“NgoMashi 3–9, ‘Funda Kimi,’ IMfundiso neziVumelwano 19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoMashi 3–9: “Funda Kimi”
IMfundiso neziVumelwano 19
Kwathatha uMartin noLucy Harris iminyaka ukuthola elinye lamapulazi amahle kakhulu ePalmyra, eNew York. Kodwa ngo–1829 kwacaca ukuthi iNcwadi kaMormoni yayingashicilelwa kuphela uma uMartin ebambisa ngepulazi lakhe ukuze kutholakale imali yokugaya. UMartin wayenabo ubufakazi beNcwadi kaMormoni, kodwa uLucy wayengenabo. Uma uMartin wayeqhubeka nokubambisa ngepulazi bese iNcwadi kaMormoni ingadayisi kahle, wayezolahlekelwa yipulazi lakhe, abeke umshado wakhe engozini, futhi kulimaze isithunzi sakhe emphakathini. Nakuba izimo zethu zihlukile kunezikaMartin, ngezinye izikhathi sonke sibhekana nemibuzo enzima njengaleyo abhekana nayo: Libaluleke ngani ivangeli likaJesu Kristu kimi na? Yini engizimisele ukunikela ngayo ukwelekelela ukwakha umbuso kaNkulunkulu na? Ekugcineni uMartin Harris wanquma ukuthi uzobolekisa ngepulazi lakhe ukuze amakhophi okuqala ayizi-5,000 eNcwadi kaMormoni agaywe. Kodwa ngisho nalomhlatshelo—nanoma yimuphi umhlatshelo esingawenza—mncane uma kuqhathaniswa nomhlatshelo kaJesu Kristu, “omkhulu kunayo yonke” (IMfundiso neziVumelwano 19:18), owaphuma igazi kuzo zonke izimbotshana ukuze asindise ophendukayo.
-
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 19:1–12
“Mina, uNkulunkulu, anginasiphetho.”
UJoseph Smith wachaza ukuthi isambulo esigabeni 19 “[siwu]myalelo … kuMartin Harris, onikezwe yilowo oNgunaphakade” (isihloko sesigaba). Bheka izindawo emavesini 1–12 lapho iNkosi igcizelela isimo Sayo saphakade. Kungani ucabanga ukuthi kwakubalulekile kuMartin Harris ukwazi lokhu ngeNkosi na? Kubaluleke ngani ukuthi ukwazi lokhu na?
Ucabanga ukuthi kungani uJesu Kristu ebizwa ngokuthi “isiqalo nesiphetho” na? (ivesi 1).
IMfundiso neziVumelwano 19:15–20
UJesu Kristu wezwa ubuhlungu ukuze ngiphenduke ngize Kuye.
ITestamente Elisha lichaza ukuhlupheka koMsindisi eGetsemane ngokombono wabantu ababekubonile. KwiMfundiso neziVumelwano 19:15–20, uJesu Kristu wakhuluma ngokuhlupheka Kwakhe ngendlela Akubona ngayo. Njengoba ufunda lendaba engcwele, bheka ukuthi uMsindisi wakuchaza kanjani ukuhlupheka Kwakhe. Cabanga ngokuthi igama ngalinye likufundisani. Kungani uMsindisi avuma ukuzwa ubuhlungu na? Ungathola okuningi ku-NgokukaJohane 15:13; uMosiya 3:7; u-Alima 7:11–12; IMfundiso Nezivumelwano 18:10–13.
Imizwa onayo njengoba ufunda ngokuhlupheka koMsindisi ingase ibuze imibuzo efana nalena: Kungani uMsindisi kwadingeka ahlupheke ngenxa yezono zami na? Kungani ngidinga ukuphenduka ukuze ngithole izibusiso ezigcwele zomhlatshelo Wakhe na? - Njengoba ufunda, yiziphi izinto ezifika engqondweni yakho na? Cabanga ngokubhala phansi imizwa yakho ngoJesu Kristu nomnikelo akwenzela wona.
Njengengxenye yokufunda nokukhonza kwakho, ungabheka isihlabelelo ongasilalela noma usicule esizwakalisa ukubonga kwakho kuMsindisi ngokuhlupheka Kwakhe ngenxa yakho. -
Ucabanga ukuthi uBaba oseZulwini noJesu Kristu bafuna wenzeni njengomphumela walokhu okuzwile futhi wakufunda na?
-
Ukuthula sikuthola ngokufunda kuJesu Kristu nokumlandela.
