Ngo-2016
Umndeni: Isimemezelo Somhlaba Wonke
Januwari 2016


Umyalezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, uJanuari 2016

Umndeni: Isimemezelo Somhlaba Wonke

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ukuthi yikuphi ongakhuluma ngakho. Ukuqonda kwakho imfudiso ngomndeni kungababusisa kanjani labo obabhekile ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Usizo

Emhlanganweni omkhulu weNhlangano yokuSiza yabesiFazane owawungonyaka ka1995, ngesikhathi uMongameli uGordon B. Hinckely (1910–2008) efunda okokuqala “Umndeni: IsiMemezelo SoMhlaba Wonke,” uBonnie L. Oscarson, umongameli wamaNtombazane emhlabeni wonke, wathi: “Sagcwala ukubonga futhi sakuthanda kakhulu ukucaca, ubulula, kanye neqiniso lalombhalo owembulwayo. … Lesi simemezelo ngomndeni sesiyisona silinganiso sethu esisisebenzisayo uma sibuka izimfundiso zomhlaba, futhi ngiyafakaza ukuthi lemigomo ebekwe lapha … iyiqiniso namhlanje njengoba yayinjalo nangesikhathi umphrofethi kaNkulunkulu esinika yona cishe eminyakeni engamashumi amabili eyadlula.”1

“Kulesi simemezelo somndeni,” kunezela uCarol M. Stephens, umeluleki wokuqala kubumongameli beNhlangano yokuSiza yabesiFazane yomhlaba wonke, “sifunda ukuthi, ‘embusweni owandulela impilo yasemhlabeni, amadodana namadodakazi omoya ayemazi futhi emkhonza uNkulunkulu njengo Yise waPhakade’2

“… Sonke ngabanye singabomndeni kaNkulunkulu futhi siyadingeka kuwo.”3

Siphila esikhathini lapho abazali kufanele bavikele amakhaya nemindeni yabo. “Umndeni: IsiMemezelo soMhlaba Wonke” singasihola.

Eminye imiBhalo eNgcwele

Mosiya 8:16–17; IMfundiso neziVumelwano 1:38

Izindaba Zabantu Abaphilayo

“ULee Mei Chen Ho weWadi yesiThathu yase Tao Yuan, kwisiKhonkwane saseTao Yuan eTaiwan, wathi lesi simemezelo sesimfundise ukuthi ubudlelwano bomndeni busiza ekutheni kukhule isimilo sasezulwini njengo kholo, ukubekezela, kanye nothando. ‘Ngesikhathi ngizama ukwenza kangcono ngokulandela isimemezelo, ngiyayizwa injabulo yangempela,’ kusho yena.”4

UBarbara Thompson, owayekhona ngesikhathi kufundwa isimemezelo okokuqala futhi okwathi kamuva wasebenza njengomeluleki wokuqala kubumongameli beNhlangano yoSizo yabesiFazane yomhlaba wonke, wathi: “Okwesikhashana ngake ngacabanga ukuthi [isimemezelo ngomndeni] sasingangithinti mina ngoba ngangingashadile futhi ngingenabo abantwana. Kodwa masinyane engqondweni yami ngathi, ‘Kodwa siyangithinta nami. Ngiyilunga lomndeni. Ngiyindodakazi, ngingudade, ngingu-anti, ngingumzala, ngingumshana, futhi ngingumzukulu. … Ngisho noma kwakuyimi kuphela ilunga lomndeni wami eliphilayo, ngiseyilunga lomndeni kaNkulunkulu.’”5

Okufanele kukhunjulwe

  1. UBonnie L. Oscarson, “Defenders of the Family Proclamation,” Liyahona, Meyi 2015, 14–15.

  2. “Umndeni: IsiMemezelo soMhlaba Wonke,” Liyahona, Novemba 2010, 129.

  3. UCarol M. Stephens, “The Family Is of God,” Liyahona, Meyi 2015, 11.

  4. UNicole Seymour, “‘The Family: A Proclamation to the World’ reaches 10-Year Milestone Liyahona,Novemba 2005, 127.

  5. UBarbara Thompson, Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 148.

Cabanga Ngalokhu

Kwenzeka kanjani ukuthi “Umndeni: IsiMemezelo soMhlaba Wonke” kube ngumbhalo wesikhathi esiphila kuso na?

Shicilela