Ngo-2016
Imindeni Ingeyaphakade
Agasti 2016


Abantwana

Imindeni Ingeyaphakade

Ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu nokubuyiselwa kwezikhiye zobupristi, sesingakwazi ukuhlala nemindeni yethu ingunaphakade. Yikuphi okuthandayo ngomndeni wakho? Ake wenze lokhu okulandelayo ukukhombisa ukuthokozela umndeni wakho.

  1. Goqa iphepha kabili ngendlela yokuthi ube nomucu owodwa omude.

  2. Dweba umfanekiso womuntu izandla zakhe ezifika lapho kugoqwe khona iphepha.

  3. Sika umucu onomfanekiso womuntu. Ungazisiki izandla zakhe ezithinta lapho kugoqwe khona iphepha.

  4. Lisombulule iphepha Bhala noma udwebe okuthile okuthandayo ngelunga lomndeni wakho ngalinye.

  5. Uma unomndeni omkhulu hlanganisa yonke imicu ndawonye!

Shicilela