Ngo-2016
Ukuba Ngumzali Kungumsebenzi Ongcwele
Septhemba 2016


IsiFundo sokuFundiswa ngokuVakashelana, uSeptemba 2016

Ukuba Ngumzali Kungumsebenzi Ongcwele

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukuqonda “Umndeni: Isimemezelo soMhlaba Wonke” kungalukhulisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu futhi kubusise labo obaqaphile ngokubafundisa ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku reliefsociety.lds.org.

Isithombe
Isiqubulo Senhlangano YokuSiza YabesiFazane

Ukholo, Umndeni, Usizo

UBaba wethu oseZulwini wenza imindeni ngenhloso yokusisiza ukuthi sifundise imigomo elungile lapho kukhona khona uthando. UMongameli uThomas S. Monson wathi “Yihalalisele futhi uyigone ingane yakho; uvame ukuthi ‘ngiyakuthanda’; khombisa njalo ukubonga. Ungayivumeli inkinga okufanele ixazululwe kube yiyo ebalulekile kunomuntu okufanelwe akhonjiswe uthando.”1

USusan W. Tanner, owayenguMongameli wamaNtombazane eBandleni lonke, wasifundisa wathi: “UBaba wethu oseZulwini usikhombisa isibonelo okufanele sisilandele. Uyasithanda, uyasifundisa, uyasibekezelela, futhi ubeke kithi ilungelo lokuzikhethela. … Kwesinye isikhathi siyadideka phakathi kokujwayeza umthetho, nokusola. Ukujwayeza umthetho kusho ‘ukufundisa’. Abantwana––ngokunjalo nabadala––baziphatha kangcono uma bekhuthazwa futhi bekhonjiswa uthando kunokusolwa.”2

Uma ngokuthembeka sihlezi sithandaza ndawonye njengomndeni, sifunda imibhalo engcwele, sihlangana njalo ngobusuku bomndeni, futhi sigcina usuku lweSabatha, ‘kusho iGosa uQuentin L. Cook woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi-naMbili,’ abantwana bethu bayohlezi bekulungele ukuya ekhaya laphakade elisezulwini, noma ngabe behlelwa yini kulomhlaba ogcwele ubunzima.”3

Eminye imiBhalo eNgcwele Eyengeziwe

1 Nefi 8:37; 3 Nefi 22:13; IMfundiso neziVumelwano 93:40; 121:41

Izindaba Zabantu Abaphilayo

“Ngangifunda iphephandaba ngesikhathi omunye wabazukulu bami ekotela kimi,” kusho iGosa uRobert D. Hales woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi-naMbili. “Ngesikhathi ngisafunda, ngajabula kakhulu ukuzwa izwi lakhe elimnandi liqeketha ngemuva. Cabanga nje ukuthi ngethuka kanjani ngesikhathi ngimbona esephisheleka phakathi kwami nephepha. Ethatha ubuso bami ngezandla zakhe ecindezela nekhala lakhe kwelami, wabuza wathi, ‘Mkhulu! Uphakathi lapho yini?’

“Ukuba lapho kusho ukuziqonda izinhliziyo zabantwana bethu futhi kusho nokuxhumana nabo. Futhi ukuxhumana nabo akusho nje ukuxoxa nabo kodwa kusho futhi nokwenza izinto nabo. …

“Kufanele siwahlelele futhi siwasebenzise amathuba okufundisa. …

“… Uma ngiqhubeka nokuphila, ngiya ngokubona ukuthi izikhathi engafunda ngazo ebusheni bami, ikakhulu lezo mhla ngifundiswa ngabazali bami, zingenze ngaba yilokhu engiyikho namhlanje.”4

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Thomas S. Monson, “Love at Home—Counsel from Our Prophet,” Liyahona, ngo-Agasti 2011, 4.

  2. Susan W. Tanner, “Did I Tell You … ?” Liyahona, Meyi 2003, 74.

  3. Quentin L. Cook, “The Lord Is My Light,”Liyahona, Meyi 2015, 64.

  4. Robert D. Hales, “Our Duty to God: The Mission of Parents and Leaders to the Rising Generation,” Liyahona, ngo-Meyi 2010, 96, 95.

Ake Ucabange Ngalokhu

Kungani ungalifudisa kangcono ivangeli ngesibomelo sothando?

Shicilela