Ngo-2016
Izenzo Eziholela Enjabulweni
Januwari 2016


Intsha

Izenzo Eziholela Enjabulweni

UMongameli u-Eyring ufundisa ukuthi “injabulo esiyifunela labo esibathandayo incike ekutheni bona bakhethani.”

Ungafunda ngomthelela ukukhetha kwethu okuba nawo kulezi zibonelo zikaNefi, Lamani, noLemuweli. ULamani noLemuweli babevungama futhi babengafuni ukuyigcina imiyalelo (bheka ku 1 Nefi 2:12.) Ngenxa yalokho, bona nezizukulwane zabo baqalekiswa futhi bahlukaniswa neNkosi (bheka ku 2 Nefi 5:20–24). UNefi wakhetha ukuyihlonipha imiyalelo (bheka ku 1 Nefi 3:7), futhi ngenxa yalokho, yena kanye nabantu bakhe “[baphila] ngendlela yokujabula” (2 Nefi 5:27).

Ungakhetha ukwenza ukulunga futhi ujabule. Kodwa abantu onabo mhlawumbe basazokukhetha ukwenza okubana okuzobaholela osizini noma ebuhlungwini. Nakuba lezo zinqumo kungezabo, isibonelo sakho singenza ukuthi nabo bakhethe ukwenza okuhle. Kungenzeka kanjani ukuthi lokho okukhethayo kulethe injabulo kwabanye na? Ake ubonisane nabomndeni wakho ngezindlela ezahlukene ongabafundisa ngazo labo onabo futhi ubasize bezwe injabulo.

Shicilela