Ngo-2017
Ukumoyizela Kungenza Umehluko
Januwari 2017


Intsha

Ukumoyizela Kungenza Umehluko

UMongameli Uchtdorf ukhombisa izinjongo ezimbili ekumele sibe nazo ekwenzeni izinto zethu: thanda uNkulunkulu futhi uthande omunye umuntu. Kepha ngesinye isikhathi akulula ngaleyo ndlela ukuthanda omunye umuntu. Empilweni yakho yonke, kungaba khona izikhathi lapho kubanzima ukuthi uphilisane nabanye abantu—mhlawumbe omunye umuntu uye wakuphatha kabi noma uthola kunzima ukuxoxisana noma ukuzwana nomunye umuntu. Kulezi zikhathi, zama ukukhumbula uthando oke waluzwa kubangani, kumndeni, kuBaba waseZulwini, kanye nakuJesu Kristu. Khumbula injabulo oyizwile kulezo zikhathi futhi uzame ukucabanga ukuthi uma wonke umuntu angathola lelo thuba lokuzwa uthando olunjalo. Khumbula ukuthi wonke umuntu uyindodakazi noma indodana kaNkulunkulu futhi ufanelwe ukuthola uthando Lwakhe kanye nolwakho.

Cabanga ngomuntu empilweni yakho oke wathola ubunzima kokuzwana naye. Bathandazele futhi ucele uBaba waseZulwini ukuba avule inhliziyo yakho kubona. Maduzane nje uzoqala ukubabona ngendlela ababona ngayo: njengabanye abantwana Bakhe abathandayo.

Emva kokuthandaza, benzele okuthize okuhle! Mhlawumbe ungabamema emhlanganweni wentsha noma nizikhiphe kanye nabangane. Zinikele ngokubasiza ngomsebenzi wasekhaya. Noma nje ungathi “sawubona” bese umoyizela. Izinto ezincane zingenza umehluko omkhulu … ezimpilweni zenu zombili!

Shicilela