Amasu Okufunda
17. UkuMuka kuyiwa eNtshonalanga


17. UkuMuka kuyiwa eNtshonalanga

Isithombe
isithombe 17

Ukuqala kokusuka eNauvoo, e-Illinois, kwahlelelwa uMashi–Epreli, kodwa ngenxa yokwesaba uquqaba lwabachwensi uMongameli uBrigham Young wayalela ukuthi ukumuka kwabaNgcwele bawele uMfula iMississippi makuqale ngomhlaka 4 Februwari ngo 1846. UMongameli uBrigham Young wasala ngemuva ukuze aphe izipho zomoya kwabaNgcwele futhi akazange ahambe eNauvoo kwaze kwaba maphakathi noFebruwari.

Izehlakalo Ezibalulekile: Ngaphambi kokufa kwakhe uMprofethi uJoseph Smith waprofetha wathi: “Abanye benu bazophila baze bahambe futhi bayosiza ekwenzeni izindawo zokuhlala futhi bakhe amadolobha futhi babone abaNgcwele beba ngabantu abanamandla phakathi kweRocky Mountains.” Cishe bayizinkulungwane eziyishumi nambili abaNgcwele abahamba eNauvoo kusuka ngoFebruwari kuya kuSepthemba ngo 1846. Emuva kokuba abaNgcwele bahambe eWinter Quarters kanye nakwezinye izindawo kamuva, bahlelwa baba yizixuku zamashumi, nezamashumi amahlanu, kanye nezamakhulu, isixuku ngasinye siholwa yinduna (Mf&V 136:3). NgoSepthemba wango 1846 uquqaba lwabachwensi olulinganiselwa emakhulwini ayisishiyagalombili amadoda olwaluhlome ngezinganono eziyisithupha lwayihlasela iNauvoo. Emuva kwezinsuku ezimbalwa kuliwa, abaNgcwele ababesele baphoqeleka ukuba bazinikele ukuze basindise izimpilo zabo futhi bathole nethuba lokuba bawele umfula. Amakhulu amahlanu kuya kwayisithupha amadoda, abesifazane, kanye nabantwana bawela umfula futhi bahlala ematendeni onqanqameni lomfula. UMongameli uBrigham Young wathumela amaqembu okusindisa ayephethe izimpahla ukuba azobasusa labaNgcwele ababeneshwa.

Shicilela