Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 14–20: “Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa”: iPhasika


“Ngo-Ephreli 14–20: ‘Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa’: iPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“iPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

Christus statue [Isifaniso sikaChristus]

Ngo-Ephreli 14–20: “Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa”

IPhasika

Ngo–Ephreli 3, 1836, kwakuyiSonto lePhasika. Ngemva kokusiza ngokunika abaNgcwele isidlo esingcwele eThempelini laseKirtland elalisanda kunikezelwa, uJoseph Smith no-Oliver Cowdery bathola indawo ethulile ngemva kwesisitho futhi bakhothama ngomkhuleko onokuthula. Bese, ngalolusuku olungcwele lapho amaKristu yonke indawo ejabulela ukuvuka kwabafileyo kukaJesu Kristu, uMsindisi imbala ovukile wafika ethempelini wathi “Nginguye ophilayo, Nginguye owabulawa” (IMfundiso neziVumelwano 110:4).

Kusho ukuthini ukuthi uJesu Kristu “unguye ophilayo” na? Akusho nje ukuthi wavuka ethuneni futhi wabonakala kubafundi Bakhe eGalile. Kuqonde ukuthi Uyaphila namhlanje. Ukhuluma kubaprofethi namhlanje. Uhola iBandla Lakhe namhlanje. Uyayilungisa imimoya enamanxeba nezinhliziyo eziphukile namhlanje. Ngakho-ke singananela amazwi obufakazi obunamandla bukaJoseph Smith: “Emva kobufakazi obuningi obunikeziwe ngaye, lobu ubufakazi … esibunikezayo ngaye: Ukuthi uyaphila!” (IMfundiso neziVumelwano 76:22). Singalizwa izwi Lakhe kulezizambulo, sibone isandla Sakhe ezimpilweni zethu, futhi sizwe “injabulo enikezwa yilomusho: ‘Ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila!’” (Hymns, no. 136).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UJesu Kristu uyaphila.

Iningi lethu alikamboni uJesu Kristu njengoba uMprofethi uJoseph Smith enza. Kodwa singakwazi, njengoba azi naye, ukuthi uMsindisi uyaphila, ukuthi Uyayazi impumelelo yethu kanye nokushikashikeka kwethu, futhi nokuthi uzosisiza ngezikhathi zokuswela. Cabanga ubufakazi bakho ngoKristu ophilayo njengoba uzindla ngalemibuzo engezansi futhi ufunde izinsiza ezihambisana nako.

Amandla avela ekubambeni ngekhanda. IGosa uRichard G. Scott wachaza: “Amandla amakhulu angatholakala ngokubamba imibhalo engcwele ngekhanda. Ukubamba imibhalo engcwele ngekhanda ukwakha ubudlelwane obusha. Kunjengokuthola umuntu omusha ongakusiza esikhathini esinzima, akukhuthaze futhi akududuze, futhi abe umthombo wesikhuthazo woshintsho oludingekayo” (“The Power of Scripture,” Ensign, Nov. 2011, 6). Uma uthola umbhalo ngoMsindisi obaluleke kakhulu kuwe—mhlawumbe ongakunikeza induduzo ngesikhathi esinzima—cabanga ukuwubamba ngekhanda.

- - Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuba uyenze ukuze uthole amaqiniso “kuKristu Ophilayo” enhliziyweni nasengqondweni yakho na?

2:5

Let Your Goals Be Guided by the Spirit

- Kungafaka ugqozi ukufuna amaqiniso afundiswa futhi kwiMfundiso neziVumelwano 6:34; 84:77; 98:18; 138:23.

-

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyovuswa.

UJoseph Smith wayazi ukuthi kunjani ukulilela ukufa kwabathandekayo, kuhlanganise noyise nabafowabo ababili. UJoseph no–Emma bangcwaba abantwana babo abayisithupha, ngamunye engaphansi kweminyaka embili. Ezambulweni uNkulunkulu azinikeza, uJoseph kanye no-Emma bathola umbono waphakade.

Bheka amaqiniso ngokufa kanye nohlelo lukaNkulunkulu lwaphakade kwiMfundiso neziVumelwano 29:26–27; 42:45–46; 63:49; 88:14–17, 27–31; 93:33–34. Lamaqiniso ayithinta kanjani indlela obheka ngayo ukufa na? Ayithintsha kanjani indlela ophila ngayo na?

