Ngo-2016
INjabulo yaLabo esibaThandayo
Januwari 2016


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, uJanuwari 2016

INjabulo yaLabo esibaThandayo

Sonke sibafisela injabulo labo esibathandayo, futhi asithandi bezwe ubuhlungu ngisho bungabuncane kangakanani. Uma sifunda ngezindaba zenjabulo––nezobuhlungu ngokunjalo––eNcwadini kaMomoni, izinhliziyo zethu ziyathinteka uma sicabanga labo bethu esibathandayo. Nansi indaba eyiqiniso yesikhathi senjabulo:

“Futhi kwenzeka ukuthi kwakungekho mbango ezweni, ngenxa yothando lukaNkulunkulu olwalukhona ezinhliziyweni zabantu.

Futhi kwakungekho mona, nazingxabano, naziphithiphithi, nabufebe, nankohliso, nakubulala, nanhloboni yenkanuko; futhi ngempela akusoze kuze kube khona abantu abathokoze kangaka phakathi kwabo bonke abantu abadalwa yisandla sikaNkulunkulu.”

Emva kwalokho sifunda lokhu:

Futhi babebusiseke kangakanani! Ngokuba iNkosi yababusisa kukho konke ukwenza kwabo; yebo, babusiswa futhi baphumeleliswa kwaze kwaba ngisho ikhulu neshumi leminyaka seledlule; futhi nesizukulwane sokuqala kusukela kuKristu sase sedlule, futhi kwakungekho mbango kulo lonke izwe.” (4 Nefi 1:15–16, 18).

Abafundi baKristu abanothando bayasikhulekela futhi basisebenzele isibusiso esinjena ukuze kusizakale abanye nabo ngokunjalo. Siyazi ukuthi isipho senjabulo singatholakala ngenxa yezindaba eziseNcwadini kaMormoni ngokunjalo nangenxa yalokho esikwaziyo ezimpilweni zethu. Siyazi ukuthi indlela eya enjabulweni ilotshwe ngokucacile. Siyazi futhi ukuthi ukugcina isimo senjabulo sikhona njalo akulula ngaphandle uma “uthando lukaNkulunkulu” lusezinhliziyweni zethu, njengoba kwakunjalo kumaNefi emva kokuba behanjelwe nguKristu.

Lolo thando lwalusezinhliziyweni zamaNefi ngenxa yokuthi babewugcina umthetho owawenza ukuthi lube khona. Isifinyezo salowo mthetho siyatholakala emkhulekweni wesidlo seNkosi, oqala ngokunxusa okuvela enhliziyweni kuBaba wethu oseZulwini osithandayo. Sikhuleka ngenhliziyo egcwele ukholo kuMsindisi wethu, futhi sigcwele uthando lwakhe olujulileyo. Siyazinikela ngeqiniso ukuba sibizwe ngegama Lakhe, ukuba simkhumbule, nokuthi sigcine yonke imiyalelo Yakhe. Okokugcina, siba nokholo kuMoya oNgcwele, oyilunga lesithathu loMgwamanda waseZulwini, ukuthi uhlale nathi njalo, ufakaza ezinhliziyweni zethu ngoBaba nangeNdodana Yakhe eThandekayo. (Bheka iMf&V 20:77, 79)

Uma sihlezi sinoMoya oNgcwele, izinhliziyo zethu zingaguquka silufune futhi silwamukele uthando lukaBaba wethu oseZulwini nolweNkosi uJesu Kristu. Indlela yokuluthola uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu ilula, njengoba kunjalo futhi ngokulahlekelwa yilolo thando ezinhliziyweni zethu. Isibonelo, kukhona ongakhetha ukungakhuleki njalo kuBaba oseZulwini noma ukungakukhokhi okweshumi noma ukungazitiki ngezwi likaNkulunkulu noma ukungabanaki abampofu nabasweleyo.

Uma sikhetha ukungayigcini imiyalelo yeNkosi kungadala ukuthi uMoya usuke ezinhliziyweni zethu. Uma kuba njalo-ke, nenjabulo nayo iyaphela.

Injabulo esiyifunela labo esibathandayo incike ekutheni bona bakhethani. Nakuba simthanda kangakanani umntwana, isivakashi, noma abangani bethu, ngeke sabaphoqa ukuthi bayigcine imiyalelo ukuze bafanelwe wukuthola uMoya oNgcwele ozothinta nozoguqula izinhliziyo zabo.

Ngakho-ke usizo oluhle kakhulu esingabanika lona yinoma yini engabaholela ekutheni baqaphele lokho abakukhethayo. U-Alima wakwenza lokho ngesimemo nawe ongasenza:

“Nizithobe phambi kweNkosi, futhi nibize igama layo elingcwele, niqaphele futhi nithandaze njalonjalo, ukuze ningalingwa ngaphezulu kwalokho eningakubekezelela, futhi ngaleyondlela niholwe nguMoya Oyingcwele, nizithobe, nizehlise, nivume, nibekezele, nigcwale uthando kanye nakho konke ukuba nenhliziyo ende;

Ninokholo eNkosini; ninethemba lokuthi niyozuza ukuphila okuphakade; ninothando lukaNkulunkulu njalo ezinhliziyweni zenu, ukuze niphakanyiswe ngosuku lokugcina futhi ningene ekuphumuleni kwakhe.” (Alima 13:28–29).

Ngiyathandaza ukuthi labo enibathandayo bangasamukela isimemo sokuthi bakhethe indlela eya enjabulweni engapheliyo.

IMfundiso Evela kuloMyalezo

UMongameli u-Eyring ufundisa ukuthi injabulo esiyizwayo empilweni incike ezinqumweni esizithathayo. Ngesikhathi ukhuluma ngalomyalezo, wocabanga ngokugxila kulezo zinto uMongameli u-Eyring athi singakhetha ukuzenza ezingasiholela kuleyo ndlela eya enjabulweni (njengoku khuleka, ukusebenza, ukuba nokholo, nokuzinikela ngeqiniso). Ungamema labo obafundisayo ukuthi babhale phansi okubili noma okuthathu abangathanda ukukwenza okungabaholela kuleyo “ndlela eya enjabulweni engapheliyo.”

Shicilela