Amasu Okufunda
13. INdlu eNkulu eseNauvoo


13. INdlu eNkulu eseNauvoo

Isithombe
isithombe 13

UJoseph Smith omNcane kanye nomndeni wakhe wathuthela eNdlini eNkulu eseNauvoo ngo Agasti 1843. Kamuva kwanezelwa uhlangothi ngasempumalanga yesakhiwo ukuze kube khona amagumbi angamashumi amabili nambili. Kusukela ngo Januwari 1844, u-Ebenezer Robinson wayeyiphethe lendlu njengehotela, futhi uMprofethi walondoloza amagumbi ayisithupha ukuze kuhlale kuwo umndeni wakhe. Lendlu yasebenza kancane njengendawo yenjabulo yomphakathi waseNauvoo. Izikhulu ezibalulekile zemukelwa lapha nguMprofethi.

Izehlakalo Ezibalulekile: Ngomhlaka 27 Juni ngo 1844, uMphrofethi uJoseph kanye nomfowabo uHyrum badutshulwa futhi babulawa eCarthage, e-Illinois, futhi imizimba yabo yalethwa kulendlu ukuze ilale ikuleso simo ngaphambi komgcwabo. Bangcwatshwe endaweni yamathuna encane yomndeni ngaphesheya komGwaqo omKhulu, entshonalanga nendlu endala yezingodo uJoseph ahlala kuyo ngesikhathi eza okokuqala eNauvoo. U-Emma Smith wahlala eNdlini eNkulu kwaze kwaba ngu 1871. Ngemva kwalokho wathuthela eNdlini yaseNauvoo, lapho afela khona ngo 1879.

Shicilela