Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 6–12: “Lalelani, O Nina Bantu”: IMfundiso neziVumelwano 1


NgoJanuwari 6–12: ‘Lalelani, O Nina Bantu’: IMfundiso neziVumelwano 1,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

umndeni ufunda imibhalo engcwele ndawonye

NgoJanuwari 6–12:“Lalelani, O Nina Bantu”

IMfundiso neziVumelwano 1

Ngonyaka ka–1831 kuNovemba, iBandla elibuyisiwe likaJesu Kristu lalinonyaka owodwa nohhafu kuphela. Noma lalikhula, lalisayiqembu lamakholwa elingajwayelekile elihlala endaweni enganabo abantu abaningi, liholwa umprofethi owayeminyaka engaphezulu kancane kwamashumi amabili. Kepha uNkulunkulu wayazi ukuthi lamakholwa yizinceku nezithunywa Zakhe, futhi Wayefuna izambulo ayebanike zona zaziwe umhlaba wonke.

IMfundiso neziVumelwano 1 yisandulelo seNkosi, noma isingeniso, salezi zambulo. Kukhombisa ngokusobala ukuthi nakuba ubulungu beBandla babuncane, kwakungekho okuncane ngomlayezo uNkulunkulu ayefuna abaNgcwele Bakhe bawabe. “Kuyizwi lesexwayiso” elizoya “kubo bonke abantu emhlabeni,” bebafundisa ukuphenduka nokwakha “isivumelwano saphakade” sikaNkulunkulu (amavesi 4, 8, 22). Izinceku eziphethe lomyalezo yizo“ezibuthaka futhi abafokazana.” Kodwa izinceku ezithobekile ziyilokho kanye uNkulunkulu akufunayo—ngaleso sikhathi namanje—ukukhipha iBandla Lakhe “ekufipheleni nasekuphumeni ebumnyameni.” (amavesi 23, 30).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 1

“Lalelani, O Nina Bantu”

Isandulelo sethula incwadi. Siveza izihloko kanye nezinjongo zencwadi futhi sisiza abafundi balungele ukufunda. Ngesikhathi ufunda isigaba 1—“isandulelo” seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano (ivesi 6)—bheka izihloko nezinjongo iNkosi ezinike izambulo Zayo. Yini oyifundayo ezokusiza ocwaningweni lwakho lweMfundiso neziVumelwano kulonyaka na? Isibonelo, ungacabanga ngokuthi kuchaza ukuthini “ukuzwa izwi leNkosi” kulezi zambulo (ivesi 14) noma “ukucinga lemiyalelo” (ivesi 37).

Bheka futhi Isingeniso seMfundiso neziVumelwano.

IMfundiso neziVumelwano 1:4–6, 23–24, 37–39

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi ikhuluma ngezinceku Zayo, kubalwa nabaprofethi bezinsuku zokugcina

Isigaba 1 siqala futhi sigcina ngokushiwo yiNkosi ukuthi ukhuluma ngezinceku Zakhe Azikhethile (bheka kumavesi 4–6, 23–24, 38). Bhala phansi okufundayo kulesambulo ngalokhu:

  • INkosi nezwi Layo.

  • Kungani abaprofethi bedingeka ezinsukwini zethu na?

Yini ozizwa uhlabeke umxhwele ukuyenza ngenxa yalokho okutholayo na?

Ulizwe nini izwi leNkosi ngezwi lezinceku Zayo na? (bheka ivesi 38).

Futhi ungacabanga ukuthi umngane ongazi ngabaprofethi abaphilayo ufunda isigaba 1 nawe. Imiphi imibuzo umngane wakho angase abe nayo na? Yimaphi amavesi ongathanda ukuwaxoxa nomngane wakho ukuze umsize aqonde ukuthi uzizwa kanjani ngokuba nabaprofethi osukwini lwethu na?

Ungase ube nentshisekelo yokwazi ukuthi ngesikhathi umkhandlu wamagosa uhlangana ngo-1831 ukuze ukhulume ngokushicilela izambulo zikaJoseph Smith, abanye abantu baphikisana nalombono. Babenamahloni ngobuthakathaka bukaJoseph ekubhaleni, futhi babekhathazekile ngokuthi ukushicilela izambulo kungase kubangele abaNgcwele izinkinga eziningi ( bheka incwadi ethi Saints, 1:140–43.) Ukube wawuyilungu lalomkhandlu, wawuzobhekana kanjani nalezi zinkathazo na? Yiziphi izimfundiso ozitholayo kwisigaba 1 ezazingasiza na? (bheka, isibonelo lamavesi 6, 24, 38).

- -

Bheka futhi kwiTopics and Questions, “Prophets,” kuMtapo woLwazi weVangeli.

Amalungu eBandla ephakamisa abaholi engqungqutheleni yebandla lonke

INkosi ikhuluma ngezinceku Zayo, abaprofethi.

IMfundiso neziVumelwano 1:12–30, 34–36

Ukubuyiselwa kwevangeli kungisiza ukuba ngibhekane nezinselelo zezinsuku zokugcina.

