“Ngo-April 21–27: ‘Uma NingeMunye Anibona Abami’: IMfundiso neziVumelwano 37–40,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 37–40,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Ephreli 21–27: “Uma NingeMunye Anibona Abami”
IMfundiso neziVumelwano 37–40
KwabaNgcwele bokuqala, iBandla lalilikhulu kunendawo nje yokulalela intshumanyelo ngeSonto. Izambulo zisebenzise amagama afana nokuthi isizathu, umbuso, iZiyoni, futhi, kaningana, umsebenzi. Lokhu bekungaba yingxenye yalokhu okwaheha amalungu eBandla okuqala amaningi. Njengoba babeyithanda imfundiso, abaningi babefuna nokuthile okungcwele ababenganikela ukuphila kwabo kukho. Noma kunjalo, ukulalela umyalelo weNkosi wango-1830 wokuhlangana e-Ohio kwakungelula. Kwabaningi, kwakusho ukushiya amakhaya anethezekile baye emngceleni abangawazi (bheka ethi “Amazwi Okubuyiselwa: Ukuhlanganela e-Ohio”). Namhlanje sibona ngokucacile lokho abangcwele bokuqala ababekubona ngamehlo okholo: iNkosi yayinezibusiso ezinkulu ezibalindile e–Ohio.
Isidingo sokuhlanganyela e–Ohio sadlula kudala, kodwa abaNgcwele namuhla basahlangana ngesizathu esifanayo: “ukuveza iZiyoni” (IMfundiso neziVumelwano 39:13). Njengalabo Bangcwele bokuqala, siyamenywa ukuba sishiye “okomhlaba” (IMfundiso neziVumelwano 40:2) futhi sethembe isithembiso seNkosi: “Uyophiwa … isibusiso esikhulu ongakaze usazi” (IMfundiso neziVumelwano 39:10).
-
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UNkulunkulu usihlanganisela ukusibusisa.
Amalungu eBandla laseFayette, eNew York, kwadingeka ukuthi azidele kanzima ukuze athuthele e-Ohio (ngaphezu kwamamayela angama-250) ebusika buka-1831. Njengoba ufunda ngomyalelo weNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 37:3–4, ungase ucabange ngeminikelo iNkosi eyicele kuwe. Bese-ke, njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 38:1–33, bheka amaqiniso ngoMsindisi akunika ukholo lokulandela iseluleko Sakhe. Ufundani kumavesi 11–33 mayelana nezibusiso zokuhlangana njengabalandeli baJesu Kristu na?
“Yizwani izwi lami futhi ningilandele.”
Ungamenza kanjani uJesu Kristu ukuba abe “ngumniki-mthetho” wakho na? Ukulandela imithetho Yakhe kusenza kanjani “abantu abakhululekile” na?
Bheka futhi u-2 Nefi 2:26–27.
Uma ngizilungiselele, akumele ngesabe.
Yinini lapho uke wabhekana khona nomgomo iNkosi ewembule kwiMfundiso neziVumelwano 38:30: “Uma nizilungiselele aniyikwesaba”? Njengoba ufunda isigaba 38, qaphela ukuthi iNkosi ibalungiselela kanjani abaNgcwele Bayo ukuze bakwazi ukubhekana nekusasa ngesibindi. Ufuna uzilungiselele kanjani izinselele ukuze kungadingeki ukuba wesabe na?
-
IMfundiso neziVumelwano 38:24–27
UNkulunkulu ufuna sibe “munye.”
AbaNgcwele ababebuthene e-Ohio babevela ezimweni ezahlukahlukenene. Kungenzeka ukuthi okufanayo kuyiqiniso nakubantu basewadini yakho. Kodwa iNkosi iyala abantu Bayo ukuthi “babe munye” (ivesi 27). Singalufeza kanjani lolu hlobo lokuba munye na? Yimiphi imibono efika engqondweni yakho lapho ufunda IMfundiso neziVumelwano 38:24–27 na? Kungani kudingeka sibe nobunye ukuze sibe ngabantu baNkulunkulu na?
Ukufunda lamavesi nakho kungakufaka ugqozi ukuthi ucabange ngobudlelwano bakho—isibonelo, namalungu omndeni, amalungu ewadi, kanye namalungu omgwamanda noma ekilasi. Yini engase ikuvimbe ekubumbaneni kuKristu na? UMsindisi angakusiza kanjani “ukuba ube munye” na? - -
Ungawasiza kanjani lamaqembu ukuthi abe nobunye? Isibonelo, cabanga ukuthumela noma ukubhalela amalungu omgwamanda wakho, ikilasi, noma umndeni wakho umlayezo wenothi elinomusa. Ngubani ozizwa ukhuthazwa ukuba ufinyelele kuye?
