Ngo-2016
UkuKhombisa uThando
Septhemba 2016


Abantwana

UkuKhombisa uThando

UJesu wakhuluma ngendaba kababa namadodana akhe amabili. Ubaba wayesebenza esivinini futhi wacela amadodana akhe amabili ukuthi amsize. Eyokuqala yenqaba kodwa kamuva yeza yazolekelela esivinini. Eyesibili yathi izomsiza nayo kodwa ayizange. UJesu wafundisa ukuthi indodana yokuqala yakhombisa ukumthanda uyise ngokumhlonipha.

Yenze umdlalo lendaba! Emva kwalokho bese ubhala noma udwebe izinto ezintathu ongazenza ukukhombisa ukumthanda uBaba oseZulwini.

Shicilela