KwiMfundiso neziVumelwano isigaba 1, iNkosi ichaza ukuthi kungani Yabuyisela ivangeli Layo. Bheka ukuthi zingaki izizathu ongazifaka kuhlu ngesikhathi ufunda amavesi 12–23. Kulokho osudlule kukho, zifezeka kanjani izinjongo zeNkosi zokuBuyiselwa na?

INkosi yayazi ukuthi usuku lwethu luyoba nezinselelo ezinzima (bheka ivesi 17). Ngabe yikuphi okutholayo kulamavesi 17–30, 34–36 okukusiza uzwe ukuthula nokuzethemba noma kunalezi zinselelo na?

Bheka futhi uRussell M. Nelson, “Embrace the Future with Faith,” iLiyahona, ngoNovemba 2020, 73-76.

IMfundiso neziVumelwano 1:19–28

INkosi isebenzisa “ababuthaka nabafokazana” ukufeza umsebenzi Wayo.

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 1:19–28, ungazindla ngokuthi kusho ukuthini ukuba yinceku yeNkosi. Yiziphi izici iNkosi efuna ukuba izinceku Zayo zibe nazo na? Yikuphi lokhu iNkosi ekufezayo ngezinceku Zayo na? Zipheleliseka kanjani iziprofetho ezikulamavesi emhlabeni wonke nasempilweni yakho na?

Bheka uJesu Kristu. Injongo yemibhalo engcwele ukufakaza ngoMsindisi nevangeli Lakhe. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 1, cabanga ngokudwebela noma ubhale phansi amavesi akufundisa ngoJesu Kristu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 1:4; 37–39

Ngabaprofethi Bakhe, iNkosi ingixwayisa ngengozi yomoya.

  • Ukuqala ingxoxo ngezixwayiso eziphuma eNkosini, ungakhuluma ngezixwayiso esizithola kwabanye ngezingozi esingaziboni. Ezinye zezibonelo zingafaka indawo yaphansi endlini eshibilikayo, isiphepho esikhulu, noma imoto ezayo. Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabheka izibonelo zezimpawu eziyisixwayiso futhi niqhathanise lezi zixwayiso nezixwayiso iNkosi esinika zona. Ngokusho kweMfundiso neziVumelwano 1:4, 37–39, iNkosi isixwayisa kanjani na? Usixwayise ngani kamuva nje? Mhlawumbe ungabuka noma ufunde izingxenye zemiyalezo yengqungquthela yebandla lonke esanda kuba khona ubheke izibonelo “zezwi lesixwayiso.” likaNkulunkulu

  • - Yabelana ngobufakazi bakho bokuthi umprofethi ukhuluma izwi likaNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 1:17

Ukubuyiselwa kwevangeli kungisiza ukuba ngibhekane nezinselelo zezinsuku zokugcina.

  • Ukukhuthaza ingxoxo ngeMfundiso neziVumelwano 1:17, wena kanye nezingane zakho ningacabanga ukuthi nilungiselela uhambo. Yini obungayipakisha na? Ukube wawazi kusenesikhathi ukuthi lizokuna noma ukuthi imoto noma ibhasi lakho lizoqhuma isondo, lokho bekuyoyithinta kanjani indlela olungiselela ngayo uhambo? Fundani ndawonye ivesi 17, bese nikhuluma ngalokho iNkosi eyayazi ngakho ukuthi kuzokwenzeka kithi. Wakulungiselela kanjani lokho na? (Uma kunesidingo, chaza ukuthi “inhlekelele” yingozi enkulu noma into embi kakhulu.) Imiyalo kaNkulunkulu isisiza kanjani ukuba sibhekane nezinselelo zesikhathi sethu na?

IMfundiso neziVumelwano 1:17, 29

INkosi yabiza uJoseph Smith ukuthi abe ngumprofethi.

  • Ukufunda ngendima kaJoseph Smith ekubuyiseleni ivangeli loMsindisi, wena kanye nabantwana bakho ningabuka isithombe soMsindisi kanye nesithombe sikaJoseph Smith (bheka izithombe kuloluhlaka) futhi nikhulume ngalokho uMsindisi asinika kona ngoJoseph. Smith. Abantwana bakho bangabheka izibonelo kwiMfundiso neziVumelwano 1:17, 29. Tshela abantwana bakho ukuthi wazi kanjani ukuthi uNkulunkulu “wabiza inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi wakhuluma kuye esezulwini” (ivesi 17).

isithombe sikaJoseph Smith Jr.

© ngo1998 uDavid Lindsley

IMfundiso neziVumelwano 1:30

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina “liyibandla leNkosi leqiniso neliphilayo.”

  • Kuchaza ukuthini ukuthi iBandla “liyiqiniso futhi liyaphila” na? Ukuze wenze abantwana bakho bacabange ngalombuzo, mhlawumbe ungababonisa izinto eziphilayo nezingaphili—njengesitshalo esiphilayo nesitshalo esifile. Ngabe sazi kanjani ukuthi into iyaphila na? Bese ungafunda IMfundiso neziVumelwano 1:30 futhi ukhulume ngokuthi kungase kusho ukuthini ngeBandla ukuba “neqiniso futhi liphile.”

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

isithombe sikaJesu Kristu

Beside Still Waters, nguSimon Dewey

ikhasi lomsebenzi labantwana