Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 7–13: “Phakamisani AmaPhimbo Enu … ukuShumayela IVangeli Lami”: IMfundiso neziVumelwano 30–36


Ngo-Ephreli 7-13: ‘Phakamisani AmaPhimbo Enu … ukuShumayela IVangeli Lami’: IMfundiso neziVumelwano 30–36,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 30–36,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

abazalwane bevangeli bokuqala

Ngo-Ephreli 7–13:“Phakamisani AmaPhimbo Enu … ukuShumayela IVangeli Lami”

IMfundiso neziVumelwano 30–36

UParley P. Pratt wayeseyilungu leBandla cishe isikhathi esingangenyanga ngesikhathi ebizelwa “ehlane” ukuba ayoshumayela ivangeli (IMfundiso neziVumelwano 32:2). UThomas B. Marsh yena wayeseyilungu leBandla isikhathi esincane kunaleso ngesikhathi etshelwa ukuthi, “Ihora lomsebenzi wakho lifikile” (IMfundiso neZivumelwano 31:3). U–Orson Pratt, u–Edward Patridge, nabaningi abanye nabo babesanda kubhabhadiswa ngesikhathi bebizelwa kulomsebenzi. Kodwa kukhona isifundo kulesi sifanekiso esiqondene nathi esikhathini sethu: uma wazi okwanele ukuba ulamukele ivangeli elibuyiselwe ngombhabhadiso, wazi okwanele ukuba wazise nabanye. Vele sihlezi sifuna ukwandisa ulwazi esinalo ngevangeli, kodwa uNkulunkulu akakaze angabaze ukubiza “abangafundile” ukuba balishumayele ivangeli Lakhe (IMfundiso neziVumelwano 35:13). Eqinisweni, uyasimema sonke uthi, “vula umlomo wakho ushumayele ivangeli lami” (IMfundiso neziVumelwano 30:5). Futhi lokho asikwenzi ngokuhlakanipha nokwazi kwethu kodwa “ngamandla [o]Moya” (IMfundiso neziVumelwano 35:13).

Bheka futhi ku “The Faith and Fall of Thomas Marsh,” “Ezra Thayer: From Skeptic to Believer,” “Orson Pratt’s Call to Serve,” kuRevelations in Context, 54–69.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 30–36

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngibizelwe ukuba ufakazi kaJesu Kristu.

Ukuthi unalo noma cha unobizo olusemthethweni njengomfundisi wevangeli, ungaba ufakazi kaJesu Kristu “ngezikhathi zonke, nasezintweni zonke, nasezindaweni zonke” (uMosiya 18:9). Njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 30–36, qopha lokho okufundayo ngamathuba akho okwabelana ngevangeli. Ungenza uhlu lwezinto iNkosi ecela kuwe kanye nolunye uhlu lwezithembiso iNkosi ezenzayo ngenkathi wabelana ngevangeli (isibonelo, bheka IMfundiso neziVumelwano 30:8; 31:3–5; 32:1, 5; 35:13–1524). Ungaphinde ubheke imigomo engakusiza ukuthi wabelane ngevangeli. Yini oyitholayo egqugquzelela ukuba “umemezele izindaba ezimnandi zokuthokoza okukhulu” na? (IMfundiso neziVumelwano 31:3).

IGosa uGary E. Stevenson wafundisa ukuthi ukumemezela ivangeli “kungafezwa ngezimiso ezilula, eziqondakala kalula ezifundiswa kumuntu ngamunye kusukela ebuntwaneni bethu: thanda, aba, futhi mema” (“Love, Share, Invite,” Liyahona, May 2022, 85). Cabanga ukufunda umlayezo wakhe ngenkathi ucabanga ngabantu obaziyo, abangani, nomndeni. Yimiphi imibono eza kuwe mayelana nokuthi ungabelana kanjani nabo “lokho [o]kuthandayo ngevangeli likaJesu Kristu” na? Iziphi izindlela ongabamema ngazo ukuba ‘beze babone,’ ‘beze bazokhonza,’ futhi ‘beze bazoba ngabakhona’? -

-

4:30

Inviting All to Come unto Christ: Sharing the Gospel

UJoseph Smith efundisa iqembu lamadoda

IMfundiso neziVumelwano 31:1–2, 5–6, 9, 13

INkosi ingangisiza ngobudlelwano bami nomndeni wami.

Imindeni ngeminyaka yango–1830 yayibhekene nezinkinga ezifanayo nalezo imindeni eminingi yanamhlanje ebhekene nazo. Ngabe yikuphi ukuqondiswa nezethembiso iNkosi eyazinika uThomas B. Marsh mayelana nomndeni wakhe kwiMfundiso neziVumelwano 31? (bheka ikakhulukazi amavesi 1–2, 5–6, 9, 13). Angakusiza kanjani amazwi eNkosi kubudlelwano bakho nomndeni wakho na?

-

IMfundiso neZivumelwano 32–33; 35

INkosi iyangilungiselela ukwenza umsebenzi efuna ukuba ngiwenze.

Ukufunda izimpilo zabantu okukhulunywa ngabo kwiMfundiso neziVumelwano 32–33; 35 kungakusiza ukuthi ubone ukuthi iNkosi ikulungiselela kanjani umsebenzi Wayo. Isibonelo, ungafunda ngobudlelwano phakathi kuka-Parley P. Pratt no-Sidney Rigdon ku “Voices of the Restoration: Early Converts.” Lobuhlobo bababusisa kanjani abantwana baNkulunkulu na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 35).

