Ngo-2016
Ukwabelana Ngenjabulo Yaphakade
Agasti 2016


Intsha

Ukwabelana Ngenjabulo Yaphakade

Enye yezinto ezinhle kakhulu ngevangeli wulwazi ngesu lensindiso. Sinethuba elihle kakhulu lokuhlala nemindeni yethu ingunaphakade. Ukwazi lokho kuyasisiza sihlale sinethemba njalo uma kukhona okusiqeda amandla empilweni. UMongameli u-Eyring usifundisa ukuthi “UBaba wethu oseZulwini osithandayo uyazazi izinhliziyo zethu. Inhloso Yakhe wukusipha injabulo (bheka ku2 Nefi 2:25). Ngakho-ke usiphe isipho seNdodana Yakhe ukuze sizuze injabulo yobudlelwane bomndeni obuyohlezi bukhona njalo. … Lesi yisipho bonke abantwana baNkulunkulu abeza emhlabeni abangazifunela sona,”

Isibusiso esinjengalesi sithinta thina esisaphila nalabo asebahamba––kodwa bona basizakala ngosizo lwethu kuphela. Okhokho bethu njengamanje basezweni lemimoya, balindele thina ukuthi silungise amagama abo ukuze benzelwe izimiso zethempeli. Kodwa-ke kwesinye isikhathi kunganzima ukubenzela lowo msebenzi. Kungenzeka sizithole siphethwe yimisebenzi kakhulu, noma sihlale kude kakhulu nethempeli okwenza singakwazi ukuya kulo njalo.

Ngenhlanhla-ke, zikhona ezinye izindlela esingabasiza ngazo okhokho bethu, njengokubenzela umsebenzi oqondene nomlando womndeni, ukwenza umsebenzi kwi-Intanethi, noma ukuhlala nabantwana babazali bethu ngesikhathi besaye ethempelini. Ngokubanika lolo sizo, sisebenzela iNkosifuthinabo sibanika ithemba ngemindeni yaphakade.

Shicilela