ITestamente eliDala 2022
Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Egcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
umntwana nomama befunda imibhalo engcwele ekhaya

Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele

Ukuvama ukufunda imibhalo engcwele ningumndeni kuyindlela enamandla yokusiza umndeni wakho ukuba ulifunde ivangeli. Ukuthi nifunda okungakanani nokuthi nifunda isikhathi eside kangakanani akubalulekile njengokuhlezi nenza imizamo yokufunda njalo. Ngesikhathi ukufunda imibhalo engcwele ukwenza kube yingxenye ebalulekile yempilo yomndeni wakho yansuku zonke, uzobasiza abomndeni wakho ukuba basondelane futhi basondele nakuJesu Kristu futhi nokuthi bakhele ubufakazi babo phezu kwesisekelo sezwi Lakhe.

Ake ucabange nganansi imibuzo:

  • Ngabe ungabakhuthaza kanjani abomndeni wakho ukuba bazifundele bona imibhalo engcwele na?

  • Yikuphi ongakwenza ukubakhuthaza ukuba baxoxelane ngalokho abakufundayo na?

  • Ungazigcizelela kanjani izimfundiso ozifundayo kwiMfundiso neziVumelwano ngesikhathi ubafundisa nsukuzonke na?

Ukhumbule ukuthi ikhaya yiyona ndawo enhle kakhulu yokufunda ngevangeli. Ekhaya ungakwazi ukulifunda futhi ulifundise ivangeli ngezindlela ezingeke zenzeka ngesikhathi kufundwa esontweni. Ziqambele okuthile ngesikhathi ucabanga ngezindlela ongabasiza ngazo abomndeni wakho ukuba bafunde emibhalweni engcwele. Ake ucabange ngananka amasu alandelayo ukuze nikhulise ukufunda kwenu imibhalo engcwele njengomndeni:

Sebenzisani Umculo

Culani amaculo azoqinisa leyomigomo evela emibhalweni engcwele. Ezifundweni zamasonto onke kuhlezi kunamaculo noma amaculo abantwana aphakanyisiwe ukuba angaculwa. Ungabuza imibuzo ngamagama noma ngemishwana ekulawo maculo. Okunye eningakwenza ngesikhathi kuculwa, abomndeni wakho bangenza lezo zinto ezihambisana neculo noma kulalelwe iculo elithile ngesikhathi kukhona okuthile enikwenzayo. ­

Xoxani ngaleyomibhalo engcwele enizuza kakhulu kuyo

Nikeza abomndeni wakho isikhathi sokuba baxoxelane nangalokho abazuze kakhulu kukho emibhalweni engcwele ngesikhathi bezifundela.

Sebenzisani awenu amagama

Bameme abomndeni wakho ukuba basho kafushane ngawabo amagama ukuthi yikuphi abakufundile ngesikhathi kufundwa.

Isithombe
intsha isiza umntwana omncane ukuba afunde imibhalo engcwele

Kusebenziseni Okusemibhalweni Engcwele Ezimpilweni Zenu.

Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, bacele abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi leyondinyana bangayisebenzisa kanjani ezimpilweni zabo na?

Makubuzwe Umbuzo

Bameme abomndeni wakho ukuba babuze umbuzo oqondene nevangeli, bese bechitha isikhathi bebheka amavesi angasiza kuphendulwe lowo mbuzo.

Bonisa ngombhalo ongcwele othile

Khetha lelovesi enizuza kakhulu kulo, bese ubonisa ngalo lapho abomndeni wakho bezohlezi belibona khona njalo. Mema amanye amalungu omndeni wakho ukuba ashintshane ngokukhetha umbhalo abangabonisa ngawo.

Yenza uhla lwamavesi athile

Njengomndeni, khethani amavesi ambalwa eningathanda ukukhuluma ngawo ngesonto elizayo.

Yifakeni emakhanda Imibhalo eNgcwele

Khetha amavesi abomndeni wakho abazuza kakhulu kuwo, bese uyabamema ukuba bawafake emakhanda abo ngokuwaphinda phinda njalo noma badlale umdlalo wokukhumbuzana lawomavesi.

Isithombe
abantu becula ndawonye ekhaya

Yabelana ngezifundo ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile

Thola izinto ezithile ezihambisana nezahluko namavesi eniwafundayo njengomndeni. Bameme abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi ngabe leyonto ethile ihambisana kanjani nezimfundiso enizithola emibhalweni engcwele.

Khetha isihloko esithile

Abomndeni wakho mabashintshane ngokukhetha isihloko enizosifunda ndawonye. Sebenzisa IziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org) ukuthola amavesi ahambisana naleso sihloko.

Dwebani isithombe

Njengomndeni, fundani amavesi ambalwa bese nizinika isikhathi sokuthi amalungu omndeni wakho adwebe okuthile okuhambelana nalokho akufundile. Chithani isikhathi nikhuluma ngalokho enikudwebile.

Yenzeni umdlalo wendaba enifunda ngayo

Emveni kokufunda ngendaba ethile, bameme abomndeni wakho ukuba benze umdlalo. Emveni kwalokho, khulumani ngokuthi ngabe leyo ndaba ihambisana kanjani nalokho enidlula kukho ngabanye futhi ningumneni.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi usebenza ngokukhuthala ukushintsha ikhaya lakho kube ngelokufunda ivangeli, ngokuhamba kwesikhathi izinsuku zenu zeSabatha ngempela ziyoba nenjabulo. Abantwana benu bazojabulela ukuzifunda futhi nokuziphila izimfundiso zoMsindisi, futhi nomthelela wesitha ezimpilweni zenu nasemakhaya enu uzoncipha. Izinguquko ezenzeka emndenini wakho ziyomangalisa futhi kuyoba ezingapheliyo” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” Ensign noma iLiyahona, yangoNovemba 2018,113).

Shicilela