Cabanga ngesimemo sikaMsindisi: “Funda kimi.” Ufundani ngoJesu Kristu kwiMfundiso neziVumelwano 19 na? Yibhale imicabango yakho, futhi uzindle ngokuthi akusiza kanjani lamaqiniso ngoMsindisi ukuthi uthole ukuthula. Kusho ukuthini kuwe “[uku]hamba ngobumnene boMoya [Wakhe]” na?
Bheka futhi uHenry B. Eyring, “Ukuthola Ukuthula Komuntu Siqu,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 29–31; “Peace in Christ (Ukuthula KuKristu)” (ividiyo), Umtapo woLwazi weVangeli.
IMfundiso neziVumelwano 19:26–41
Izibusiso zikaNkulunkulu zinkulu kunamagugu omhlaba.
INcwadi kaMormoni ayizange ithengiswe kahle kakhulu ePalmyra. Ngenxa yalokho, u-Martin Harris wagcina esedayisa ingxenye enkulu yepulazi lakhe ukuze akhokhe isikweletu kumgayi. Zindla ngokuzinikela kukaMartin—nezibusiso ozitholile ngenxa yakho—njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 19:26–41. Ungacabanga futhi ngokuthi iNkosi wena ikucele ukuba unikele ngani. Ngabe yini oyithola kulamavesi ekugqugquzela ukuthi wenze leminikelo “ngokuthokoza” nango “kwenama” na? (Bheka futhi amavesi 15–20).
Amasu okuFundisa AbaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 19:16–19
UJesu Kristu wahlupheka ngenxa yami.
-
Ungasiza abantwana bakho bezwe inhlonipho nokubonga ngoMsindisi ngokufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 19:16–19. Cabanga ukuma kancane ukuze uqinisekise ukuthi abantwana bakho bayaqonda futhi ubavumele baveze imizwa yabo. Isibonelo, evesini 16 ziyini “lezi zinto” uJesu ahlupheka ngazo ngenxa yethu na? (bheka uMosiya 3:7; u-Alima 7:11–12). Sifundani ekuchazeni Kwakhe ukuhlupheka Kwakhe na? Singakubonisa kanjani ukubonga kwethu ngalokho asenzele khona na?
-
-
IMfundiso neziVumelwano 19:18–19, 24
UJesu Kristu wamlalela uBaba oseZulwini, ngisho nalapho kwakunzima khona.
-
Ukuhlupheka ngenxa yezono zethu kwakunzima kakhulu, kodwa uJesu Kristu wayezimisele ukukwenza ukuze alalele uYise futhi abonise uthando Lwakhe Ngaye nakithi. Ningabuka ndawonye isithombe sikaJesu Kristu ehlupheka eGetsemane (njengalezo ezikuloluhlaka) bese ucela abantwana bakho ukuthi bakutshele abakwaziyo ngokwenzeka esithombeni. Ningase nifunde ndawonye IMfundiso neziVumelwano 19:18–19, 24 ukugcizelela ukuthi ukuhlupheka ngenxa yezono zethu kwakuyinto enzima kakhulu eyake yenziwa ngumuntu, kodwa ngenxa yokuthi uJesu wayethanda uYise kanye nathi, walalela intando kaNkulunkulu ( bheka nnoMosiya 3:7). Yiziphi izinto ezinzima uNkulunkulu asicela ukuba sizenze na? Singasithola kanjani isibindi sokumlalela na?
“Funda kimi, futhi ulalele amazwi ami.”
-
Ungase usize abantwana bakho bacabange ngezenzo ezilula ezihambisana nemisho ekwiMfundiso neziVumelwano 19:23. Funda ivesi izikhathi eziningana ngesikhathi benza izenzo. Yiziphi ezinye izindlela esingafunda ngoKristu ngazo futhi silalele amazwi Akhe na?
Izibusiso zikaNkulunkulu zinkulu kunamagugu omhlaba.
-
Wena nabantwana bakho ningashintshana ngokubamba ikhophi yeNcwadi kaMormoni futhi nabelane ngalokho enikuthandayo ngayo. Khuluma kafushane ngomnikelo kaMartin Harris ukuze iNcwadi kaMormoni igaywe Yathini iNkosi kuMartin kwiMfundiso neziVumelwano 19:38 okungenzeka kwamsiza ukuba athembeke futhi alalele na? Siza abantwana bakho bacabange ngento abangayidela ukuze balalele uNkulunkulu noma basize emsebenzini wWakhe.