,” Watshela Amakholwa, “nimunye emkhulekweni njengokomyalelo wami, niyokuthola.” (IMfundiso neZivumelwano 29:6). Kahle kahle, njengoba isambulo esigcwele imfundiso kwiMfundiso neziVumelwano 29 sitshengisa, ukuthi iNkosi ibuye iphendule imibuzo yethu ngokusinikeza iqiniso nolwazi olungaphezulu kwalokho esikucelile kwasekuqaleni.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 29

UBaba oseZulwini unesu lensindiso labantwana Bakhe.

IMfundiso neziVumelwano 29 ifundisa amaqiniso amaningi ngesu likaNkulunkulu alakhele wena. Ngesikhathi ufunda, bheka amaqiniso owafundayo ngengxenye ngayinye kulezi ezilandelayo zesu Lakhe:

Yimiphi imibono oyitholile na? Uma ilusizo kuwe, ungayibhala esikhaleni esinikezwe nezithombe ekugcineni kwaloluhlaka. Lamaqiniso akuthonya kanjani ukuphila kwakho na?

-

Wozani Kimi

Imininingwane evela kuCome Unto Me[Wozani Kimina], nguSimon Dewey

IMfundiso neziVumelwano 29:1–28

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UJesu Kristu uyangimema ukuthi ngisize ukuhlanganisa abantu Bakhe ngaphambi kokuBuya Kwakhe Kwesibili.

UJesu Kristu ukhuluma ngokuqoqa abantu Bakhe “njengesikhukhukazi siqoqela amachwane ngaphansi kwamaphiko aso” (IMfundiso neZivumelwano 29:2). Lesi siqhathaniso sikufundisani ngoJesu Kristu na? Yimiphi eminye imicabango noma imibono eza kuwena njengoba ufunda umfanekiso wesikhukhukazi namatshwele kuloluhlaka na? Cabanga ngendlela lapho ozwe khona uJesu Kristu ekuqoqa futhi ekuvikela.

Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 29:1-11, bheka ukuqonda ngokuthi:

  • Ngubani ozohlanganiswa na?

  • Kusho ukuthini “ukuhlangana” kuKristu.

  • Kungani sihlangana Kuye.

Zindla ngokuthi kungani ufuna abanye abantu bahlangane kuJesu Kristu. Yini ozizwa ukhuthazwa ukuba uyenze ukuze usize na?

Ungase uzibuze imibuzo efanayo lapho ubukela ividiyo ethi, “A Witness of God” (Umtapo Wolwazi) noma ufunda noma ulalele iculo elikhuluma ngokubuthana, “” (Amahubo, no. 7). Yini ozwa ukuthi iNkosi izama ukukufundisa kona ngomsebenzi Wayo wokuqoqa na?

2:40

A Witness of God

UMongameli uRussell M. Nelson wathi: “Manje ukuhlangana kwenzeka esizweni ngasinye. INkosi isikhulumile mayelana nokumiswa kweSiyoni ukuthi kuzoba sezindaweni lapho Inikeze khona abaNgcwele Bayo ukuzalwa nobuzwe babo (“The Gathering of Scattered Israel,” Liahona, Nov. 2006, 81). Ukuhlangana ngalendlela kusisiza kanjani ukuthi “sizilungiselele ezintweni zonke” ukuBuya kwesiBili koMsindisi? (vesi 8; bheka futhi amavesi 14–28).

­

IMfundiso neziVumelwano 29:31–35

“Zonke izinto kimi ezomoya.”

Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 29:31–35, zibuze, “Yonke imiyalo ingokomoya ngamuphi umqondo na?” Ungabala imiyalo embalwa futhi ucabangele amaqiniso angokomoya ahlobene nawo ngamunye. Ukubuyekeza kweFor the Strength of Youth: A Guide for Making Choices kungaba usizo—ifundisa amanye amaqiniso aphakade angemva kwemithetho eminingana kaNkulunkulu.

Ukwazi ukuthi “zonke izinto … zingokomoya” kuyithinta kanjani indlela obheka ngayo imiyalo kaNkulunkulu na? Cabanga ngokubheka incazelo kamoya noma injongo nakwezinye izici zempilo yakho.

Bheka futhi u-2 Nefi 9:39.

Gxila kuJesu Kristu “Zonke izihloko zevangeli [ziyi]thuba lokufundisa nokufunda ngoJesu Kristu” (Teaching in the Savior’s Way, 6). Ufundani ngezici Zakhe, izindima Zakhe, kanye nesibonelo Sakhe njengoba ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 29 na?

