Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 10–16: “Ukuvuka kweBandla likaKristu” IMfundiso neziVumelwano 20–22


“NgoMashi 10-16, ‘Ukuvuka kweBandla likaKristu’: IMfundiso neziVumelwano 20–22,“ Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 20–22,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

UJoseph Smith eshumayela egumbini eligcwele abantu

NgoMashi 10–16: “Ukuvuka kweBandla likaKristu”

IMfundiso neziVumelwano 20–22

Umsebenzi woMsindisi wokuveza iNcwadi kaMormoni manje wawusuphelile. Kodwa umsebenzi Wakhe wokuBuyisela wawusanda kuqala. Ngaphezu kokubuyisela imfundiso negunya lobupristi, iNkosi yakwenza kwacaca ngezambulo zangaphambilini ukuthi Yayifuna nokubuyisela inhlangano esemthethweni—iBandla Layo (bheka IMfundiso neziVumelwano 10:53; 18:5). Ngo–Ephreli 6, 1830, amakholwa angaphezulu kwa-40 agcwala ekhaya lakwaWhitmer eFayette, eNew York, ukuze abone ukuhlelwa kweBandla likaJesu Kristu.

Abanye abantu bayazibuza ukuthi kungani sidinga ibandla na? Impendulo ingatholakala kwizambulo ezihlangene nalowo mhlangano wokuqala weBandla ngo–1830. Zichaza izibusiso ebezingeke zatholwa uma iBandla likaJesu Kristu leqiniso alizange “lihlelwe futhi liqalwe kahle” ezinsukwini zokugcina (IMfundiso neziVumelwano 20:1).

-

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 20–21

UJesu Kristu usebuyisele iBandla Lakhe.

Kungani sineBandla elihlelekile na? Mhlawumbe impendulo engcono kakhulu ithi “Ngoba uJesu Kristu owalihlela.” Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 20–21, ungaqaphela okufanayo phakathi kwebandla Alisungula emandulo kanye naleli Alibuyisele namhlanje. Sebenzisa lamavesi alandelayo ukufunda ngeBandla loMsindisi ezikhathini zasemandulo: NgokukaMathewu 16:15–19; NgokukaJohane 7:16–17; Kwabase-Efesu 2:19–22; u-3 Nefii 11:23–26; uMoroni 4–5. Sebenzisa lamavesi ukufunda ngeBandla elibuyiselwe: IMfundiso neziVumelwano 20:17–25, 60, 72–79; 21:1–2. Ungaqopha okutholayo kuthebula elifana naleli:

IMfundiso

Izimiso

Igunya lobuPristi

Abaprofethi

IBandla likaKristu lasemandulo

IMfundiso

Izimiso

Igunya lobuPristi

Abaprofethi

IBandla likaKristu elibuyiselwe

IMfundiso

Izimiso

Igunya lobuPristi

Abaprofethi

Ufundani kulomsebenzi mayelana nokuthi kungani uJesu Kristu asungula—futhi wabuyisela—iBandla Lakhe na?

­

Mema ukwabelana. Ngesikhathi umema abantu ukuba babelane ngalokho abebekufunda bebodwa, bayozizwa bekhuthazeka ukuba baqhubeke nesifundo sabo somuntu siqu. Yini ongayimema abanye ukuba babelane ngayo na?

IMfundiso neziVumelwano 20:37, 75–7922

Izimiso ezingcwele ziyangisiza ukuba ngifane noMsindisi.

Ngesikhathi iBandla lihlelwa, iNkosi yafundisa abaNgcwele Bayo ngezimiso ezingcwele, kubalwa ukubhabhadiswa kanye nesidlo esingcwele. Njengoba ufunda ngalezi zimiso, zindla ukuthi zikusiza kanjani ukuthi uzizwe uxhumene noMsindisi. Isibonelo, lezi zimiso zikusiza kanjani ukuthi ugcine “ukuzimisela kwakho ukukhonza [uJesu Kristu] kuze kube sekugcineni” na? (ivesi 37). Ungase ufunde nemithandazo yesidlo esingcwele (amavesi 77, 79) bese uzibona ngeso lengqondo uqala ukuyizwa. Yikuphi ukuqonda okutholayo na?

­

umfana edlulisa isidlo esingcwele

IMfundiso neziVumelwano 20:38–60

Ukusebenza kobupristi kubusisa amalungu eBandla kanye nemindeni yawo.

Wake wacabanga ukuthi kungani kubalulekile kuMsindisi ukubuyisa ubuprisiti eBandleni Lakhe na? Ukufunda lokho Acela abaphethe ubupristi ukuthi bakwenze kwiMfundiso neziVumelwano 20:38–60 kunganika ukuqonda. UMsindisi ukubusise kanjani wena kanye nomndeni wakho ngomsebenzi ochazwe kulamavesi na?

Ngaphezu kwalabo abagcotshelwe ubupristi, abesifazane abahlukaniselwe ukusebenza eBandleni nabo basebenzisa igunya likaNkulunkulu njengoba bebamba iqhaza emsebenzini Wakhe. -

-

IMfundiso neziVumelwano 21

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ukulalela izwi likaNkulunkulu ngabaprofethi Bakhe kuzonginika ukuvikeleka kwaphezulu.

