ITestamente eliDala 2022
Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni


“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni,Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni,Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni

Yenzelwe Bani Lencwadi Yokufunda na?

Lencwadi yokufunda yenzelwe umuntu ngamunye nemindeni kuleliBandla. Yenzelwe ukuba ikusize ufunde ivangeli––uwedwa noma nomndeni wakho. Uma ubungakaze ulifunde njalo ivangeli ngaphambilini, lencwadi ingakusiza ukuthi uqale. Uma ubusuvele unawo umkhuba omuhle wokulifunda ivangeli, lencwadi ingakusiza uzuze kakhulu.

Kufanele Ngiyisebenzise Kanjani Lencwadi na?

Yisebenzise lencwadi ngendlela ezoba wusizo kuwe. Ungayithola ilusizo ukukukhombisa indlela noma usizo ekufundeni imibhalo wedwa noma nomndeni. Ungayisebenzisa futhi ngesikhathi sobusuku bomndeni. Izinhlelo ezikuyo zigcizelela imigomo ebalulekile etholakala eTestamenteni Elidala, zikhombisa amasu okufunda nokungenziwa ngumuntu ngamunye nemindeni, futhi zinezindawo lapho ungabhala khona imizwa yakho.

Lencwadi yokufunda ethiWozani, Ngilandeleni––Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni ayenzelwanga ukuba ithathe indawo noma iqhudelane nezinye izinto ezinhle ozenzayo. Landela ukuqondiswa nguMoya ukuze unqume ukuthi uzosondela kanjani ekufundeni kwakho izwi likaNkulunkulu.

Isithombe
izithandani zifunda imibhalo engcwele ekhaya

Ngabe Lencwadi Ihambisana Kanjani Nalokho Okwenzeka eBandleni na?

Izinhlelo ezikulencwadi zihlelelwe ngendlela yokufunda kwamasonto onke. Izincwadi zokufunda ezinesihloko esithi Wozani, Ngilandeleni ze Primary, ze Sunday School, kanye neze Aronic Priesthood quorums and Young Women zilandela uhlelo olufanayo. Ukusekela imizamo yakho yokufunda nokuliphila ivangeli ekhaya, abakufundisayo ebandleni bazokunika amathuba okuba uxoxe ngolwazi lwakho, ngemicabango nemibuzo yakho ngezindinyana zemibhalo okade uyifunda ekhaya.

Ngenxa yokuthi Isikole seSabatha sifundiswa kabili ngenyanga, abafundisayo iSikole seSabatha kungenzeka bakhethe ukuzeqa noma ukuzihlanganisa izifundo ngenhloso yokugcina ukulandela izinhlelo zamasonto onke. Lokhu kungadingeka futhi (eSikoleni seSabatha kanye naseNhlanganweni yabantwana) emasontweni lapho izinkonzo zangeSonto ezijwayelekile zingabanjwa ngenxa yomhlangano wesikhonkwane noma ngenxa yezinye izizathu. Phakathi nalamasonto uyamenywa ukuba uqhubeke nokuzifundela iTestamente eliDala ekhaya.

Ingabe Kudingekile Yini Ukuba Ngilandele Uhlelo?

Uhlelo luzokusiza ukuthi ufunde okukhethiweyo eTestamenteni eliDala kanye nakwiGugu Lenani Elikhulu unyaka wonke. Ngaphezu kwalokho, ukulandela uhlelo olufanayo njengabanye kungaholela ekutheni uzuze kakhulu kulokho okufundayo ekhaya, ebandleni, nakwezinye izindawo. Kodwa ungazizwa ubophekile ukuba ulandele uhlelo noma uzizwe uphoqelekile ukuba ufunde wonke amavesi, uhlelo lingumhlahlandlela nje ngenhloso yokukulekelela ukuba uziqhube. Okubaluleke kakhulu ukuthi ufunda ivangeli uwedwa futhi ningumndeni.

Okufanele ukuQaphele ngoHlelo Lokufunda lweTestamente eliDala

Uhlelo lokufunda lwencwadi ethi Wozani, Ngilandeleni lwango-2022 alufakile zonke izahluko eTestamenteni eliDala. Ngenxa yokuthi iTestamente eliDala lide kuneminye imiqulu yemibhalo engcwele, ezinye izahluko nezincwadi ziye zakhishwa ukwenza uhlelo lokufunda luphatheke kangcono kuwe nomndeni wakho.

Kukhethwe izahluko nezincwadi ngenhloso yokugwema okungadingeki kanye nokugqamisa amavesi afakaza ngoJesu Kristu, acebile ngemfundiso, futhi asebenza ikakhulukazi kulezi zikhathi zethu. Isibonelo, kuloluhlelo lokufunda azikho izincwadi Ino II IziKronike ngoba okuningi okuqukethwe yilezo zincwadi kuyaziphinda izinto ezitholakala ezincwadini Ino II AmaKhosi. Loluhlelo futhi aluyifakile incwadi isiHlabelelo seziHlabelelo, ngoba umPhrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi akuyona imibhalo eshisekelisiweyo (bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “IsiHlabelelo SeziHlabelelo,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Kodwa-ke, khumbula ukuthi lokhu kuwuhlelo oluyisu nje lokufunda. Ukufunda kwakho imibhalo engcwele kanye nokufunda ningumndeni kufanele kuholwe yisambulo somuntu siqu.

Shicilela