IMfundiso neziVumelwano 29:36–50

UJesu Kristu usisindisa Ekuweni.

Ungayisebenzisa kanjani IMfundiso neziVumelwano 29:36-50 ukuchaza ukuthi siyidingelani insindiso ngoMsindisi uJesu Kristu na?

Ukuwa kuka-Adamu no-Eva kwaletha ukufa kanye nesono emhlabeni, kodwa futhi kwalungisa indlela yokuhlengwa kanye nenjabulo ngoKristu. Unalowo mcabango engqondweni, funda amavesi 39–43 bese uqapha amagama nemishwana ekulethela injabulo. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngalokhu u-Adamu beno-Eva abakusho ngoKuwa kuMose 5:10–12 na?

­

2:15

Why We Need a Savior

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 29

UBaba oseZulwini unesu lensindiso labantwana Bakhe.

  • Ukuqala ingxoxo mayelana nesu lukaBaba oseZulwini ngathi, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngesikhathi lapho nenza khona isu, njengohambo noma ukufeza umsebenzi othile. Ungase futhi wabelane ngezibonelo zamapulani, njengekhalenda elinomsebenzi obhalwe kulo noma imiyalelo yokwenza okuthile. Kungani amasu ewusizo na? Ungakhuluma ngalokho uBaba oseZulwini Afuna ukukufeza nokuthi icebo Lakhe lisisiza kanjani ukuthi sikufeze.

  • Sebenzisa izithombe ezisekugcineni kwaloluhlaka ukusiza abantwana bakho bathole amavesi kwiMfundiso neziVumelwano 29 afundisa ngezingxenye ezahlukene zesu likaBaba oseZulwini. Ungase futhi usike izithombe bese ucela abantwana bakho ukuthi bahlele ngendlela efanele. Kungani sibonga ukwazi ukuthi uBaba waseZulwini unecebo ngathi? Ukulazi kusiza kanjani impilo yethu yansuku–zonke na?

IMfundiso neziVumelwano 29:1–2, 7–8

UJesu Kristu uzohlanganisa abantu Bakhe ngaphambi kokuBuya Kwakhe futhi.

  • Umfanekiso ongezansi wesikhukhukazi sihlanganisa amatshwele aso noma ividiyo ethi “Amatshwele Nezikhukhukazi” (ChurchofJesusChrist.org) kungasiza abantwana bakho ukuba babone ngeso lengqondo isifaniso kwiMfundiso neziVumelwano 29:1–2. Bese ningafunda lamavesi ndawonye futhi nixoxe omunye nomunye ngokuthi isikhukhukazi siwavikela kanjani amatshwele aso nokuthi lokho kufana kanjani nalokho uMsindisi angasenzela kona.

    1:24

    Chicks and Hens

    isikhukhukazi esinamatshwele ehlangene ngaphansi kwamaphiko aso

    I Would Gather Thee[NgiyakuniHlanganisa], nguLiz Lemon Swindle

  • Yini engakhuthaza abantwana Bakho ukuthi bafune ukusiza uMsindisi ahlanganise abantu Bakhe na? Mhlawumbe bangathanda ukuzwa kumuntu “owahlanganyela” Kuye ngokujoyina iBandla Lakhe. Isibonelo, ubani owazisa umndeni wakho eBandleni na? Sibusiswe kanjani ngokwamukela ubizo loMsindisi lokuhlanganyela Kuye na? Singabasiza kanjani abanye ukuba bahlanganyele Kuye na? -

    3:30

    Video: A Message for Children from President Russell M. Nelson

IMfundiso neziVumelwano 29:11

UJesu Kristu uzokuza futhi.

  • - Siza abantwana bakho babone imisho embhalweni ehlobene nokuthile esithombeni noma engomeni. Yabelanani omunye nomunye ngokuthi nizizwa kanjani ngokuza kukaJesu Kristu emhlabeni futhi.

The resurrected Jesus Christ (wearing white robes with a magenta sash) standing above a large gathering of clouds. Christ has His arms partially extended. The wounds in the hands of Christ are visible. Numerous angels (each blowing a trumpet) are gathered on both sides of Christ. A desert landscape is visible below the clouds. The painting depicts the Second coming of Christ. (Acts 1:11)

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).