IMfundiso neziVumelwano 21:4–9 iqukethe izimemo zokulandela umprofethi weNkosi kanye nezithembiso ezinamandla kulabo bantu abenza njalo. Imibono elandelayo ingakusiza ukuthi uzindle ngalamavesi:

  • Yimaphi amazwi emavesini 4–5 achaza lokho uMsindisi afuna ukwenze ngamazwi omprofethi Wakhe ophilayo na? Kungani unomuzwa wokuthi “ukubekezela nokholo” kuyadingeka ukuze wenze lokhu na?

  • Zindla ngomfanekiso uMsindisi awusebenzisa kwivesi 6 ukuchaza izibusiso zokulandela umprofethi Wakhe. Ucabanga ukuthi isho ukuthini inkulumo ethi “amasango esihogo” na? INkosi “ikuhlakazela kanjani amandla obumnyama” na? Kusho ukuthini ukuba “izulu lizamazame ngokuhle kuwe” na?

  • Yikuphi iNkosi ecela ukwenze ngoMongameli wamanje weBandla na? INkosi izifeze kanjani izithembiso Zayo njengoba ulandele iseluleko Sayo na?

­

  • Kungani Silandela uMprofethi:

  • Umlindi Embhoshongweni:

  • Ungathuki:

-

4:17

Watchman on the Tower

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha) .

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 20–21

IBandla likaJesu Kristu selibuyiselwe.

  • Cabangela ukusebenzisa isihloko sesigaba seMfundiso neziVumelwano 21, (ChurchofJesusChrist.org) ukusiza abantwana bakho ukuthi baqonde ukuthi kwenzekani ngosuku iBandla lihlelwa ngalo.

    2:37
  • Mhlawumbe abantwana bakho bangaqondanisa izithombe zikaJesu Kristu, othile okhonzayo, umbhabhadiso, nesidlo seNkosi namavesi kwisigaba 20 (bheka amavesi 21–23, 47, 72–74, 75–79). Sebenzisa lezi zithombe kanye namavesi ukuxoxa ngezibusiso esinazo ngoba uJesu Kristu wabuyisela iBandla Lakhe.

IMfundiso neziVumelwano 20:37, 41, 71–74

Uma sengibhabhadisiwe ngaqiniswa, ngithembisa ukulandela uJesu Kristu.

  • Abantwana bakho bangase bajabulele ukubona isithombe somntwana ebhabhadiswa futhi eqiniswa. Bangakhomba ukuthi sifana kanjani nemiyalelo ekwiMfundiso neziVumelwano 20:41, 71–74. Sifundani kwiMfundiso neziVumelwano 20:37 ngabantu abafuna ukubhabhadiswa na? -

    2:54

    The Baptism of Jesus

    intombazane ibhabhadiswa futhi iqiniswa
  • Uma abantwana bakho sebabhabhadiswa futhi baqiniswa, babuze ngalokho okwenzeka kubo. Ngabe banazo izithombe abangabelana ngazo na? Khuluma nabo ngokuthi benzani ukulandela uJesu Kristu nokuthi Ubabusisa kanjani.

IMfundiso neziVumelwano 20:75–79

Ngingathatha igama likaJesu kimi futhi ngimkhumbule njalo.

  • Abantwana bakho bangabheka igama elithi “ukuzimisela” kwiMfundiso neziVumelwano 20:37 (ngombhabhadiso) kanye nakwivesi 77 (ngesidlo esingcwele). Yini uJesu Kristu afuna sizimisele ukuyenza na? Mhlawumbe abantwana bakho bangabheka into enegama kuyo (njengegama lomkhiqizo noma igama lomuntu siqu). Igama lisitshelani ngalento na? Kusho ukuthini ukuthatha igama likaJesu Kristu kithi na?

  • Cabangani ngokufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 20:77 bese ucela abantwana bakho ukuthi bakhombe izithembiso esizenzayo njengengxenye yesidlo esingcwele. Mhlawumbe bangashintshana ngokulingisa okuthile abangakwenza ukuze “bakhumbule njalo” uMsindisi futhi baqagele ukuthi ziyini izenzo zomunye nomunye. Ngokusho kwevesi 77, sibusiswa kanjani uma sihlala sikhumbula uMsindisi na?

IMfundiso neziVumelwano 21:4–6

UJesu uyangibusisa njengoba ngilandela umprofethi Wakhe.

  • Emva kokuthola izimemo kanye nezithembiso kwiMfundiso neziVumelwano 21:4–6, abantwana bakho bangabheka isithombe somprofethi wamanje futhi babelane ngokuthile abakufundile noma abakuzwile kuye. Yabelanani ngezindlela uJesu Kristu anibusise ngazo ngokulandela umprofethi Wakhe.

UMongameli uNelson

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

UJoseph Smith ehlukaniswa ngu–Oliver Cowdery

U–Oliver Cowdery uGcoba uJoseph Smith, nguWalter Rane

ikhasi lomsebenzi labantwana