ITestamente eliDala 2022
Ukufundisa Abantwana


“Ukufundisa Abantwana,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ukufundisa Abantwana,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
abazali nomntwana bebuka incwadi

Ukufundisa Abantwana

Uma unabantwana abancane emndenini wakho, nakhu okunye abangakwenza okungabasiza bafunde:

  • Culani. Izihlabelelo namaculo avela kwi Children’s Songbook zifundisa ngendlela enamandla. Sebenzisa inkomba yezihloko etholakala ngemuva kwe Children’s Songbook ukuze uthole amaculo ahambisana nemigomo yevangeli oyifundisayo. Siza abantwana bakho ukuba bahlanganise imiyalezo yamaculo nalokho okwenzeka ezimpilweni zabo. (Bheka futhi isihloko esith “Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli” kulencwadi yokufunda.)

  • Lalelani noma nilingise indaba ethile. Abantwana abancane bayayithanda imidlalo––evela emibhalweni, empilweni yakho, emlandweni womndeni wakho, noma kumaphephabhuku eBandla. Thola izindlela zokuthi babe khona uma kuxoxwa indaba. Bangaphatha izithombe noma izinto ezithile, bangadweba izithombe zalokho abakuzwayo, balingise umdlalo, noma basize ngisho ukulandisa indaba. Siza abantwana bakho ukuba bawabone amaqiniso evangeli ezindabeni ezixoxwayo.

  • Funda umbhalo ongcwele Abantwana abancane bangase bangakwazi ukufunda okuningi, kodwa ungabenza babambe iqhaza ukuze bafunde emibhalweni engcwele. Kungadingeka ukuba ugxile evesini, emushweni osemqoka, noma egameni elilodwa. Izingane zingakwazi ngisho nokubamba ngekhanda imisho emifushane evela emibhalweni engcwele uma ziyiphinda izikhathi ezimbalwa. Ngenkathi bezwa izwi likaNkulunkulu, bazowuzwa uMoya.

  • Bukani isithombe noma nibuke ividiyo. Uma ubonisa izingane zakho isithombe noma ividiyo ehlobene nomgomo wevangeli noma umdlalo wombhalo, zibuze imibuzo ezisiza zifunde kulokho ezikubonayo. Isibonelo, ungabuza ukuthi, “Kwenzekani kulesi sithombe noma kulevidiyo na? Ingabe kukwenza uzizwe kanjani?” -

  • Yakha. Abantwana bangakha, badwebe, noma bafake imibala kulokho okuhambisana nendaba noma imfundiso abafunda ngayo.

  • Mababambe iqhaza ezifundweni zezinto. Isifundo esilula lapho kusetshenziswa khona okuthile singabasiza abantwana bakho baqonde umgomo wevangeli okunzima ukuwuqonda. Uma usebenzisa isifundo lapho kusetshenziswa khona izinto ezithile, thola izindlela zokuthi abantwana babambe iqhaza. Bazofunda okuningi uma nabo kukhona abakwenzayo kunokubuka abanye benza okuthile.

  • Ukulingisa. Uma abantwana belingisa isimo esithile abangase bahlangabezane naso empilweni yangempela, bakwazi kangcono ukuqonda ukuthi ingabe umgomo wevangeli usebenza kanjani ezimpilweni zabo.

  • Phinda okwenziwayo. Abantwana abancane kungadingeka imiqondo ethile bayizwe izikhathi eziningi ukuze bayiqonde. Ungesabi ukuphinda izindaba noma okwenziwayo kaningi. Isibonelo, ungabaxoxela indaba evela emibhalweni engcwele izikhathi eziningana ngezindlela ezahlukene––ngokubafundela imibhalo engcwele, ngokubeka ngokufingqiwe ngawakho amagama, ngokubabonisa ividiyo, ngokubavumela ukuba bakulekelele uxoxe indaba, ngokubamema ukuba balingise umdlalo, njalo njalo.

Shicilela