Bheka futhi 1 kwabaseKorinte 15; Easter.ChurchofJesusChrist.org.

UJesu Kristu wangifezela “inhlawulo ephelele”.

Enye yezindlela esingacabanga ngazo uMsindisi ngesikhathi sePhasika ukufunda izambulo kwiMfundiso neziVumelwano ezifundisa ngomnikelo wenhlawulo Yakhe. Okunye kutholakala kwiMfundiso neziVumelwano 18:10–13; 19:16–19; 45:3–5; 76:69–70. Cabanga ngokwenza uhlu lwamaqiniso owathola kulamavesi. Ukujulisa ukufunda kwakho, ungengeza ohlwini lwakho ngokufuna NgokukaLuka 22:39–44; u-1 kaJohane 1:7; u-2 Nefi 2:6–9; uMosiya 3:5–13, 17–18; uMoroni 10:32–33.

Nansi imibuzo engakusiza uma ufunda:

  • Iyini inhlawulo kaJesu Kristu na?

  • Kungani uJesu Kristu akhetha ukuhlupheka futhi asifele na?

  • Yikuphi okumele ngikwenze ukuze ngithole izibusiso zomnikelo Wakhe na?

  • Ngizizwa kanjani ngoJesu Kristu ngemva kokufunda lamavesi na?

-

8:30

The Savior Suffers in Gethsemane

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa AbaNtwana

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyovuswa.

  • Ukuze ufundise abantwana bakho ngovuko, ungaqala ngokubabonisa izithombe zokufa nezoVuko loMsindisi. Vumela abantwana babelane ngabakwaziyo ngalezi zehlakalo. - -

  • Cabanga isifundo esingasiza abantwana bakho ukuba baqonde ukuthi kwenzekani lapho sifa (imimoya yethu nemizimba yethu kuyahlukana) nalapho sivuswa (imimoya yethu nemizimba kubuyela ndawonye, futhi imizimba yethu iphelele futhi ayifi). Isibonelo, kwenzekani uma sikhipha ibhethri ethoshini noma esitsheni sikayinki kupeni? Kwenzekani uma sekuphinde kwahlangana na? (Bheka ku-Alima 11:44–45.)

  • Engabe abantwana bakho bayamazi umuntu oseshonile na? Bavumele babelane kancane ngalaba bantu, bese befunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 138:17. Xoxani ngokuthi kunjani ukwazi ukuthi abathandekayo bethu bazovuswa futhi babe nemizimba futhi.

  • Uma unabantwana abadala, ungabamema ukuthi babheke imishwana ethwebula umlayezo wePhasika kulezi ziqephu ezilandelayo: IMfundiso Nezivumelwano 63:49; 88:14–17, 27; 138:11, 14–17. - Singawabela kanjani lomlayezo nabanye na?

ukungcwatshwa nokuVuka kukaKristu

UmProfethi uJoseph Smith wabona uJesu Kristu.

Ngenxa kaJesu Kristu, ngingaxolelwa izono zami.

  • Amaqiniso uJoseph Smith awafunda mayelana nokuthethelela ngoKristu anganika abantwana bakho ithemba lokuthi bangathethelelwa amaphutha nezono zabo. Cabanga ngokumema abantwana bakho ukuba benze ithebula elinezihloko ezifana nalezi: Lokho uMsindisi angenzela khona kanye Nalokho okufanele ngikwenze ukuze ngithole intethelelo Yakhe. Siza abantwana bakho bacwaninge izindinyana ezilandelayo ukuze bathole izinto ezingaphansi kwalezi zihloko: IMfundiso neziVumelwano 18:10–13; 19:16–19; 45:3–5; 58:42–43. Yabelanani ngentokozo yenu kanye nokubonga ngalokho uMsindisi asenzele kona.

  • -

3:4

The Shiny Bicycle

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

uKristu ovusiwe ubonakala kuMariya

Christ and Mary at the Tomb (UKristu noMary eThuneni), nguJoseph Brickey

ikhasi lomsebenzi labantwana