“Amazwi Okubuyiselwa: Umndeni kaJoseph Smith,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“Umndeni kaJoseph Smith,” Wozani, Ngilandeleni— Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Amazwi Okubuyiselwa
Umndeni kaJoseph Smith
Siyathinteka kakhulu ngalokho okwenzeka emndenini wethu kanti noJoseph Smith wayengahlukile kulokho. Ukholo lwabazali bakhe lwatshala imbewu eyenza ukuBuyiselwa kwevangeli kwenzeke. Incwadi kaJoseph ibhalwe lokhu: ‘Amagama nolimi akwanele ukuveza ukubonga enginakho kuNkulunkulu ngokuba angiphe abazali abaqotho kangaka.”
Lokhu okulandelayo okucashunwe kokushiwo ngunina, uLucy Mack Smith; umfowabo uWilliam Smith; noMprofethi uqobo lwakhe kusinikeza isithombe somthelela inkolo eyaba nawo ekhaya lakwaSmith.
uLucy Mack Smith
“[Ngabo-1802], ngagula. … Ngazitshela ukuthi, angikulungele ukufa ngoba angizazi izindlela zikaKristu, futhi kwaba sengathi kwakukhona umgodi omnyama futhi onesizungu phakathi kwami noKristu engangingeke ngilinge ngiwuwele. …
“Ngabheka eNkosini ngayincenga futhi ngayinxusa ukuba isindise impilo yami ukuze ngikhulise abantwana bami futhi ngiduduze inhliziyo yomyeni wami; ngakho-ke ngalala kanjalo ubusuku bonke. … Ngenza isivumelwano noNkulunkulu [ukuthi] uma engangidedela ngiphile, ngingazimisela ukuba ngithole leyo nkolo ezongisiza ngimusebenzele ngendlela elungile, noma ngabe iseBhayibhelini noma kuphi lapho engatholakala khona, ngisho noma yayitholakala ezulwini ngomkhuleko nokholo. Ekugcineni izwi lakhuluma nami lathi, ‘Funa, khona uzakufumana, ngqongqotha, khona uzovulelwa. Inhliziyo yakho mayiduduzeke. Kholwa kuNkulunkulu, kholwa nakimi futhi.’ …
“Kusukela ngaleso sikhathi ngathola amandla nsuku zonke. Kuncane engangikukhuluma mayelana nenkolo nakuba yayisengqondweni yami sonke isikhathi, nganquma ukuthi ngangizokwenza yonke imizamo uma sengikwazi ukuba ngithole ikholwa elaziyo ngezindlela zikaNkulunkulu ukuba lingazise ngezinto zaseZulwini.”
uWilliam Smith
“Umama, owaye ngumuntu wesifazane oyikholwa futhi owayethanda ukunakekela abantwana bakhe, khona lapha nakwelizayo, wayesebenzisa lonke uthando lwakhe njengomzali ukuba limholele, ukuba asingenise ekutholeni insindiso yomphefumulo wethu, noma (indlela okwakubekwa ngayo ngalezo zikhathi) ‘ekutholeni inkolo.’ Wayesikhuthaza ukuba sihambe imihlangano, wagcina wonke umndeni uluthanda lolu daba, futhi saba ngabafuna iqiniso.”
“Ngiyakhumbula ukuthi, kusukula kudala sasihlezi sikhuleka singumndeni. Ngikhumbula kahle ubaba wayephatha izibuko zakhe ekhukhwini lehembe lakhe, … futhi kwakuthi uma thina bafana simbona edonsa izibuko zakhe, sasazi ukuthi lokho kwakusho ukuthi silungele umkhuleko, futhi kwakuthi uma singanakanga umama wayethi, ‘William,’’ noma abize noma yimuphi owayenganakile, ‘lungela umkhuleko.’ Emuva komkhuleko sasineculo esasilicula.”
UJoseph Omdala noLucy Mack Smith bafundisa umndeni wabo ukufunda imibhalo engcwele.
uJoseph Smith
“Ngiyasho manje, ukuthi [ubaba wami] akakaze enze into embi empilweni yakhe, engaveza ukuthi wayengenaso isihe, ngokwazi kwami. Ngangimuthanda ubaba nalokho engikukhumbulayo ngaye, inkumbulo yezenzo zakhe eziqotho, ngizindla njalo ngakho emqondweni wami; futhi amazwi akhe amnene nawomzali awakhuluma kimi, abhalwe enhliziyweni yami. Ingcwele imicabango enginayo ngomlando wempilo yakhe, ebilokhu isengqondweni yami yaze yatshaleka khona, ngokunaka kwami selokhu ngazalwa. … Umama naye wayengunkosikazi oqotho, futhi olungile phakathi kwabesifazane.”