Ngo-2016
Yini elandelayo emva kothando?
Septhemba 2016


UMyalezo wobuMongameli bokuQala, uSeptemba 2016

Yini elandelayo emva kothando?

Umphrofethi wethu esimthandayo, uMongameli uThomas S. Monson, usifundise ukuthi “uthando liwumsuka wevangeli”1

Uthando lubaluleke kangangoba uJesu walubiza ngo “myalelo omkhulu nowokuqala” futhi wathi noma yiluphi olunye uhlamvana lomthetho namazwi abaphrofethi kubambelele kulowo myalelo.2

Uthando luyisizathu esisemqoka nakho konke esikwenzayo kuleliBandla. Zonke izinhlelo, yonke imihlangano, nakho konke esikwenzayo njengabafundi bakaJesu Kristu kufanele kusuke othandweni—ngoba ngaphandle kwesihe, “uthando olumsulwa lukaKristu,” asilutho.3

Uma sesikuqonda kahle lokhu, uma sesikushilo ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nabantu esiphila nabo—yini-ke elandelayo?

Ngabe kwanele yini ukuba nozwelo nokubathanda abanye na? Ngabe kuyasifeza yini isibopho sethu kuNkulunkulu ukusho ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nomakhelwane wethu na?

UmFanekiso WamaDodana AmaBili

Ethempelini eliseJerusalema, abaphristi abakhulu namagosa amaJuda eza kuJesu efuna ukuzomhila ngamazwi Akhe. Kodwa uMsindisi waguqula amatafula ngokubatshela indaba.

Wathi, “Indoda ethile yayinamadodana amabili.” Yaya kweyokuqala yayicela ukuthi iyosebenza esivinini. Kodwa indodana yenqaba. Kamuva leyondodana “yaguquka, yaya.”

Indoda yabe isiya kweyesibili indodana yayicela nayo ukuthi iyosebenza esivinini. Eyesibili indodana yamethembisa uyise ukuthi yayizoya, kodwa ayiyanga.

UMsindisi wabe esethi kubaphristi namagosa, “Iyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?”

Kwakufanele bavume ukuthi kwakungeyokuqala—leyo eyenqaba kodwa kamuva yaphenduka yaya kosebenza esivinini.4

UMsindisi wasebenzisa lendaba ukugcizelela umgomo obalulekile—yilabo abahlonipha imiyalelo abamthanda ngempela uNkulunkulu.

Mhlawumbe yingakho uJesu abacela abantu ukuthi bakulalele futhi bakugcine okwakushiwo abaFarisi nababhali kodwa bangenzi njengabo.5 Labafundisi babengenzi njengokukhuluma kwabo. Babethanda ukukhuluma ngenkolo, kepha okudabukisayo wukuthi babelahlekelwe wubunjalo bayo.

Izenzo nokuSindiswa Kwethu

Kwesinye sezifundo zokugcina zikaMsindisi kubafundi Bakhe, wakhuluma kubo ngokwaHlulelwa kokugcina. Ababi nabalungileyo bayokwahlukaniswa. Abalungileyo bayozuza ukuphila okuphakade njengefa; ababi bayoyiswa esijezisweni saphakade.

Ngabe kwakuyimuphi umehluko phakathi kwalamaqembu amabili na?

Labo abakhombisa uthando lwabo ngezenzo basindiswa. Labo abangakwenzanga lokhu batholwa benecala.6 Ukuguqukela evangelini likaJesu Kristu ngempela kuzobonakala ngezenzo zethu ezimpilweni zethu zansuku zonke.

Ekugcineni, ukusho nje ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nalabo esiphila nabo ngeke kwasenza sifanelwe wukuphakanyiswa. Ngokuba, njengoba uJesu asifundisa, “akusibo bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi, abayongena embusweni wezulu; kepha kuphela lowo owenza intando kaBaba osezulwini.”7

Ngabe Yini Elandelayo Emva Kothando?

Impendulo embuzweni othi “Ngabe yini elandelayo emva kothando?” ilula futhi iqondile. Uma simthanda ngempela uMsindisi, sisondeza izinhliziyo zethu Kuye bese emva kwalokho sihamba endleleni yobufundi. Uma simthanda uNkulunkulu, sizama ukuyigcina imiyalelo Yakhe.8

Uma sibathanda ngempela abantu esiphila nabo, silula izandla zethu ukusiza “abampofu nabantulayo, abagulayo nabasosizini.”9 Ngokuba labo abenza lezi zenzo zokuzidela zozwelo nokusiza abanye,10 yibo kanye abangabafundi baJesu Kristu.

Yikho-ke lokhu okulandela uthando.

Yikho-ke lokhu okuyivangeli likaJesu Kristu.

IMfundiso evela kuloMyalezo

UMongameli u-Uchtdorf uthi abafundi bangempela baJesu Kristu yilabo abakhombisa ukumthanda ngezenzo zabo. Usifundisa ukuthi “uma simthanda ngempela uMsindisi, sisondeza izinhliziyo zethu Kuye bese emva kwalokho sihamba endleleni yobufundi.” Ake ucabange ngokubabuza labo obafundisayo ukuthi uthando lubakhuthaza ukuthi benzeni ukuze bahambe endleleni yobufundi. Ungabatshela ngalokho nawe osukwenzile nosukubonile empilweni yakho. Cabanga ngokubacela ukuthi bakhulekele isihe namandla okwenza izenzo zothando.

Shicilela