Ngo-2016
Ithemba Lothando Lwaphakade Lomndeni
Agasti 2016


UMyalezo wobuMongameli bokuQala, u-Agasti 2016

Ithemba Lothando Lwaphakade Lomndeni

Isipho sokuphila okuphakade sikhulu kunazo zonke izipho uBaba wethu oseZulwini azibekele abantwana Bakhe (bheka iMf&V 14:7). Leso sipho singukuhlala lapho kukhona khona uNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe eThandekayo nemindeni yethu ingunaphakade. Impilo yomndeni nobudlelwane bothando izohlala ikhona kuphela embusweni kaNkulunkulu wokuqala ophakeme kakhulu wesilestiyali.

Sonke sinethemba lokuzwa injabulo yokuphila nomndeni onothando. Kwabanye bethu lokhu kuyinto esingakayizwa––into esaziyo ukuthi ikhona kodwa thina esingakayizuzi. Kungenzeka ukuthi sesike sakubona lokhu ezimpilweni zabanye. Kwabanye bethu, uthando lomndeni kube sengathi luyinto ekhona ngempela futhi neyigugu ngesikhathi ukufa kusehlukanisa nomntwana, umama, ubaba, umfowethu, udadewethu, noma umkhulu esimthandayo.

Sonke sesike saba nethemba lokuthi ngelinye ilanga siyophinde siluzwe futhi uthando olufudumele lwalelo lunga lomndeni eselisishiyile nesasilithanda kakhulu futhi esesifisa kakhulu manje ukuthi siphinde silisingathe futhi.

UBaba wethu oseZulwini osithandayo uyazazi izinhliziyo zethu. Inhloso Yakhe wukusipha injabulo (bheka ku2 Nefi 2:25). Ngakho-ke usiphe isipho seNdodana Yakhe ukuze sizuze injabulo yobudlelwane bomndeni obuyohlezi bukhona njalo. Ngenxa yokuthi uMsindisi uziphulile izibopho zokufa, sonke sizovuka ekufeni. Ngenxa yokuthi wahlawulela izono zethu, ngokholo lwethu nangokuphenduka kwethu, singafaneleka ukuzuza umbuso wesilestiyali, lapho imindeni ihleli ndawonye ngothando ingunaphakade.

UMsindisi wathumela u-Eliya uMphrofethi ukuthi azobuyisela izikhiye zobuphristi (bheka iMf&V 110). Kwabe sekutholakala amandla okubopha ngenxa yalezo zikhiye, ngalawo mandla abantwana Bakhe asebenikwa isipho esikhulu kunazo zonke zikaNkulunkulu–––ukuphila kwaphakade emindenini ehleli ndawonye njalo.

Lesi yisipho bonke abantwana baNkulunkulu abeza emhlabeni abangazifunela sona. Uquqaba lwabantwana Bakhe bomoya lwasenqaba lesi sipho Sakhe ezweni lemimoya. Ngenxa yokungabi nalo ukholo olwanele nokwalandelwa wukuhlubuka, bakhetha ukuthi bangayazi nanini injabulo yesipho sikaBaba oseZulwini semindeni yaphakade.

Kulabo bethu abadlula ngempumelelo kulesi simo esibucayi sokuvivinywa ezweni lemimoya ngaphambi kwempilo yasemhlabeni okwathi ngokwenze njalo safanelwa ukuthola isipho semizimba efayo, sisenethuba elihle kakhulu lokukhetha ukuphila okuphakade. Uma sibusiswa ngokuthi si lithole ivangeli eselibuyiselwe, sise ngakhetha ukuthi senze futhi si zigcine izivumelwano noNkulunkulu okuzosenza sifanelwe wukuphila okuphakade. Uma sibekezela ngokuhlala njalo sithembeka, uMoya oyiNgcwele uzoliqinisa ithemba esinalo lokuthi sisendleleni eya ekuphileni okuphakade, lapho siyohlala khona nemindeni njalo embusweni wesilestiyali.

Kwabanye, leyo njabulo yaphakade kungaba sengathi yithemba eliphelayo. Kungenzeka ukuthi kukhona abazali, abantwana, abafowethu nodadewethu abakhethe ukwenza izinto ezibenza bangafanelwa wukuphila okuphakade. Usengazibuza ngisho nokuthi kazi wena ufanelwe yini ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

Ngelinye ilanga umphrofethi kaNkulunkulu wake wangipha incazelo eyanginika ukuthula. Ngangikhathazwe wukuthi izenzo zabanye zingavimba ukuthi umndeni wami ukwazi ukuba ndawonye kwelizayo. Wathi, “Ukhathazwa yinkinga okungafanele ikukhathaze. Wena kuphela phila ngendlela ezokwenza ufanelwe wumbuso wesilestiyali, ukuhlelwa kwemindeni kuyokumangaza ngendlela ongakaze uyicabange.”

Kubo bonke labo abanezinto ezimpilweni zabo noma abanemishado nabantwana––nabangenakho lokho––okwenza balahlekelwe yithemba, ngicela ukubanika nabu ubufakazi bami: UBaba oseZulwini uyakwazi futhi uyakuthanda njengomntwana Wakhe womoya. Ngesikhathi use Naye neNdodana Yakhe eThandekayo ngaphambi kwalempilo, babeka enhliziyweni yakho lelothemba onalo lokuphila okuphakade. Ngamandla eNhlawulo kaJesu Kristu asebenzayo futhi nangoMoya oyiNgcwele okuholayo, ungaluzwa manje futhi nasezweni elizayo uzoluzwa uthando lomndeni uYihlo neNdodana Yakhe eThandekayo abafisa uluzuze.

Ngiyafakaza ukuthi uma uphila ngendlela ezokwenza ufanelwe wumbuso wesilestiyali, isethembiso somphrofethi sokuthi “ukuhlelwa kwemindeni kuyokumangaza ngendlela ongakaze uyicabange” siyofezeka kuwe.

Imfundiso evela kuloMyalezo

Ake ucabange ngokuqala ngokutshela labo obafundisayo ngesikhathi lapho wawugcwele khona ukubonga ngethemba onalo lemindeni yaphakade. Bameme ukuthi nabo bazindle ngalezo zikhathi mhla begcwele ukubonga ngemindeni yaphakade. Babuze ukuthi bangathanda yini ukukhuluma ngalokho Emva kwalokho ungabe usubamema ukuthi bacabange ngezindlela abangenza kangcono ngazo ukuthi baphile ngendlela engabenza bafanelwe wumbuso wesilestiyali ukuze isethembiso somphrofethi sokuthi “ukuhlelwa kwemindeni kuyokumangaza ngendlela ongakaze uyicabange” sifezeke kubo.

Shicilela