Ngo-2016
Ukukhulisa Imindeni Ndawonye
Agasti 2016


Umyalezo wokufundiswa Ngokuvakashelana, u-Agasti 2016

Ukukhulisa Imindeni Ndawonye

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ukuthi yikuphi ongafundisa ngakho. Lungakhula kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu ngenxa yolwazi lwakho ngo “Mndeni: IsiMemezelo eMhlabeni Wonke” futhi kukusize ukuthi ubusise labo okufanele ubabheke ngokubafundisa ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Usizo

“Indoda nomfazi kufanele bathandane futhi banakekelane futhi banakekele nabantwana babo.”1”Ikhaya yilapho kufanele kube yindlu kaNkulunkulu yokwenza imisebenzi yothando nokusizana,” kwasho uMongameli uRussell M. Nelson, uMongameli wabaPhostoli abayiShumi naMbili.

“UBaba wethu oseZulwini ufuna amadoda nabafazi bathembeke omunye komunye futhi nokuthi babazise abantwana babo babaphathe njengefa elivela eNkosini.”2

ENcwadini kaMormoni, uJakobe wathi okwakwenza amaLamani alunge kakhulu kunamaNefi ngesinye isikhathi yingoba amadoda ayebathanda abafazi bawo, ngokunjalo nabafazi bawo babewathanda amadoda abo, futhi amadoda nabafazi babebathanda abantwana babo (bheka kuJakobe 3:7).

Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokwenza kube khona uthando nokuzwana emakhaya ethu wukufunda ukukhuluma kahle namalunga emindeni yethu. Ukukhuluma kahle kuletha uMoya oNgcwele. ULinda K. Burton, uMongameli Jikelele weNhlangano Yabesimame yokuSiza, wasicela ukuthi sicabange ngokuthi: “Sijwayele kangakanani ukukhuluma amagama amahle omunye komunye?”3

Eminye imiBhalo eNgcwele

KwabaseRoma 12:10; Mosiya 4:15; IMfundiso neziVumelwano 25:5

Izindaba Zabantu Abaphilayo

IGosa uD. Todd Christofferson woMgwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili wake wakhuluma ngokwake kwenzeka empilweni yakhe esemncane okwenza kugxile kuye ukubaluleka komndeni othandekayo. Ngesikhathi yena nabafowabo besengabafanyana, unina kwakudingeka ayohlinzwa ngenxa yomdlavuza okwakwenza ezwe ubuhlungu uma ayesebenzisa ingalo yakhe yangakwesokudla. Ngenxa yokuthi wayenabantwana babafana, kwakudingeka enze umsebenzi woku-ayina omningi, kodwa kwakuthi uma ewenza lowo msebenzi, wayevama ukuma kancane ayokhala ekamelweni lakhe buze behle ubuhlungu.

Kwathi uma ubaba ka Christofferson ekubona lokho, wanquma ukungadli ngezikhathi zamadina kungazi muntu kwacishe kwaphela unyaka ukuze akwazi ukubeka imali eyanele ukuthenga umshini owawuzokwenza umsebenzi woku-ayina ube lula. Waba yisibonelo kubafana bakhe sokukhulisa umndeni, ngenxa yothando ayenalo lomkakhe. Ngalesi senzo esinobumnene, iGosa uChristofferson wathi,“ Ngangingazi ngokuzinikela kukababa ngenxa yokumthanda umama ngaleso sikhathi, kodwa ngenxa yokuthi sengiyazi manje, sengithi, ‘Nansiya indoda.’”4

IMITHOMBO OKUTHATHWE KUYO LEMFUNDISO

  1. “UMndeni: IsiMemezelo soMhlaba Wonke,” Liahona, Nov. 2010, 129.

  2. Russell M. Nelson, “Salvation and Exaltation,” Liahona, May 2008, 8.

  3. Linda K. Burton, “We’ll Ascend Together,”Liahona, May 2015, 31.

  4. D. Todd Christofferson, “Let Us Be Men,” Liahona, Nov. 2006, 46.

Cabanga Ngalokhu

Kumletha kanjani uMoya oNgcwele emakhaya ethu uma sithandana futhi sinakekelana na?

Shicilela