Ngo-2016
UkuGcina ImiYalelo nokuThanda ABanye
Septhemba 2016


Intsha

UkuGcina ImiYalelo nokuThanda ABanye

Uma sicabanga ngothando, into yokuqala evame ukufika ezingqondweni zethu yilokho esikubona emabhayisikobho ngothando, ushokolethi kanye nezimbali. Kodwa uthando—uthando lweqiniso—lujule kakhulu kunalezo zinto. UJesu Kristu waphilela thina futhi wasifela ngenxa yokusithanda. Empeleni, imiyalelo emibili emikhulu wukuthanda uNkulunkulu nokuthanda bonke abanye (bheka ku Mathewu 22:36–40). Singabakhombisa kanjani abanye ukuthi siyabathanda na?

UMongameli u-Uchtdorf ukhuluma ngomfanekiso kaKristu wamadodana amabili, eyodwa emsebenzelayo uyise nenye engakwenzi lokho. UMsindisi ucacisa ukuthi indodana emthanda ngempela uyise yileyo emhloniphayo. Ngokufanayo-ke, uma nathi sihlonipha imiyalelo kaNkulunkulu, siyamkhombisa ukuthi siyamthanda futhi sifuna ukubuyela Kuye.

Abanye-ke bona sibakhombisa kanjani ukuthi siyabathanda na? UMongameli u-Uchtdorf uyakucacisa nalokho uthi: “Uma sibathanda ngempela abantu esiphila nabo, silula izandla zethu ukusiza ‘abampofu nabantulayo, abagulayo nabasosizini.’ Ngokuba labo abenza lezi zenzo zokuzidela zozwelo nokusiza abanye, yibo kanye abangabafundi baJesu Kristu.”

Ngakho-ke ngokuzayo uma ubona umzali wakho, ozalwa naye endlini, noma umngani wakho, cabanga ngokuthi ungabenzelani ukubakhombisa ukuthi uyabathanda. Lokho akuzukujabulisa nina kuphela, kodwa kuzomjabulisa noYihlo oseZulwini.

Shicilela