Nasi esinye isibonelo: U-Ezra Thayer wabhala ukuthi esikhathini esithile ngaphambi kokuba abhabhadiswe, waba nombono lapho “indoda yeza yangilethela umqulu wephepha futhi yawuthula kimi, kanye necilongo futhi yangitshela ukuthi [ngilidlale]. Ngamtshela ukuthi angikaze [ngilidlale] nakancane empilweni yami. Wathi ungakwazi [ukulidlala], lizame. … Yenza umsindo omnandi kunayo yonke engake ngawuzwa” (“Revelation, October 1830–B, Revelation Book 1,” isingeniso somlando, josephsmithpapers.org). Lapho uJoseph Smith ngokuhamba kwesikhathi ethola isambulo sika-Ezra Thayer kanye noNorthrop Sweet , manje esesibhalwe kwiMfundiso neziVumelwano 33, u-Ezra wasihumusha lesi sambulo njengomqulu wephepha embonweni wakhe. INkosi yayimlungiselela kanjani u-Ezra umsebenzi eyamnika wona kwiMfundiso neziVumelwano 33:1–13?

Yibuphi ubufakazi obubonayo besandla seNkosi ezimpilweni zamalungu eBandla okuqala na? Ubani iNkosi embeke empilweni yakho ukuze akusize uze kuKristu? Ukulungiselela kanjani ukuthi ubusise abanye ngokwethembeka kwakho, uthando, noma isimemo na?

Bheka futhi “A Mission to amaLamani[iMission kumaLamani],” iSambulo Esikumongweni,, 45–49.

IMfundiso neziVumelwano 33:12–18

Uma impilo yami ngiyakhela phezu kwevangeli likaMsindisi, angisoze ngawa.

IMfundiso neziVumelwano 33 yayibhekiswe kuNorthrop Sweet naku–Ezra Thayer, ababesanda kuguqukela eBandleni. UNorthrop walishiya iBandla masinyane emva kokunikwa kwalesi sambulo. U–Ezra yena wasebenza ngokwethembeka eBandleni isikhashana, kodwa naye ekugcineni wawa. Ukufunda ngabo kulesi sigaba kungase kukwenze ucabange ukuthi wakhiwe waqina kangakanani “phezu [kwedwala]” (ivesi 13) levangeli. Ngabe yimaphi amaqiniso akulamavesi angakusiza ukuba uhlale ngokwethembeka kuMsindisi na?

Bheka futhi uHelamani 5:12.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lokufunda

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 30:1–2

Kufanele ngigxile kakhulu ezintweni zikaNkulunkulu kunezinto zasemhlabeni.

  • Kungase kube mnandi ebantwaneni bakho ukuzama ukwenza imisebenzi emibili ngesikhathi esisodwa, njengokuphindaphinda amagama engoma eyintandokazi ube ubhala phansi amagama awo wonke amalungu omndeni wabo. Kungani kunzima ukwenza izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa? Bese ningafunda Mfundiso neziVumelwano 30:1-2 ndawonye. Yiziphi ezinye “izinto zomhlaba” ezingasiphazamisa ekukhumbuleni uJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe na? Singakugcina kanjani ukugxila kwethu Kuye na?

IMfundiso neziVumelwano 33:2–3, 6–10

Ngingabelana ngevangeli likaJesu Kristu.

  • Ukusiza abantwana bakho baqonde IMfundiso neziVumelwano 33:8–10, ungabamema ukuthi bazame ukusho umusho bevale imilomo ngenkathi wena noma abanye abantwana bakho niqagela ukuthi bathini. Funda amavesi 8–10 bese ubacela ukuthi bavule imilomo yabo isikhathi ngasinye lapho inkulumo ethi “vulani imilomo yenu” iphindaphindwa. Kungani uBaba oseZulwini efuna ukuthi sivule imilomo yethu futhi sabelane nabanye ngevangeli na? Yini esingayitshela umndeni wethu nabangane ngoMsindisi noma ivangeli Lakhe na? -

  • Cabanga ukwabelana ngolwazi oye waba nalo oluhlobene nemigomo noma izithembiso kwiMfundiso neziVumelwano 30–34. Yini oyifundayo noma oyizwile ngoMsindisi nomsebenzi Wakhe ngesikhathi usiza Yena na?

iqembu labantwana elibheka iphephabhuku

Ziningi izindlela zokwabelana ngevangeli.

Fakaza ngezibusiso ezithenjisiwe. Ngesikhathi umema abantwana ukuthi baphile umgomo wevangeli, ungabelana ngezithembiso uNkulunkulu azenzile kubantu abaphila lowo mgomo. Isibonelo, ungafakaza ngezibusiso asinika zona uma sivula imilomo yethu futhi sabelane ngevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 33:12–13

Ngingakhela impilo yami evangelini likaJesu Kristu.

  • Ungathatha abantwana bakho ubakhiphele ngaphandle ukuze babone isisekelo sekhaya labo noma isakhiwo seBandla bese ubacela ukuthi basichaze. Ngungani isakhiwo sidinga isisekelo esiqinile na? Fundani nabo IMfundiso neziVumelwano 33:12–13, bese niyabelana omunye nomunye ngemizwa yenu ngokuthi kungani iNkosi ifuna sakhe izimpilo zethu evangelini Layo. Kungani “idwala” kuyigama elihle ukuchaza ivangeli na? Singazakha kanjani izimpilo zethu phezu kwedwala levangeli? (bheka futhi NgokukaMathewu 7:24–29).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

abafundisi bevangeli bokuqala behamba eqhweni elikhithikile

Go into the Wilderness[Hambe Uye Ehlane], nguRobert T. Barrett

ikhasi lomsebenzi labantwana