Amasu Okufunda
15. IThempeli laseNauvoo


15. IThempeli laseNauvoo

Isithombe
isithombe 15

IThempeli laseNauvoo lasekuqaleni lakhiwa ngohlobo lwamatshe lwasendaweni olunombala ongwevu nokumhlophe oluthi lungashiswa luveze usimende. Isilinganiso salesi sakhiwo sasingamamitha angamashumi amathathu nesishiyagalolunye ubude kanye namamitha angamashumi amabili nesikhombisa ububanzi. Isiqongo sombhoshongo sasimi amamitha angamashumi amane nesishiyagalombili ukusuka phansi. Amalungu eBandla azinikela kakhulu ukuze akhe leli thempeli elihle kangaka, beqala umsebenzi ngo 1841. Abanye basebenza izinyanga lulesi sakhiwo; abanye banikela ngemali yabo. Ngisho lingakaqedwa ngokuphelele, lelithempeli lagcwala kakhulu ngamalungu ayezele izimiso ngesikhathi sezinyanga ezazandulela ukubalekela kwabo eNtshonalanga. Ngesikhathi abaNgcwele abaningi beshiya iNauvoo ngentwasahlobo yasekuqaleni yango 1846 ngenxa yokwesaba udlame loquqaba lwabachwensi, ithimba elithile lasala ukuze liqedele ithempeli. Ngomhlaka 30 Epreli ngo 1846, amaGosa u-Orson Hyde kanye noWilford Woodruff bomGwamanda wabayiShumi namBili kanye nabanye cishe abangamashumi amabili bayinikela eNkosini lendlu. Leli thempeli lashiywa ngenyanga ka Septemba ngesikhathi amalungu eBandla ayesasele exoshwa eNauvoo; uquqaba lwabachwensi lwabe selusingcolisa lesi sakhiwo. Ingaphakathi laso labhujiswa ngomlilo ngenyanga ka Oktoba 1848. Ithempeli eselakhiwe kabusha (elikhonjiswe kulesi sithombe), elingumsebenzi wokwethembeka ofana nowokuqala, lanikelwa nguMongameli uGordon B. Hinckley ngomhlaka 27 kuya kumhlaka 30 Juni ngo 2002.

Izehlakalo Ezibalulekile: Umhlangano omkhulu owabanjelwa egumbini lokuhlanganyela lethempeli ngomhlaka 5 Oktoba ngo 1845. Umsebenzi wezipho zomoya waqala ngomhlaka 10 Disemba ngo 1845, futhi waqhubeka kwaze kwaba ngumhlaka 7 Februwari ngo 1846. Bangaphezulu kwezinkulungwane ezinhlanu namakhulu amahlanu abaNgcwele beziNsuku zokuGcina abathola izipho zabo, futhi kuningi ukubhabhadiswa kwabafileyo kanye nokuboshwa okwenziwa.

Shicilela