Yini ekukhuthazayo ngesibonelo soMsindisi Kwabase-Efesu 2:14, 18–22; u-2 Nefi 26:24–28?
-
IMfundiso neziVumelwano 38:39; 39–40
UBaba waseZulwini ufuna ukunginika ingcebo yaphakade.
Ngokubona kwakho, uyini umehluko phakathi “kwengcebo yomhlaba” “nengcebo yaphakade” na? (IMfundiso neziVumelwano 38:39). Yiziphi izigameko ezikufundise ukwazisa ingcebo yaphakade na?
Gcina lokhu engqondweni njengoba ufunda ngo-James Covel ezigabeni 39–40 (kuhlanganise nesizinda somlando ezihlokweni zezigaba). Cabangela indlela ispiliyoni sakhe singasebenza ngayo kuwe. Isibonelo, cabanga ngezikhathi lapho “inhliziyo [yakho] … yayisilungile phambi [kukaNkulunkulu]” (IMfundiso neziVumelwano 40:1). Wabusiseka kanjani ngenxa yokwethembeka kwakho na? Cabanga futhi ngokuthi yikuphi “okomhlaba” obhekana nakho. Kungakuvimbela kanjani ukuba wamukele izwi likaNkulunkulu “ngenjabulo” na? (IMfundiso neziVumelwano 39:9; 40:2). Yikuphi okutholayo kulezi zigaba okukukhuthazayo ukuthi ulalele uNkulunkulu kakhulu kunakuqala na?
Bheka NgokukaMathewu 13:3–23.
Amasu okuFundisa AbaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 37; 38:31–33
UNkulunkulu usihlanganisela ukusibusisa.
-
Ibalazwe kanye nekhasi lomsebenzi ekupheleni kwaloluhlaka kungasiza abantwana bakho baqonde lokho uNkulunkulu akuyala kwiMfundiso neziVumelwano 37:3. Mhlawumbe ungabasiza bathole izindawo ezishiwo kulezi zambulo. Ungabasiza futhi ukuthi bathole umshwana ovela kwiMfundiso neziVumelwano 38:31–33 ochaza ukuthi kungani uNkulunkulu efuna abantu Bakhe babuthane ndawonye.
IMfundiso neziVumelwano 38:24–27
UNkulunkulu ufuna sibe “munye.”
-
Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 38:24–25 nabantwana bakho, khuluma ngokuthi kusho ukuthini ukwazisa umfowenu noma udadewenu njengoba uzazisa wena (bheka futhi NgokukaMathewu 7:12). Basize baphinde umbhalo ongcwele, bafake igama lomunye esikhundleni selithi “umfowabo”.
-
Ukufundisa abantwana bakho ukuthi kusho ukuthini “ukuba munye” (IMfundiso neziVumelwano 38:27), ungabasiza ukudweba inombolo enkulu 1 futhi uyihlobise ngamagama nemidwebo noma izithombe zomuntu ngamunye emndenini noma ekilasini lakho. Eduze kwe-1, ungabhala izinto ozozenza ukuze ube nobunye.
-
Cabanga ukwabelana ngesifundo sento esibonisa ukuthi izinto zingahlanganiswa kanjani ukuba zibe yinto eyodwa, njengezicucu zendwangu ezenza ikhwilithi elilodwa noma izithako ezenza isinkwa esisodwa. Lezi zibonelo zisifundisani ngokuba munye njengabantu baNkulunkulu na?
Uma ngizilungiselele, akumele ngesabe.
-
Njengoba nifunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 38:30, wena nabantwana bakho ningaxoxa ngezinto zakamuva ezidinga ukulungiselelwa. Ngemva kwalokho ungabuza abantwana bakho ngezinto uBaba oseZulwini afuna sizilungiselele. Yabelana nabantwana bakho ngolwazi lapho ukuzilungiselela kwakusiza khona ungesabi. -
IMfundiso neziVumelwano 39:6, 23
Ngithola isipho soMoya oNgcwele uma ngiqiniswa.
-
Cabanga ukubonisa isithombe sothile oqiniswayo. Cela abantwana bakho ukuthi bachaze ukuthi kwenzekani esithombeni. Ungabamema futhi ukuthi bakhombe isithombe noma nini lapho bezwa amazwi athi UMoya oNgcwele kwiMfundiso neziVumelwano 39:6, 23. Yabelanani ukuthi isipho soMoya oNgcwele sinibusise kanjani.